Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo
1. Abaprofethi Bamanga
A. Abaprofethi bamanga babikezelwa; babekhona osukwini lwabaphostoli
Indlela yokubona abaprofethi bamanga. Dut 18:20-22 Luk 6:26
Babikezelwa; babonwa ngezithelo. Mat 24:23-26; 7:15-23
2. Amaholide, Izinsuku Zokuzalwa
A. Izinsuku zokuzalwa, uKhisimusi, kwakungagujwa amaKristu akuqala
Labo abangesibo abakhulekeli beqiniso bazigubha. Gen 40:20; Mat 14:6
Kumelwe kukhunjulwe usuku lokufa kukaJesu. Luk 22:19, 20; 1Ko 11:25, 26
Ukuxokozela kwasemadilini akufanelekile. Rom 13:13; Gal 5:21; 1Pe 4:3
3. I-Armagedoni
A. Impi kaNkulunkulu yokuqeda ububi
Izizwe zibuthelwa e-Armagedoni. IsAm 16:14, 16
UNkulunkulu uyalwa, esebenzisa iNdodana nezingelosi. 2The 1:6-9; IsAm 19:11-16
Indlela esingasinda ngayo. Zef 2:2, 3; IsAm 7:14
B. Uthando lukaNkulunkulu aluphazamisekanga
Umhlaba wonakele ngokweqile. 2Ti 3:1-5
UNkulunkulu uyabekezela, kodwa ubulungisa bufuna kuthathwe isinyathelo. 2Pe 3:9, 15; Luk 18:7, 8
Ababi kumelwe baqedwe ukuze abalungileyo bachume. IzA 21:18; IsAm 11:18
4. Ibandla
A. Ibandla elingokomoya, lakhelwe phezu kukaKristu
UNkulunkulu akahlali emathempelini enziwe abantu. IzE 17:24, 25; 7:48
Ibandla leqiniso liyithempeli elingokomoya lamatshe aphilayo. 1Pe 2:5, 6
UKristu, itshe legumbi; abaphostoli, isisekelo sesibili. Efe 2:20
UNkulunkulu kumelwe akhulekelwe ngomoya nangeqiniso. Joh 4:24
B. Ibandla alakhelwe phezu kukaPetru
UJesu akashongo ukuthi ibandla lakhelwe phezu kukaPetru. Mat 16:18
UJesu wachazwa ‘njengedwala.’ 1Ko 10:4
UPetru wachaza uJesu njengesisekelo. 1Pe 2:4, 6-8; IzE 4:8-12
5. IBhayibheli
A. IZwi likaNkulunkulu liphefumlelwe
Abantu baqhutshwa umoya kaNkulunkulu ukuba babhale. 2Pe 1:20, 21
Liqukethe isiprofetho: Dan 8:5, 6, 20-22; Luk 21:5, 6, 20-22; Isa 45:1-4
Lonke iBhayibheli liphefumlelwe futhi liyazuzisa. 2Ti 3:16, 17; Rom 15:4
B. Liyisiqondiso esiwusizo osukwini lwethu
Ukungazinaki izimiso zeBhayibheli kuyabulala. Rom 1:28-32
Ukuhlakanipha komuntu akuyithathi indawo yalo. 1Ko 1:21, 25; 1Ti 6:20
Liyisivikelo esitheni esinamandla. Efe 6:11, 12, 17
Liqondisa umuntu endleleni eqondile. Hu 119:105; 2Pe 1:19; IzA 3:5, 6
C. Lalotshelwa abantu bazo zonke izizwe nezinhlanga
Ukulotshwa kweBhayibheli kwaqala eMpumalanga. Eks 17:14; 24:12, 16; 34:27
Ilungiselelo likaNkulunkulu akulona elabelungu kuphela. Rom 10:11-13; Gal 3:28
UNkulunkulu wamukela zonke izinhlobo zabantu. IzE 10:34, 35; IsAm 22:17; 7:9, 10
6. Igazi
A. Ukumpontshelwa kwegazi kwephula ubungcwele balo
