Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Osanta
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • Uma Umuntu Ethi—

      ‘Uyakholelwa kosanta?’

      Ungase uphendule: ‘Ibaphi obhekisele kubo?’ Uma umuntu ephawula uMariya noma abaphostoli, ungase mhlawumbe unezele: (1) ‘Yebo, kuyabhekiselwa kubo emiBhalweni eNgcwele, futhi ngiyakukholelwa okulotshwe lapho. Kodwa nginesithakazelo ngokukhethekile kulokho abakwenzayo namuhla nokuthi kusithinta kanjani, akunjalo nangawe? . . . Ngiye ngathola okuthile okuthakazelisa kakhulu ngabo lapha emiBhalweni eNgcwele, futhi ngingathanda ukuxoxa nawe ngakho. (IsAm. 5:9, 10)’ [Phawula, ungakusebenzisa uma kuphakama umbuzo ngokuqondene nendlela umbhalo obekwe ngayo: iJB ithi “bayobusa izwe.” ICC ifundeka ngokuthi “bayobusa phezu komhlaba.” IKx ithi “bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” Kodwa iNAB neDy ithi “babuse emhlabeni.” Ngokuqondene nokukhulumela ngohlelo lolimi lwesiGreki, bheka ikhasi 202, ngaphansi kwesithi “Izulu.”] (2) ‘Kuyoba njani ukuphila ngaphansi kukahulumeni onjalo? (IsAm. 21:2-4)’

      Noma ungase uthi (uma wake waba umKatolika): ‘Eminyakeni eminingi ngangihlanganyela emikhosini yawosanta futhi ngangithandaza njalo kubo. Kodwa ngabe sengifunda okuthile emiBhalweni eNgcwele okwangibangela ngakubheka ngenye indlela engangikwenza. Ngicela ukukubonisa khona. (Bheka ikhasi 217.)’

  • UAdamu NoEva
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • UAdamu NoEva

      Incazelo: UAdamu wayeyisidalwa sokuqala esingumuntu. Igama lesiHeberu elithi ’a·dhamʹ lihunyushwa futhi ngokuqondile ngokuthi “umuntu,” “umuntu womhlaba,” nokuthi “isintu.” UEva, owesifazane wokuqala, wayengumka-Adamu.

      Ingabe uAdamu noEva babemane bengabantu bokucatshangelwa nje?

      Ingabe kungokungenangqondo ukukholelwa ukuthi sonke savela kubazali abafanayo bokuqala?

      “Isayensi manje ifakazela lokho izinkolo eziningi ezinkulu ebezikushumayela isikhathi eside: Abantu bazo zonke izinhlanga . . . bavela kumuntu wokuqala ofanayo.”—Heredity in Humans (Philadelphia and New York, 1972), Amram Scheinfeld, k. 238.

      “Indaba yeBhayibheli ka-Adamu noEva, uyise nonina waso sonke isintu, emakhulwini amaningi eminyaka adlule yalandisa ngeqiniso elifanayo nalelo isayensi elibonisayo namuhla: ukuthi bonke abantu bomhlaba bangumkhaya owodwa futhi banendabuko efanayo.”—The Races of Mankind (New York, 1978), uRuth Benedict noGene Weltfish, k. 3.

      IzE. 17:26: “[UNkulunkulu] wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba.”

      Ingabe iBhayibheli liveza uAdamu njengomuntu ocatshangelwayo omelele bonke abantu bokuqala?

      Juda 14: “UEnoke ongowesikhombisa kusukela kuAdamu waprofetha.” (UEnoke wayengeyena owesikhombisa kusukela kubo bonke abantu bokuqala.)

      Luka 3:23-38: “Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba-ngamashumi amathathu, eyindodana . . . kaDavide . . . ka-Abrahama . . . ka-Adamu.” (UDavide noAbrahama bangabantu abaziwa kahle emlandweni. Ngakho-ke akukhona yini ukuhlakanipha ukuphetha ngokuthi uAdamu wayengumuntu woqobo?)

      Gen. 5:3: “UAdamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.” (Uyise kaSeti ngokuqinisekile kwakungewona wonke amadoda asekuqaleni, futhi wonke lawomadoda akuqala awazange abe namadodana eneminyaka eyi-130 ubudala.)

      Ingabe inkulumo yokuthi inyoka yakhuluma noEva isho ukuthi lomlando owokucatshangelwa?

      Gen. 3:1-4: “Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emithini yasensimini, na? Owesifazane wathi enyokeni: . . . UNkulunkulu ushilo ukuthi: Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi. Inyoka yathi kowesifazane: Aniyikufa nokufa.”

