-
Yini Ekuvimbela Ukuba Ubhapathizwe?INqabayokulinda—1989 | Januwari 15
-
-
24. Kungasiphi isizathu abanye futhi bezindela ukuba babhapathizwe?
24 Umuzwa wokuthi abanalwazi olwanele ukuze bachaze imiBhalo ubangela abanye futhi ukuba bagweme ukubhapathizwa. Kodwa umthenwa wase-Etiyopiya wayekulungele ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngemva kwengxoxo noFiliphu lapho bekhwele enqoleni. Ngokuqinisekile, ekuqaleni umTiyopiya wayengeke akwazi ukuphendula yonke imibuzo yalabo akhuluma nabo ngeqiniso. Kodwa inhliziyo yakhe yachichima ngokubonga ngalokho ayekuzwile, futhi akazange azindele ngokwesaba. “Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba.” (1 Johane 4:18) Akulona ikhanda eligcwele izimpendulo kodwa inhliziyo egcwele uthando okushukumisela umuntu ukuba azinikezele kuNkulunkulu futhi abhapathizwe.—Luka 10:25-28.
25. UJehova uNkulunkulu ulindeleni kulabo abathi bayamthanda?
25 Uma ungakabhapathizwa, zibuze: UNkulunkulu ulindeleni kulabo abathi bayamthanda? Ufuna ukuzinikezela okukhethekile futhi ufuna labo abayomkhulekela “ngoMoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24; Eksodusi 20:4, 5; Luka 4:8) Umthenwa wase-Etiyopiya wanikela lolohlobo lokukhulekela, futhi akazange alibale lapho enikezwa ithuba lokubhapathizwa. Akufanele yini wenze ukuzinikezela kuJehova kube indaba yomthandazo oqotho manje bese uzibuza: “Kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”
-
-
Indlela Ubhapathizo Olungasisindisa NgayoINqabayokulinda—1989 | Januwari 15
-
-
Indlela Ubhapathizo Olungasisindisa Ngayo
“Ukucwiliswa . . . kuyasisindisa.”—1 PETRU 3:21, The Emphatic Diaglott.
1, 2. Yini edingekayo ngaphambi kokuba umuntu angenele ubhapathizo lwamanzi?
UJEHOVA unezimfuneko eziqondile kulabo abafuna ukusindiswa. Kumelwe bazuze ulwazi oluqondile, babonise ukholo, baphenduke ezonweni zabo, baguquke, bazinikezele kuNkulunkulu, futhi babhapathizwe njengabakholwayo. (Johane 3:16; 17:3; IzEnzo 3:19; 18:8) Abazobhapathizwa kumelwe bavume obala ukuthi ngesisekelo somhlatshelo kaJesu baye baphenduka ezonweni zabo, futhi baye bazinikezela kuJehova. Kumelwe futhi baqonde ukuthi ukuzinikezela nobhapathizo kubaphawula njengoFakazi BakaJehova.
2 Lonke ilungiselelo lobhapathizo, kuhlanganise nalokhu kubonakaliswa kokholo obala, kudingekile ukuze sisindiswe. (Roma 10:10) Lokhu kwaqinisekiswa lapho umphostoli uPetru ebhala: “Ukucwiliswa . . . kuyasisindisa.” (1 Petru 3:21, ED) Kodwa empeleni kufanele siwaqonde kanjani lamazwi? Umongo ubonisani?
Indlela Ubhapathizo Olusindisa Ngayo
3. Ngamazwi akho, ubungayifingqa kanjani eyoku-1 Petru 3:18-21?
3 UPetru wabonisa ukuthi njengomoya ovusiwe, uJesu washumayela isigijimi sembubhiso emimoyeni emibi esekuboshweni, amademoni agcinelwe ukwahlulelwa kosuku olukhulu lukaJehova ngezibopho zaphakade. Awalalelanga ngokwenza imizimba yawo ibe eyenyama nokuhlala nabesifazane “lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa,abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili [uNowa, umkakhe, amadodana akhe, nomkawo] ngawo amanzi.” UPetru wanezela: “[Okufana nalokhu kuyanisindisa nani manje], okungukuthi, ngombhapathizo, kungesikho [nje] ukususa
-