Yini Esizoyifeza Phakathi Nalonyaka Wenkonzo?
1 Njengoba unyaka wenkonzo ka-1994 uye waqala ngo-September 1, manje yisikhathi esifanele sokuba sonke njengabantu bakaJehova sinqume ngokucacile ezingqondweni zethu lokho esifisa ukukufeza njengabantu ngabanye nanjengenhlangano phakathi nalonyaka wenkonzo omusha.
2 Qhubeka Ukhula Ngokomoya: Uma sisebasha eqinisweni, kufanele sifise ukuqina okholweni. (Heb. 6:1–3) Uma sesiqinile kakade ngokomoya, akufanele nje sigcine ngokusiza abasanda kuhlanganyela kanye nabanye kodwa kumelwe sihlale silinakekela nelethu ingokomoya, singalokothi sibe nomuzwa wokuthi sinalo lonke ulwazi oludingekayo lweBhayibheli nokuhlangenwe nakho ekuphileni kobuKristu. Ingabe siyalicabangela itekisi losuku, sihambisane nesimiso sokufundwa kweBhayibheli njengoba sihlelwe eSimisweni Sesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, futhi silungiselele iSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo Se-Nqabayokulinda? Lokho kufanele okungenani kube umgomo wethu sonke. Kumelwe siqhubeke sikhula ngokomoya ukuze sisinde ekubhujisweni kwalesimiso sezinto esibi futhi silondolozwe singene ezweni elisha likaNkulunkulu.—Qhathanisa neyabaseFilipi 3:12-16.
3 Hlala Uhlanzekile Ngokomoya: Ukuze samukeleke ngokugcwele kuJehova, kumelwe sihlanzeke kukho ‘konke ukungcola kwenyama nokomoya.’ (2 Kor. 7:1) Lapho nje sesihlanzekile, kungani singabuye sifune “ukuzibhixa odakeni” lwalelizwe elibi elidala? (Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:22.) Kumelwe sizimisele ukuhlala siqinile futhi sihlanzekile ngokomoya. Khona-ke ngeke singawazi amacebo amabi kaSathane bese siyanqotshwa, siwele esonweni futhi singabe sisamukelwa uJehova.—2 Kor. 2:11.
4 Lalela Iseluleko Esihlakaniphile: IzAga 15:22 ziveza ukuthi: “Ngobuningi babeluleki [amasu] ayakuma.” Nokho, khumbula ukuthi umuntu owakhuluma lawomazwi, uSolomoni, kamuva wavumela ‘omkakhe ukuba baphambukise inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu’ ngoba ehlulekile ukulalela iseluleko sikaNkulunkulu sokungathathi amakhosikazi kwabezizwe. (1 AmaKh. 11:1–4) Ngakho uma nathi singasilaleli iseluleko esihlakaniphile, singalindela kanjani ukuphumelela enkonzweni kaJehova noma sibeke isibonelo esifanelwe ukulingiswa? (1 Thim. 4:15) Iseluleko seBhayibheli siyosisiza silondoloze izinhliziyo zethu. (IzAga 4:23) Ukuthanda okuthandwa uJehova, ukuzonda akuzondayo, ukuhlala njalo sifuna isiqondiso sakhe nokwenza okumjabulisayo kuyisivikelo sangempela.—IzAga 8:13; Joh. 8:29; Heb. 1:9.
5 Ukukhulekela kwethu uJehova akuzenzekeli, akulona uhlobo lokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu olunjengolwamaKristu okuzisholo ezweni, kodwa kuyashukumisa, kuqhubezela esenzweni, futhi kuyaphila ngokuvumelana neqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu.—Joh. 4:23‚ 24.
6 Ukuzimisela kwethu ukwenza intando kaNkulunkulu kungase kuvivinywe nsuku zonke. Kufanele siqiniswe ukwazi ukuthi “yonke inhlangano” yabafowethu ibhekene novivinyo olufanayo nokuthi nguJehova oyosiqinisa. (1 Pet. 5:9‚ 10) Ngaleyondlela siyokwazi ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994.—2 Thim. 4:5.