Isizathu Sokuba Sidinge Ukholo Nokuhlakanipha
Amaphuzu Avelele Avela Encwadini KaJakobe
IZINCEKU zikaJehova zidinga ukubekezela lapho zingaphansi kokulingwa. Kumelwe futhi zigweme ukuziphatha okungaphumela ekubeni zingakutholi ukuvunyelwa kwaphezulu. Amaphuzu anjalo agcizelelwe encwadini kaJakobe, futhi ukwenza okuthile ngawo kudinga ukholo olunenkuthalo nokuhlakanipha kwasezulwini.
Umlobi walencwadi akazivezi njengomunye wabaphostoli ababili bakaJesu ababizwa ngokuthi oJakobe kodwa ‘njengenceku kaNkulunkulu nekaKristu.’ Ngokufanayo, umfowabo kaJesu ngamzali-munye uJuda uthi ‘uyinceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe.’ (Jakobe 1:1; Juda 1; Mathewu 10:2, 3) Ngakho-ke, umfowabo kaJesu ngamzali-munye uJakobe ngokusobala wabhala lencwadi ebizwa ngegama lakhe.—Marku 6:3.
Lencwadi ayikuphathi ukubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., futhi isazi-mlando uJosephus sibonisa ukuthi uJakobe wabulawelwa ukholo ngokushesha nje ngemva kokufa kombusi ongumRoma uFestu cishe ngo-62 C.E. Khona-ke ngokusobala lencwadi yalotshwa ngaphambi kuka-62 C.E. Yayiqondiswe ‘ezizweni eziyishumi nambili’ zakwaIsrayeli ongokomoya, ngoba yayiqondiswe kulabo ababambe ‘ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Kristu.’—Jakobe 1:1; 2:1; Galathiya 6:16.
UJakobe usebenzisa imifanekiso engasisiza ukuba sikhumbule iseluleko sakhe. Ngokwesibonelo, ubonisa ukuthi umuntu ocela ukuhlakanipha kuNkulunkulu akufanele angabaze, “ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.” (1:5-8) Ulimi lwethu kufanele lulawulwe ngoba lungaqondisa inkambo yethu njengoba iphini liqondisa umkhumbi. (3:1, 4) Futhi ukuze sibhekane nezilingo, sidinga ukubonisa ukukhuthazela ngesineke njengoba kwenza umlimi lapho elindele isivuno.—5:7, 8.
Ukholo, Izilingo, Nemisebenzi
UJakobe uqala ngokubonisa ukuthi singaba abajabule njengamaKristu naphezu kwezilingo zethu. (1:1-18) Ezinye zalezilingo, njengokugula, zivamile kubo bonke abantu, kodwa amaKristu abuye ahlupheke ngenxa yokuba izinceku zikaNkulunkulu nezikaKristu. UJehova uyosinika ukuhlakanipha okudingekile ukuze sikhuthazele uma sihlala sikucela ngokholo. Akalokothi asilinge ngezinto ezimbi, futhi singathembela kuye ukuba asinikeze okuhle.
Ukuze sithole usizo lukaNkulunkulu, kumelwe simkhulekele ngemisebenzi ebonisa ukholo lwethu. (1:19–2:26) Lokhu kudinga ukuba sibe “ngabalenza izwi,” hhayi abalizwayo kuphela. Kumelwe silawule ulimi, sinakekele izintandane nabafelokazi, futhi sihlale singenabala lokwezwe. Uma sithanda abacebile futhi singabanaki abampofu, siyophula “umthetho wobukhosi” wothando. Kudingeka sikhumbule futhi ukuthi ukholo lubonakaliswa ngemisebenzi, njengoba izibonelo zika-Abrahama noRahabi zibonisa kahle. Ngempela, “ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.”
Ukuhlakanipha Kwasezulwini Nomthandazo
Abafundisi badinga kokubili ukholo nokuhlakanipha ukuze benze imisebenzi yabo. (3:1-18) Banomthwalo wemfanelo osinda kakhulu njengabaqeqeshi. Njengabo, kumelwe silawule ulimi—okuyinto ukuhlakanipha kwasezulwini okusisiza ukuba siyenze.
Ukuhlakanipha futhi kusenza sikwazi ukuqaphela ukuthi ukunqotshwa izindlela zezwe kuyokonakalisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu. (4:1–5:12) Uma siye salwela ukufinyelela imigomo yobugovu noma siye sagxeka abazalwane bethu, sidinga ukuphenduka. Futhi yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukugwema ubungane nalelizwe, ngoba lokhu kuwukuphinga okungokomoya! Kwangathi singelokothe singayinaki intando kaNkulunkulu ngokuhlelela izinto ezingokwenyama, futhi kwangathi singawugwema umoya wokucasuka nokuthukuthelelana.
Noma ubani ogulayo ngokomoya kufanele afune usizo lwabadala bebandla. (5:13-20) Uma kwenziwe izono, imithandazo yabo neseluleko esihlakaniphile kuyosiza ekubuyiseleni impilo engokomoya yesoni esiphendukayo. Eqinisweni, “obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo [womenzi wobubi] ekufeni [okungokomoya nokwaphakade.]”
[Ibhokisi ekhasini 23]
Abalenza Izwi: Kufanele ‘sibe-ngabalenza izwi, singabi-ngabalizwayo kuphela.’ (Jakobe 1:22-25) Umuntu ozwayo kuphela “ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni.” Ngemva kokuzihlola isikhashana, uyahamba “akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.” Kodwa ‘olenzayo izwi’ ubheka ngokucophelela emthethweni kaNkulunkulu ongenasici, noma ophelele, emukela konke okulindeleke kumKristu. ‘Uhlala kuwo,’ eqhubeka ehlolisisa lowomthetho enombono wokwenza ukulungisa ukuze azivumelanise nawo ngokuseduze. (IHubo 119:16) ‘Olenza izwi’ uhluke kanjani kumuntu obuka esibukweni bese ekhohlwa lokho esikwembulayo? Phela, olenzayo uyalisebenzisa izwi likaJehova futhi ujabulela ukuvunyelwa nguYe!—IHubo 19:7-11.