UNowa watshelwa ukuthi igazi lingcwele, liwukuphila. Gen 9:4, 16
Isivumelwano somthetho sakwenqabela ukudla igazi. Lev 17:14; 7:26, 27
Ukwenqatshelwa kwaphindwa kumaKristu. IzE 15:28, 29; 21:25
B. Umzamo wokusindisa ukuphila awukwenzi kuthetheleleke ukuphula umthetho kaNkulunkulu
Ukulalela kungcono kunomhlatshelo. 1Sa 15:22; Mar 12:33
Ukubeka komuntu ukuphila kwakhe ngaphambi komthetho kaNkulunkulu kuyabulala. Mar 8:35, 36
7. Indalo
A. Ivumelana nesayensi efakazelwe; iphikisa ukuziphendukela kwemvelo
Isayensi iyavumelana nohlelo lokudala. Gen 1:11, 12, 21, 24, 25
Umthetho kaNkulunkulu wezinto ezenziwe ‘ngezinhlobo zazo’ uyiqiniso. Gen 1:11, 12; Jak 3:12
B. Izinsuku zokudala azizona izinsuku zamahora angu-24
“Usuku” lungasho inkathi yesikhathi. Gen 2:4
Usuku kuNkulunkulu lungaba isikhathi eside. Hu 90:4; 2Pe 3:8
8. Inkolo
A. Yinye kuphela inkolo yeqiniso
Ithemba linye, ukholo lunye, ubhapathizo lunye. Efe 4:5, 13
Yathunywa ukuba yenze abafundi. Mat 28:19; IzE 8:12; 14:21
Ibonakala ngezithelo zayo. Mat 7:19, 20; Luk 6:43, 44; Joh 15:8
Uthando, ukuzwana kwamalungu. Joh 13:35; 1Ko 1:10; 1Jo 4:20
B. Imfundiso yamanga ilahlwa kufanele
UJesu wayilahla imfundiso yamanga. Mat 23:15, 23, 24; 15:4-9
Wenza kanjalo ukuze avikele abaphuphuthekisiwe. Mat 15:14
Iqiniso labakhulula ukuba babe abafundi bakaJesu. Joh 8:31, 32
C. Ukushintsha komuntu inkolo yakhe kubalulekile uma ingalungile
Iqiniso liyakhulula; libonisa ukuthi abaningi banephutha. Joh 8:31, 32
Ama-Israyeli, abanye, bashiya ukukhulekela kokuqala. Jos 24:15; 2Kh 5:17
AmaKristu akuqala ashintsha imibono. Gal 1:13, 14; IzE 3:17, 19
Izwe lonke likhohlisiwe; kumelwe liguqule ingqondo. IsAm 12:9; Rom 12:2
D. Okubonakala sengathi “ubuhle kuzo zonke izinkolo” akuqinisekisi ukwamukelwa uNkulunkulu
UNkulunkulu ubeka indinganiso yokumkhulekela. Joh 4:23, 24; Jak 1:27
Ayilungile uma ingenjengoba uNkulunkulu ethanda. Rom 10:2, 3
“Imisebenzi emihle” ingenqatshwa. Mat 7:21-23
Ibonakala ngezithelo. Mat 7:20
9. Insindiso
A. Insindiso ivela kuNkulunkulu ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo
Ukuphila kuyisipho sikaNkulunkulu ngeNdodana yakhe. 1Jo 4:9, 14; Rom 6:23
Insindiso itholakala ngomhlatshelo kaJesu kuphela. IzE 4:12
Ayikho imisebenzi “ekuphendukeni kwasekufeni.” Jak 2:14, 26
Kumelwe sisebenze ngenkuthalo ukuze siyizuze. Luk 13:23, 24; 1Ti 4:10
B. Ukuthi “uma usuke wasindiswa, usindiswe phakade” akusekelwe ngokomBhalo
Abantu abanomoya ongcwele bangawa. Heb 6:4, 6; 1Ko 9:27