      Joh. 8:44: “[UJesu wathi:] USathane . . . lokhu engumqambimanga noyise wawo.” (Ngakho uDeveli ungumthombo wamanga okuqala, akhulunywa e-Edene. Wasebenzisa inyoka njengomkhulumeli obonakalayo. Umlando kaGenesise awusebenzisi izidalwa ezicatshangelwayo ukuze ufundise isifundo. Bheka futhi isAmbulo 12:9.)

      Isibonelo: Kungokuvamile ngomuntu osebenzisa ubulozi ukwenza kubonakale sengathi izwi lakhe livela kwenye indawo. Qhathanisa noNumeri 22:26-31, ositshela ukuthi uJehova wabangela imbongolo kaBalami ukuba ikhulume.

      Ukuba “umuntu wokuqala uAdamu” wayemane nje engowokucatshangelwa, kuthiwani ‘ngoAdamu wokugcina,’ uJesu Kristu?

      1 Kor. 15:45, 47: “Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala uAdamu waba-ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba-ngumoya ophilisayo. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.” (Ngakho ukuphika ukuthi uAdamu wayengumuntu wangempela owona kuNkulunkulu kusikisela ukuthi singabaza lokho uJesu Kristu ayikho. Ukuphika okunjalo kuholela ekuphikeni isizathu esenza kudingeke ngoJesu ukuba anikele ukuphila kwakhe ngenxa yesintu. Ukwenqaba lokho kusho ukulahla ukholo lobuKristu.)

      UJesu ngokwakhe wawubheka kanjani umlando kaGenesise?

      Math. 19:4, 5: “[UJesu] wathi kubo: Anifundanga yini [kuGenesise 1:27; 2:24] ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane [uAdamu noEva], wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye, na?” (Njengoba uJesu akholelwa ukuthi umlando kaGenesise uyiqiniso, akumelwe yini nathi siwukholelwe?)

      Uma Umuntu Ethi—

      ‘Isono sika-Adamu sasiyintando kaNkulunkulu, icebo likaNkulunkulu.’

      Ungase uphendule: ‘Abantu abaningi baye basho kanjalo. Kodwa uma bengingenza into ofuna ngiyenze, ubungangithwesa icala ngalokho? . . . Khona-ke, uma isono sika-Adamu sasiyintando kaNkulunkulu, kungani uAdamu axoshwa e-Edene njengesoni? (Gen. 3:17-19, 23, 24)’

      Noma ungase uthi: ‘Iphuzu elithakazelisayo lelo, futhi impendulo eqinisweni ihilela uhlobo lomuntu uNkulunkulu ayilo. Bekungaba okufanele noma uthando ukulahla umuntu ngokwenza okuthile wena ngokwakho ocebe ukuba akwenze?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘UJehova unguNkulunkulu wothando. (1 Joh. 4:8) Zonke izindlela zakhe ziwukulunga. (IHu. 37:28; Dut. 32:4) Kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuba uAdamu one; wamxwayisa ngakho. (Gen. 2:17)’ (2) ‘UNkulunkulu wamnikeza uAdamu, njengoba esinika nathi, inkululeko yokuzikhethela lokho ayefuna ukukwenza. Ukuphelela kwakhe akumvimbelanga ukuba akhethe ukungalaleli. UAdamu wakhetha ukuhlubuka kuNkulunkulu, naphezu kwesixwayiso sokuthi umphumela kwakuyoba ukufa.’ (Bheka futhi ikhasi 271.)

  • UBhapathizo
    Ukubonisana NgemiBhalo
    • UBhapathizo

      Incazelo: Igama elithi “bhapathiza” livela kwelesiGreki elithi ba·ptiʹzein, elisho “ukushonisa, ukucwilisa.” (A Greek-English Lexicon, kaLiddell noScott) Ubhapathizo lwamanzi lobuKristu luyisibonakaliso sangaphandle sokuthi lowo obhapathizwayo uye wazinikezela ngokuphelele, ngokungagodli nangokungenambandela ngoJesu Kristu ukuba enze intando kaJehova uNkulunkulu. ImiBhalo futhi ibhekisela obhapathizweni lukaJohane, ubhapathizo lomoya ongcwele, nobhapathizo lomlilo, phakathi kokunye.

      Ingabe abantu abakholelwa ngempela eZwini likaNkulunkulu bayazigodla ekubhapathizweni?

      Math. 28:19, 20: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.”

      IzE. 2:41: “Abalamukelayo izwi lakhe babhapathizwa.”

      IzE. 8:12: “Bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.”

      IzE. 8:36-38: “Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa [wase-Etiyopiya] wathi: Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na? . . . Wayala ukuba inqola ime. . . . [uFiliphu] wambhapathiza.”

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela