Yazisa UJesu Kristu—Isisekelo Sokholo Lwethu
1 Kubalulekile ukuqonda indima kaJesu Kristu ekufezekeni kwezinjongo zikaJehova. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo sesintu esilalelayo. (Math. 20:28) Ngaphandle kwamalungiselelo othando kaJehova ngoJesu Kristu, sasiyoqhubeka sisesimweni sokufa singenathemba lesikhathi esizayo.
2 Ikakhulukazi ngenkathi yeSikhumbuzo, sikhumbula ukuphila kukaJesu, izimfundiso zakhe, nomhlatshelo wakhe. (Luka 22:19) Siqaphela ukuthi “uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela,” sishukunyiselwa ukuba sazise uNkulunkulu noKristu ngokuhlanganyela ngentshiseko izindaba ezinhle nabanye. Singakwenza kanjani lokhu?—Roma 5:8, 10.
UKUBONAKALISA UKUBONGA
3 Siyaqaphela ukuthi inhlangano kaJehova ebonakalayo isebenza ngaphansi kobunhloko bukaJesu. Lapha emhlabeni, isigaba senceku ethembekileyo sisinikeza ukondliwa okungokomoya esikudingayo. Kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke, uJesu wabonisa ukwazisa okujulile ngeZwi likaYise, futhi sifuna ukulingisa isibonelo sakhe ngokutadisha futhi sizindle ngokudla okungokomoya okulungiselelwayo sinombono wokufundisa abanye ngokuphumelelayo. (Math. 24:45, 46; Luka 2:46-50) Ukubonga kwethu ngenhlangano nangamalungiselelo angokomoya ewanikezayo kubonakaliswa ngokulandela kwethu ukuqondisa kwayo nangokubambisana nabadala.
4 Singabonisa futhi ukumazisa uKristu futhi sihlobise inkonzo yethu ngokusebenzisa lokho esikufundayo eZwini likaNkulunkulu. UJesu wayengumpristi ophakeme ongenasici, “owahlukanisiwe nezoni.” (Heb. 7:26) Wayengenalo icala lokwenza into ephikisana nakushoyo. Njengezinceku ezikanye naye, sidinga ukuphila ngendinganiso ephakeme efanayo. Ngakho lapho sitshela abanye ngesimiso esisha sokulunga uJehova asithembisile, sifuna ukuphila manje ngendlela eyosenza sifane nalelozwe elisha.—Math. 7:21; 1 Joh. 2:17.
UKUSHUMAYELA NGAPHANSI KOBUNHLOKO BUKAKRISTU
5 Phakathi noApril noMay, sizohambisa isikhokhelo seNqabayokulinda. UJesu singamazisa ngokubonisa abantu esibahambisele ukuthi injongo yeNqabayokulinda, njengoba ichazwe ekhasini 2 likamagazini ngamunye, iwukukhuthaza “ukukholwa eNkosini ebusa manje, uJesu Kristu, egazi layo elachitheka livula indlela ngesintu ukuba sizuze ukuphila okuphakade.” Qiniseka ukuba uhambise isikhokhelo kuqala noma nini lapho kunokwenzeka khona. Uma isikhokhelo singamukelwa, ungahambisa omagazini ababili kanye nencwajana engangomagazini, ngaleyondlela utshala imbewu ethile yeqiniso.
6 Isixuku esikhulu sabantu esingakabi oFakazi sibonisa inhlonipho ngoJesu ngokuba khona eSikhumbuzweni. Ingabe abanjalo bangasizwa ukuba benze intuthuko eyengeziwe engokomoya ngesifundo somuntu siqu seBhayibheli? Kuyoba kuhle ukuqiniseka ukuthi othile uyabahambela futhi ubanikeza usizo abaludingayo. Ngosizo lothando, abanye bangase bathuthuke kuze kube sezingeni lokuhlanganyela enkonzweni ngaphambi komkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa olandelayo.
7 Yeka indlela esibonga ngayo ngomhlatshelo wothando woMhlengi wethu, uJesu! Uye wasinikeza ithemba eliqinisekile. Indlela yakhe yokuphila kanye nombhalo ogciniwe wenkonzo yakhe usinikeza isibonelo esiphelele sokusilandela.