Ama-Israyeli amaningi abhujiswa nakuba ayesindisiwe eGibithe. Juda 5
Ukusindiswa akwenzeki ngokushesha. Fil 2:12; 3:12-14; Mat 10:22
Abahlehlela emuva baba babi kunakuqala. 2Pe 2:20, 21
C. “Ukusindiswa kwabantu endaweni yonke” akusekelwe ngokomBhalo
Abanye akunakwenzeka ukuba baphenduke. Heb 6:4-6
UNkulunkulu akathokozi ngokufa kwababi. Hez 33:11; 18:32
Kodwa uthando alunakukuvuna ukungalungi. Heb 1:9
Ababi bayobhujiswa. Heb 10:26-29; IsAm 20:7-15
10. ISabatha
A. Usuku lweSabatha aluwabophi amaKristu
UMthetho wachithwa ngesisekelo sokufa kukaJesu. Efe 2:15
ISabatha aliwabophi amaKristu. Kol 2:16, 17; Rom 14:5, 10
Asolwa ngenxa yokugcina iSabatha, njll. Gal 4:9-11; Rom 10:2-4
Angena ekuphumuleni kukaNkulunkulu ngokholo nokulalela. Heb 4:9-11
B. Ukugcinwa kweSabatha kwakudingeka kuma-Israyeli asendulo kuphela
ISabatha lagcinwa okokuqala ngemva koFuduko. Eks 16:26, 27, 29, 30
Lalivelele kuma-Israyeli emvelo njengophawu. Eks 31:16, 17; Hu 147:19, 20
ISabatha laminyaka yonke nalo lingaphansi koMthetho. Eks 23:10, 11; Lev 25:3, 4
ISabatha alidingekile kumaKristu. Rom 14:5, 10; Gal 4:9-11
C. Ukuphumula kukaNkulunkulu kweSabatha (usuku lwesi-7 ‘lwesonto’ lokudala)
Kwaqala ekupheleni kwendalo yasemhlabeni. Gen 2:2, 3; Heb 4:3-5
Kwaqhubekela ngalé kosuku lukaJesu emhlabeni. Heb 4:6-8; Hu 95:7-9, 11
AmaKristu aphumula emisebenzini yezithakazelo zawo siqu. Heb 4:9, 10
Kuphela lapho uMbuso uqeda umsebenzi emhlabeni. 1Ko 15:24, 28
11. Isihlengo
A. Ukuphila kobuntu kukaJesu kwakhokhwa ‘njengesihlengo sabo bonke’
UJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengesihlengo Mt 20:28; 1 Joh 2:2
Inani legazi elachithwa ngelokuthethelela isono. Heb 9:14, 22
Umhlatshelo owodwa wawanele sonke isikhathi. Rom 6:10; Heb 9:26
Izinzuzo azizizeli; kumelwe uqashelwe. Joh 3:16
B. Sasiyinani elifanelanayo
U-Adamu wadalwa ephelele. Dut 32:4; Shu 7:29; Gen 1:31
Walahlekelwa ukuphelela kwakhe nokwabantwana bakhe ngesono. Rom 5:12, 18
Abantwana abanasizo; kwakudingeka olingana ncimishí no-Adamu. Hu 49:7; Dut 19:21
Ukuphila kukaJesu kobuntu okuphelele kuyisihlengo. 1Ti 2:5, 6; 1Pe 1:18, 19
12. Isihogo (IHayidesi, ISheoli)
A. Asiyona indawo engokoqobo yokuhlushwa ngomlilo
UJobe ohluphekayo wathandazela ukuya kuso. Job 14:13
Siyindawo yokungasebenzi. Hu 6:5; Shu 9:10; Isa 38:18, 19
UJesu wavuswa ethuneni, esihogweni. IzE 2:27, 31, 32; Hu 16:10
Isihogo siyokhipha abanye abafileyo, sibhujiswe. IsAm 20:13, 14
B. Umlilo ufanekisela ukubhujiswa
Ukunqunywa ekufeni kufanekiselwa umlilo. Mat 25:41, 46; 13:30
