UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yisekele Indlela Yokuziphatha Efunwa UJehova
UJehova uNkulunkulu ubekela abantu indlela afuna baziphathe ngayo. Ngokwesibonelo, ubeke umyalo wokuthi umshado kufanele ube isibopho esihlala njalo phakathi kwendoda nowesifazane. (Math 19:4-6, 9) Ulahla konke ukuziphatha okubi kocansi. (1Ko 6:9, 10) Uze abonise abantu bakhe indlela okufanele bagqoke futhi bazilungise ngayo ukuze bahluke.—Dut 22:5; 1Thim 2:9, 10.
Namuhla, abantu abaningi bayayenqaba indlela yokuziphatha efunwa uJehova. (Ro 1:18-32) Indlela abagqoka, bazilungise futhi baziphathe ngayo ithonywa yilokho okuthandwayo. Abaningi babukisa ngezinto ezimbi abazenzayo futhi bayabagxeka labo abaphila ngendlela ehlukile.—1Pet 4:3, 4.
Njengoba thina singoFakazi BakaJehova, kumelwe siyisekele ngesibindi indlela yokuziphatha efunwa uNkulunkulu. (Ro 12:9) Kanjani? Kufanele sazise abanye ngendlela engacunuli ukuthi yini uJehova ayamukelayo. Kodwa nathi ngokwethu kudingeka siphile ngendlela efunwa uJehova. Ngokwesibonelo, lapho sikhetha izitayela zokugqoka nezokuzilungisa kuhle sizibuze: ‘Ingabe engikukhethayo kubonisa indlela uJehova afuna siphile ngayo noma kubonisa indlela yezwe? Ingabe indlela engigqoka nengizilungisa ngayo iyabonisa ukuthi ngingumKristu ohlonipha uNkulunkulu?’ Ngisho nalapho sikhetha uhlelo noma i-movie esizoyibuka kuhle sizibuze: ‘Ingabe lolu hlelo luyamukeleka kuJehova? Iyiphi indlela yokuziphatha oluyikhuthazayo? Ingabe engikhetha ukuzijabulisa ngakho kungakwenza kube lula ukuba ngiziphathe kabi? (IHu 101:3) Kungaba yini isikhubekiso emndenini noma kwabanye?’—1Ko 10:31-33.
Kungani kubalulekile ukuziphatha ngendlela efunwa uJehova? Maduze uJesu Kristu uzobhubhisa izizwe aqede nabo bonke ububi. (Hez 9:4-7) Kuzosala labo abenza intando kaNkulunkulu kuphela. (1Joh 2:15-17) Ngakho, masisekele indlela yokuziphatha efunwa uJehova ukuze labo ababona ukuziphatha kwethu okuhle bakhazimulise uNkulunkulu.—1Pet 2:11, 12.
Indlela engigqoka nengizilungisa ngayo ibonisani ngendlela yami yokuziphatha?
BUKELA I-VIDEO ETHI YIBA UMNGANE KAJEHOVA—INDODA EYODWA, OWESIFAZANE OYEDWA, BESE NIXOXA NGEMIBUZO ELANDELAYO:
Kungani kuwukuhlakanipha ukuphila ngendlela efunwa uJehova?
Kungani abazali kufanele baqale ukufundisa izingane zabo zisencane indlela uJehova afuna ziphile ngayo?
Abasha nabadala bangabasiza kanjani abanye ukuba bazuze ezintweni ezinhle uNkulunkulu azosenzela zona?