UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UJehova Uthanda Umuphi Onamileyo
Kweyesi-2 Korinte 9:7, siyayalwa: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” Namuhla sinezindlela ezilula zokunikela nge-inthanethi ukuze sisekele umsebenzi woFakazi BakaJehova endaweni esihlala kuyo nasemhlabeni wonke.
BUKELA IVIDIYO ETHI INDLELA YOKUNIKELA USEBENZISA IMISHINI YEZOBUCHWEPHESHE, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Singangena kanjani lapho singathola khona imininingwane yezindlela esinganikela ngazo ezweni lakithi?
Abanye bazuze kanjani ngokunikela besebenzisa imishini yezobuchwepheshe?
Yiziphi ezinye zezindlela esingazisebenzisa ukuze sinikele?
Yini esingayenza uma singayiqondi indlela yokusebenzisa lezi zindlela ezintsha zokunikela ngemishini yezobuchwepheshe?