Ababi abangaphenduki babhujiswa phakade njengokungathi ngomlilo. Heb 10:26, 27
“Ukuhlushwa” kukaSathane emlilweni kungukufa phakade. IsAm 20:10, 14, 15
C. Indaba yesicebi noLazaru ayifakazeli ukuhlushwa phakade
Umlilo nesifuba sika-Abrahama akukhona okoqobo. Luk 16:22-24
Umusa ka-Abrahama futhi uqhathaniswa nobumnyama. Mat 8:11, 12
Ukubhujiswa kweBabiloni kuthiwa ukuhlushwa ngomlilo. IsAm 18:8-10, 21
13. Isikhonzi
A. Wonke AmaKristu kumelwe abe izikhonzi
UJesu wayeyisikhonzi sikaNkulunkulu. Rom 15:8, 9; Mat 20:28
AmaKristu alandela isibonelo sakhe. 1Pe 2:21; 1Ko 11:1
Kumelwe ashumayele ukuze afeze inkonzo. 2Ti 4:2, 5; 1Ko 9:16
B. Izindinganiso zokufanelekela inkonzo
Umoya kaNkulunkulu nokwazi iZwi lakhe. 2Ti 2:15; Isa 61:1-3
Ukulandela isibonelo sikaKristu ekushumayeleni. 1Pe 2:21; 2Ti 4:2, 5
UNkulunkulu uqeqesha ngomoya, inhlangano. Joh 14:26; 2Ko 3:1-3
14. ISikhumbuzo, IMisa
A. Ukugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa
Sigujwa kanye ngonyaka ngosuku lwePhasika. Luk 22:1, 17-20; Eks 12:14
Kukhunjulwa ukufa kukaKristu komhlatshelo. 1Ko 11:26; Mat 26:28
Abanethemba lasezulwini bayadla. Luk 22:29, 30; 12:32, 37
Indlela umuntu azi ngayo ukuthi unethemba elinjalo. Rom 8:15-17
B. IMisa alisekelwe ngokomBhalo
Ukuthethelelwa kwezono kudinga ukuchithwa kwegazi. Heb 9:22
UKristu uwukuphela koMlamuleli wesivumelwano esisha. 1Ti 2:5, 6; Joh 14:6
UKristu usezulwini; akehliswa umpristi. IzE 3:20, 21
Asikho isidingo sokuphinda umhlatshelo kaKristu. Heb 9:24-26; 10:11-14
15. Isiphambano
A. UJesu waphanyekwa esigxotsheni sokufa njengesihlamba
UJesu waphanyekwa esigxotsheni sokufa noma emthini. IzE 5:30; 10:39; Gal 3:13
AmaKristu kumelwe athwale isigxobo njengesihlamba. Mat 10:38; Luk 9:23
B. Akufanele sikhulekelwe
Ukukhangisa ngesigxobo sikaJesu kuyisihlamba. Heb 6:6; Mat 27:41, 42
Ukusebenzisa isiphambano ekukhulekeleni kuwukukhonza izithombe. Eks 20:4, 5; Jer 10:3-5
UJesu ungumoya, akasekho esigxotsheni. 1Ti 3:16; 1Pe 3:18
16. Isono
A. Lokho isono esiyikho
Ukweqa umthetho kaNkulunkulu, indinganiso yakhe ephelele. 1Jo 3:4; 5:17
Umuntu, njengendalo kaNkulunkulu, kumelwe alandise kuye. Rom 14:12; 2:12-15
UMthetho wachaza isono, wenza abantu basiqaphela. Gal 3:19; Rom 3:20
Bonke banesono, bayasilela endinganisweni kaNkulunkulu ephelele. Rom 3:23; Hu 51:5
B. Isizathu sokuba bonke bahlupheke ngesono sika-Adamu
U-Adamu wadlulisela ukungapheleli, ukufa kubo bonke. Rom 5:12, 18
UNkulunkulu waba nesihe ngokubekezelela isintu. Hu 103:8, 10, 14, 17
