Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/13 k. 2
  • Ingabe Uyozuza Ngokuba Nensimu Yakho Siqu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyozuza Ngokuba Nensimu Yakho Siqu?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Unensimu Yakho Siqu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Izindlela Zokushumayela Izindaba Ezinhle
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Indlela Yokushumayela Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Sebenzela Ukuphumelela Enkonzweni Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 1/13 k. 2

Ingabe Uyozuza Ngokuba Nensimu Yakho Siqu?

1. Iyini insimu yomuntu siqu?

1 Iyini insimu yomuntu siqu? Emabandleni anensimu enkulu, umuntu angaba nensimu yakhe, mhlawumbe eduze kwalapho ehlala khona. Incwadi ethi Ukuhlelelwa, ekhasini 103, iyachaza: “Ukuba nensimu yakho endaweni ekulungele kuyokwenza ukwazi ukusisebenzisa kahle isikhathi ongasichitha enkonzweni yasensimini. Futhi ungase uthande ukumema omunye ummemezeli ukuba asebenze nawe ensimini yakho.”

2. Insimu yomuntu siqu ingasetshenziswa kanjani ukwenezela ekufakazeni neqembu?

2 Ukwenezela Ekushumayeleni Neqembu: Uma uthola insimu yakho siqu eduze kwendawo osebenza kuyo, ungahlanganyela enkonzweni ngesikhathi sekhefu lakho lasemini noma ngaphambi kokubuyela ekhaya, mhlawumbe ukanye nomunye ummemezeli osebenza eduze. Uma insimu yakho ingasekhaya, wena nomndeni wakho ningayisebenzisela ukufakaza kusihlwa. Yiqiniso ukuthi uma ningeke nibe khona emhlanganweni wenkonzo yasensimini, kuyofaneleka ukuthandazela isiqondiso sikaJehova ngaphambi kokuba niqale ukushumayela. (Fil. 4:6) Ngaphezu kwalokho, kufanele ulinganisele phakathi kwesikhathi osisebenza ensimini yakho siqu naleso osekela ngaso ilungiselelo lokufakaza neqembu lasebandleni. Ngokuvamile kungcono ukusekela iqembu lakho lenkonzo yasensimini lapho iningi liba khona ukuze liye enkonzweni, ikakhulu ngezimpelasonto.

3. Ziyini izinzuzo zokuba nensimu yakho siqu?

3 Izinzuzo: Uma unensimu yakho siqu, unendawo ongashumayela kuyo noma nini lapho izinhlelo zakho zikuvumela. Ungasebenzisa isikhathi esiningi ekushumayeleni bese siba sincane osichitha uhamba. Lokhu kwenza abanye bakwazi ukuba amaphayona asizayo noma avamile. Njengoba abaninikhaya abanesithakazelo bakhelene, kulula ukubuyela kubo nokubaqhubela izifundo zeBhayibheli. Abaningi bathola ukuthi ukushumayela ensimini yabo kubasiza ukuba bajwayelane nabaninikhaya futhi babenze babethembe, ikakhulu uma insimu ingase isetshenzwe izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngaphambi kokuyibuyisa ukuze nabanye bayicele. Ingabe ukusebenza insimu yakho siqu kungakusiza wena nomndeni wakho ukuba niyifeze ngokugcwele inkonzo yenu?—2 Tim. 4:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela