Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—U-Amose
1. Kungani isibonelo sika-Amose singaba isikhuthazo kithi?
1 Ingabe wake wazizwa ungakufanelekeli ukushumayela ngenxa yesizinda sakho njengomuntu ophansi? Uma kunjalo, isibonelo sika-Amose sizokuqinisa idolo. Wayengumfuyi wezimvu futhi esebenza izikhathi ezithile zonyaka, noma kunjalo uJehova wamnika amandla okumemezela umyalezo onamandla. (Amose 1:1; 7:14, 15) Ngokufanayo, esikhathini sethu uJehova usebenzisa abantu abaphansi. (1 Kor. 1:27-29) Yiziphi ezinye zezifundo esizithola kumprofethi u-Amose esingazisebenzisa enkonzweni yethu?
2. Kungani singaqhubeka siqinile lapho siphikiswa enkonzweni yethu?
2 Hlale Uqinile Lapho Ubhekene Nokuphikiswa: Lapho u-Amaziya, umpristi owayekhulekela ithole embusweni wakwa-Israyeli wasenyakatho wezizwe eziyishumi, ezwa u-Amose eprofetha, waphendula ngokhahlo, kwafana nokuthi uthi: ‘Awusiyeke phansi! Hamba la! Sinenkolo yethu thina!’ (Amose 7:12, 13) Lapho u-Amaziya enza isicelo eNkosini uJerobowamu sokuvimbela umsebenzi ka-Amose, wasonta amazwi ka-Amose. (Amose 7:7-11) Kodwa u-Amose akazange esabe. Namuhla, abanye abefundisi bafuna usizo ezinhlanganweni zezombusazwe lapho bezama ukushushisa abantu bakaJehova. Nokho, uJehova usiqinisekisa ngokuthi akukho sikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nathi esiyophumelela.—Isaya 54:17.
3. Yimuphi umyalezo okabili esiwumemezelayo namuhla?
3 Memezela Isahlulelo SikaNkulunkulu Nezibusiso Ezizayo: Nakuba u-Amose aprofetha ngesahlulelo esasiyofikela umbuso wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli, waphetha incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe ngesithembiso sikaJehova sokubuyisela nesezibusiso eziningi. (Amose 9:13-15) Nathi sikhuluma ‘ngosuku’ lukaNkulunkulu “lokwahlulelwa” oluzayo, kodwa lokhu kumane nje kuyingxenye ‘yezindaba ezinhle zombuso’ okumelwe sizimemezele. (2 Pet. 3:7; Math. 24:14) Ukubhubhisa kukaJehova ababi nge-Armagedoni kuyovula indlela yokuba kube khona umhlaba oyipharadesi.—IHu. 37:34.
4. Yisiphi isiqinisekiso esinaso sokuthi singayifeza intando kaJehova?
4 Ukushumayela isigijimi soMbuso ezweni elinabaphikisi abaningi kuyakuvivinya ngempela ukuzimisela kwethu ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova nokwenza intando yakhe. (Joh. 15:19) Noma kunjalo, siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka esenza sifanelekele ukufeza intando yakhe, njengoba enza ku-Amose.—2 Kor. 3:5.