Umhlatshelo kaJesu uhlawulela izono. 1Jo 2:2
Isono nayo yonke imisebenzi kaDeveli kuzosuswa. 1Jo 3:8
C. Isithelo esenqatshelwe sasiwukungalaleli, hhayi isenzo sobulili
Ukwenqatshelwa komuthi kwakungaphambi kokudalwa kuka-Eva. Gen 2:17, 18
U-Adamu no-Eva batshelwa ukuba babe nabantwana. Gen 1:28
Abantwana abawona umphumela wesono, kodwa bawumphumela wesibusiso sikaNkulunkulu. Hu 127:3-5
U-Eva wona umyeni wakhe engekho; wagabadela. Gen 3:6; 1Ti 2:11-14
U-Adamu, njengenhloko, wahlubuka emthethweni kaNkulunkulu. Rom 5:12, 19
D. Lokho okushiwo ukona umoya ongcwele (Mat 12:32; Mar 3:28, 29)
Akusona isono esizuzwe ngefa. Rom 5:8, 12, 18; 1Jo 5:17
Umuntu angawudabukisa umoya, nokho alulame. Efe 4:30; Jak 5:19, 20
Ukwenza isono ngamabomu kuholela ekufeni. 1Jo 3:6-9
UNkulunkulu wahlulela abanjalo, asuse umoya wakhe. Heb 6:4-8
Akufanele sibathandazele abanjalo abangaphenduki. 1Jo 5:16, 17
17. Izinsuku Zokugcina
A. Lokho okushiwo ‘ukuphela kwezwe’
Ukuphela kwesimiso sezinto. Mat 24:3; 2Pe 3:5-7; Mar 13:4
Akukhona ukuphela komhlaba, kodwa okwesimiso esibi. 1Jo 2:17
Isikhathi sokuphela sandulela imbubhiso. Mat 24:14, 34
Ukusinda kwabalungile; kulandela uMhlaba Omusha. 2Pe 2:9; IsAm 7:14-17
B. Isidingo sokuphaphamela izibonakaliso zezinsuku zokugcina
UNkulunkulu usinikeze izibonakaliso ukuze zisiqondise. 2Ti 3:1-5; 1The 5:1-4
Izwe liyahluleka ukuqaphela ukungathi sína kwazo. 2Pe 3:3, 4, 7; Mat 24:39
UNkulunkulu akalibali, kodwa unikeza isixwayiso. 2Pe 3:9
Umvuzo wokuphaphama, ukukhathazeka. Luk 21:34-36
18. Izithombe
A. Ukusebenzisa izithombe ekukhulekeleni kuyisihlamba kuNkulunkulu
Awunakwenziwa umfanekiso kaNkulunkulu. 1Jo 4:12; Isa 40:18; 46:5; IzE 17:29
AmaKristu axwayiswa ngezithombe. 1Ko 10:14; 1Jo 5:21
UNkulunkulu kumelwe akhulekelwe ngomoya, ngeqiniso. Joh 4:24
B. Ukukhulekela izithombe kwasibulala isizwe sakwa-Israyeli
Ukukhulekela izithombe kwenqatshelwa kumaJuda. Eks 20:4, 5
Azizwa, azikhulumi; abazenzayo baba njengazo. Hu 115:4-8
Zaletha ugibe, ukubhujiswa. Hu 106:36, 40-42; Jer 22:8, 9
C. Ukukhulekela “ngezinto ezimelelayo” akuvunyelwe
UNkulunkulu wakwenqabela ukukhulekelwa “ngezinto ezimelelayo.” Isa 42:8
NguNkulunkulu yedwa ‘ozwa imikhuleko.’ Hu 65:1, 2
19. Izulu
A. Abangu-144 000 kuphela abaya ezulwini
Inani elilinganiselwe; liyoba amakhosi noKristu. IsAm 5:9, 10; 20:4
UJesu wayewumanduleli; abanye bakhethwa ngemva kwakhe. Kol 1:18; 1Pe 2:21
Abaningi abanye bayophila emhlabeni. Hu 72:8; IsAm 21:3, 4
