Kumenyelwa umuntu emihlanganweni yethu eCook Islands
Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Ingabe izingelosi zikhona ngempela?
UmBhalo: IHu 103:20
Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ikhuluma ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngezingelosi nendlela ezingakuthinta ngayo ukuphila kwethu.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Ingabe isayensi ibonisa ukuthi lokho okushiwo iBhayibheli akulona iqiniso?
UmBhalo: Isaya 40:22
Iqiniso: IBhayibheli liyanemba lapho likhuluma ngezinto eziphathelene nesayensi.
ISIMEMO SOMHLANGANO WEBANDLA (inv)
Okuzohanjiswa: Ngicela ukukumemela enkulumweni yeBhayibheli yamahhala. Izobe iseHholo LoMbuso, okuyindawo esikhonza kuyo. [Mnike isimemo, umbonise isikhathi nendawo umhlangano wangempelasonto ozobe ukuyo, bese umtshela nesihloko senkulumo yeningi.]
Umbuzo: Uke waya yini eHholo LoMbuso? [Uma izimo zivuma, mdlalele i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso?]
ZENZELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.