Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UHoseya
1. Yimuphi umbuzo okungenzeka uke wazibuza wona?
1 ‘Yini engizimisele ukuyidela ngenxa kaJehova?’ Mhlawumbe uke wazibuza lowo mbuzo lapho uzindla ngobuhle nesihe sakhe. (IHu. 103:2-4; 116:12) UHoseya wakwenza ngokuzithandela lokho uJehova ayemyale ngakho, nakuba kwakudinga ukuba azidele. Singamlingisa kanjani uHoseya?
2. Singasilingisa kanjani isibonelo esihle sikaHoseya sokuphikelela emsebenzini wokushumayela?
2 Shumayela Ngenkathi Enzima: Ngokuyinhloko, isigijimi sikaHoseya sasiqondiswe embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi, lapho ukukhulekela kweqiniso kwakucishe kwaqedwa khona. INkosi uJerobowamu II yenza okubi emehlweni kaJehova, yaqhubekisela phambili ukukhulekelwa kwethole okwakuqalwe uJerobowamu I. (2 AmaKh. 14:23, 24) Amakhosi amlandela aqhubeka nokonakala ngokomoya kombuso wezizwe eziyishumi, kwaze kwaba yilapho ekugcineni ubhujiswa ngo-740 B.C.E. Nokho, naphezu kokukhulekela kwamanga okwakudlangile, uHoseya wakhonza ngokwethembeka njengomprofethi okungenani iminyaka engu-59. Ingabe sizimisele ngokufanayo ukushumayela unyaka nonyaka, ngisho noma singanakwa noma siphikiswa?—2 Thim. 4:2.
3. Ukuphila kukaHoseya kwasifanekisela kanjani isihe sikaJehova?
3 Gxila Esiheni SikaJehova: UJehova wayala uHoseya ukuba ashade “umfazi ofebayo.” (Hos. 1:2) Nakuba umkakhe, uGomere, amzalela indodana, kubonakala sengathi kamuva wazala izingane ezimbili ezingamavezandlebe. Ukuzimisela kukaHoseya ukuxolela umkakhe kwafanekisela isihe sikaJehova esikhulu ku-Israyeli oyihlongandlebe lapho ephenduka. (Hos. 3:1; Roma 9:22-26) Ingabe sizimisele ukubekela eceleni izinto esizithandayo ukuze sazise zonke izinhlobo zabantu ngesihe sikaJehova?—1 Kor. 9:19-23.
4. Yiziphi ezinye zezinto esingase sizidele ngenxa kaJehova?
4 Ezinye izinceku zikaJehova zidele imisebenzi eholelayo ukuze zinikele isikhathi esithe xaxa enkonzweni. Ezinye ziye zahlala zingashadile noma zingenabantwana ukuze ziphishekele izithakazelo zoMbuso. Lapho sicabanga ngokuphila kukaHoseya, singase sithi, ‘Angisoze ngakwenza lokhu akwenza.’ Nokho, njengoba siwuqonda ngokwengeziwe umusa kaJehova ongafanelwe futhi sincika emoyeni wakhe ongcwele ukuze sithole amandla, angase asisebenzise ngezindlela esingakaze sizicabange, njengoHoseya.—Math. 19:26; Fil. 2:13.