Abangu-144 000 banesikhundla esikhethekile abanye abangenaso. IsAm 14:1, 3; 7:4, 9
20. OFakazi BakaJehova
A. Imvelaphi yoFakazi BakaJehova
UJehova uchaza ofakazi bakhe. Isa 43:10-12; Jer 15:16
Uhlu lofakazi abathembekile lwaqala ngo-Abela. Heb 11:4, 39; 12:1
UJesu wayewufakazi othembekile noweqiniso. Joh 18:37; IsAm 1:5; 3:14
21. Ubhapathizo
A. Imfuneko yobuKristu
UJesu wabeka isibonelo. Mat 3:13-15; Heb 10:7
Isibonakaliso sokuzidela noma ukuzinikezela. Mat 16:24; 1Pe 3:21
Olwabadala ngokwanele ukuba bafundiswe. Mat 28:19, 20; IzE 2:41
Ukucwiliswa emanzini indlela efanele. IzE 8:38, 39; Joh 3:23
B. Alususi izono
UJesu akabhapathizelwanga ukususa izono. 1Pe 2:22; 3:18
Igazi likaJesu lisusa izono. 1Jo 1:7
22. Ububi, Izinkathazo Zezwe
A. Lowo onecala ngezinkathazo zezwe
Ukubusa okubi kubangela izikhathi ezimbi namuhla. IzA 29:2; 28:28
Umbusi wezwe isitha sikaNkulunkulu. 2Ko 4:4; 1Jo 5:19; Joh 12:31
Omaye balethwa uDeveli, isikhathi sakhe sifushane. IsAm 12:9, 12
UDeveli uyoboshwa, kulandele ukuthula okukhazimulayo. IsAm 20:1-3; 21:3, 4
B. Isizathu sokuvunyelwa kobubi
UDeveli wakubekela inselele ukuthembeka kwezidalwa zikaNkulunkulu. Job 1:11, 12
Abathembekile banikezwa ithuba lokuzibonakalisa bethembekile. Rom 9:17; IzA 27:11
UDeveli uyavezwa ukuthi ungumqambimanga, impikiswano iyoxazululwa. Joh 12:31
Abathembekile bayovuzwa ngokuphila okuphakade. Rom 2:6, 7; IsAm 21:3-5
C. Isikhathi sokuphela eseluliwe siyilungiselelo lomusa
Njengasosukwini lukaNowa, kuthatha isikhathi ukunikeza isixwayiso. Mat 24:14, 37-39
UNkulunkulu akalibali, kodwa unomusa. 2Pe 3:9; Isa 30:18
IBhayibheli lisisiza ukuba sigweme ukuficwa singazelele. Luk 21:36; 1The 5:4
Funa ilungiselelo likaNkulunkulu lokuvikela manje. Isa 2:2-4; Zef 2:3
D. Ikhambi lezinkathazo zezwe aliveli kubantu
Abantu besaba kakhulu, badidekile. Luk 21:25, 26; 2Ti 3:1-5
UMbuso kaNkulunkulu oyophumelela, hhayi owabantu. Dan 2:44; Mat 6:10
Ukuze uphile, funa ukuthula kanye neNkosi manje. Hu 2:9, 11, 12
23. UDeveli, Amademoni
A. UDeveli ungumuntu ongumoya
Akabona ububi obukumuntu kodwa umuntu ongumoya. 2Ti 2:26
UDeveli ungumuntu njengezingelosi. Mat 4:1, 11; Job 1:6
Wazenza uDeveli ngokuba nesifiso esingalungile. Jak 1:13-15
B. UDeveli ungumbusi wezwe ongabonakali
Izwe lingaphansi kokulawula kwakhe njengonkulunkulu. 2Ko 4:4; 1Jo 5:19; IsAm 12:9
Uvunyelwe ukuba aphile kuze kuxazululwe impikiswano. Eks 9:16; Joh 12:31
Uzovalelwa kwalasha, bese ebhujiswa. IsAm 20:2, 3, 10
C. Amademoni ayizingelosi ezahlubuka
