Lalela Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho!
Amaphuzu Avelele Avela KweyesiBili KaPetru
IZWI likaJehova lesiprofetho, noma isigijimi, lifana nesibani esikhanya endaweni emnyama, futhi amaKristu eqiniso kudingeka alilalele ngokucophelela. Lokho akulula lapho abafundisi bamanga bezama ukukhuthaza ukuhlubuka. Kodwa kungenzeka ngosizo lwaphezulu. Futhi kumelwe sinamathele ngokunganyakazi ezwini likaNkulunkulu ukuze sisinde osukwini lukaJehova olusondela ngokushesha.
Incwadi yesibili ephefumlelwe yomphostoli uPetru ingasisiza ukuba silalele izwi likaNkulunkulu lesiprofetho. UPetru wabhala lencwadi mhlawumbe eseBabiloni cishe ngo-64 C.E. Encwadini yakhe ulwela iqiniso likaNkulunkulu, uxwayisa akholwa nabo ngokufika kosuku lukaJehova njengesela, futhi usiza abafundi bencwadi yakhe ukuba bangadukiswa isiphambeko sabantu abenqaba umthetho. Njengoba usuku lukaJehova cishe seluphezu kwethu, singazuza kakhulu emazwini kaPetru aphefumlelwe.
Thembela Ezwini Lesiprofetho
NjengamaKristu, kudingeka sizikhandle ekuboniseni izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu futhi kumelwe silalele izwi lesiprofetho. (1:1-21) Ukuze sigweme ukuba abapholile noma abangenazithelo, kudingeka ‘sinezele okholweni lwethu ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, uthando lobuzalwane, nothando.’ Lapho uPetru ebona uJesu eguquka isimo futhi ezwa uNkulunkulu ekhuluma ngoKristu ngalesosikhathi, izwi lesiprofetho laqinisekiswa ngokwengeziwe. (Marku 9:1-8) Kudingeka sililalele lelozwi eliphefumlelwe ngokwaphezulu.
Xwaya Izihlubuki
Ngokulalela ngokucophelela izwi likaNkulunkulu lesiprofetho, singaxwaya izihlubuki nabanye abantu abonakele. (2:1-22) UPetru waxwayisa ngokuthi abafundisi bamanga babeyongena ngokunyenya ebandleni. Nokho, uJehova uyozahlulela kabi lezihlubuki, njengoba nje ahlulela izingelosi ezingalaleli, izwe elingamesabi uNkulunkulu losuku lukaNowa, nemizi yaseSodoma naseGomora. Abafundisi bamanga badelela igunya elinikezwe uNkulunkulu futhi bayenga ababuthaka ukuba bahlanganyele nabo ekoneni. Bekuyoba ngcono ngezihlubuki ezinjalo ukuba bezingayazanga “indlela yokulunga kunokuba kuthi sebeyazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.”
Usuku LukaJehova Luyeza!
Njengalabo abalalela izwi lesiprofetho kulezinsuku zokugcina, akumelwe sizivumele ukuba sithonywe abahleki bosulu abahleka isigijimi sokuba khona kukaJesu. (3:1-18) Bayakhohlwa ukuthi uNkulunkulu oye wahlela ukubhubhisa lesimiso sezinto wabhubhisa izwe langaphambi kukaZamcolo. Ukubekezela kukaJehova akumelwe kubhekwe njengokwephuza, ngoba ufuna ukuba abantu baphenduke. Lesimiso siyobhujiswa ‘ngosuku lukaJehova’ futhi siyothathelwa indawo ‘amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.’ Ngakho-ke, kumelwe senze konke okusemandleni ethu, ukuba ‘singabi nabala, singabi nacala futhi sibe sekuthuleni.’ Kunokuba sidukiswe abafundisi bamanga, masikhule olwazini ngoJesu Kristu.
Masizindle ngamazwi kaPetru. Ungalokothi uhluleke ukuxwaya abafundisi bamanga. Phila ngokuqaphela ukuthi usuku lukaJehova luza ngokushesha. Futhi hlala ulalela izwi likaNkulunkulu lesiprofetho.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 31]
Ukulahlelwa ETartarus: UJehova ‘akaziyekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe eTartarus, emigodini yobumnyama obukhulu, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa.’ (2 Petru 2:4, qhathanisa neNW) Lena akuyona iTartarus yenganekwane evezwa kuyi-Iliad kaHomer njengendawo engaphansi komhlaba lapho onkulunkulu bamanga abangaphansana, uCronus neminye imimoya kaTitan, yayivalelwe khona. ITartarus engokweBhayibheli iyisimo sokuthotshiswa, esinjengejele uNkulunkulu aphonsa kuso izingelosi ezingalaleli osukwini lukaNowa. (Genesise 6:1-8; 1 Petru 3:19, 20; Juda 6) ‘Ubumnyama obukhulu’ buwumphumela wokususwa kwazo uNkulunkulu ekukhanyeni okungokomoya njengezixoshiwe emkhayeni wakhe. Njengalezo ezigcinelwe isahlulelo sakhe esibi, zinamathemba amnyama nje kuphela. ITartarus iyibika lokuphonswa kwalasha uSathane namademoni abazokubona ngaphambi kokuqala kokuBusa kukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Ukubhujiswa kwazo kuyokwenzeka ngemva kokuBusa KukaJesu Kwenkulungwane Yeminyaka.—Mathewu 25:41; IsAmbulo 20:1-3, 7-10, 14.
[Isithombe]
UZeus ulahlela onkulunkulu abangaphansana eTartarus yenganekwane
[Umthombo]
National Archaeological Museum, Athens, Greece