Aba mdibi munye noSathane ngaphambi kukaZamcolo. Gen 6:1, 2; 1Pe 3:19, 20
Ehliswa, asuswa kukho konke ukukhanya. 2Pe 2:4; Juda 6
Alwa noNkulunkulu, acindezela isintu. Luk 8:27-29; IsAm 16:13, 14
Ayobhujiswa noSathane. Mat 25:41; Luk 8:31; IsAm 20:2, 3, 10
24. Uhlelo Lwezikhathi
A. U-1914 (C.E.) uphetha iZikhathi ZabeZizwe
Uhlu lwababusi bombuso lwaphazanyiswa, ngo-607 B.C.E. Hez 21:25-27
Kwakuyodlula “izikhathi eziyisikhombisa” ngaphambi kokuba kubuyiselwe ukubusa. Dan 4:32, 16, 17
Isikhombisa=izikhathi ezingu-3 1/2 x 2, noma izinsuku ezingu-1 260 x 2. IsAm 12:6, 14; 11:2, 3
Usuku lumelela unyaka. [Kwenza iminyaka engu-2 520] Hez 4:6; Num 14:34
Zaziyoqhubeka kuze kumiswe uMbuso. Luk 21:24; Dan 7:13, 14
25. UJehova, UNkulunkulu
A. Igama likaNkulunkulu
Elithi “Nkulunkulu” igama elingachazi; iNkosi yethu inegama layo siqu. 1Ko 8:5, 6
Sithandazela ukuba igama lakhe lingcweliswe. Mat 6:9, 10
Igama likaNkulunkulu uJehova. Hu 83:18; Eks 6:2, 3; 3:15; Isa 42:8
Igama kuyi-AV. Eks 6:3 (umbhalo waphansi kuyi-Dy). Hu 83:18; Isa 12:2; 26:4
UJesu wenza leligama laziwa. Joh 17:6, 26; 5:43; 12:12, 13, 28
B. Ubukhona bukaNkulunkulu
Akunakwenzeka ukubona uNkulunkulu uphile. Eks 33:20; Joh 1:18; 1Jo 4:12
Akudingeki ukubona uNkulunkulu ukuze ukholwe. Heb 11:1; Rom 8:24, 25; 10:17
UNkulunkulu waziwa ngemisebenzi yakhe ebonakalayo. Rom 1:20; Hu 19:1, 2
Ukugcwaliseka kweziprofetho kufakazela ubukhona bukaNkulunkulu. Isa 46:8-11
C. Izimfanelo zikaNkulunkulu
UNkulunkulu uluthando. 1Jo 4:8, 16; Eks 34:6; 2Ko 13:11; Mik 7:18
Unokuhlakanipha okukhulu. Job 12:13; Rom 11:33; 1Ko 2:7
Ulungile, ubonisa ubulungisa. Dut 32:4; Hu 37:28
Ungumninimandla onke, unawo wonke amandla. Job 37:23; IsAm 7:12; 4:11
D. Akubona bonke abakhonza loNkulunkulu
Indlela ebonakala iyinhle akukhona ukuthi ilungile njalo. IzA 16:25; Mat 7:21
Izindlela zimbili, yinye eholela ekuphileni. Mat 7:13, 14; Dut 30:19
Onkulunkulu baningi kodwa munye uNkulunkulu weqiniso. 1Ko 8:5, 6; Hu 82:1
Ukwazi uNkulunkulu weqiniso kubalulekile ukuze uphile. Joh 17:3; 1Jo 5:20
26. UJesu
A. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu neNkosi emisiwe
Izibulo likaNkulunkulu, wadala zonke izinto. IsAm 3:14; Kol 1:15-17
Wenziwa umuntu wazalwa ngowesifazane, waba phansi kunezingelosi. Gal 4:4; Heb 2:9
Wazalwa ngomoya kaNkulunkulu, enekhaya ezulwini. Mat 3:16, 17
Waphakanyiswa kunangaphambi kokuphila njengomuntu. Fil 2:9, 10
B. Ukukholelwa kuJesu Kristu kubalulekile ukuze sisindiswe
UKristu uyiMbewu ka-Abrahama ethenjisiwe. Gen 22:18; Gal 3:16
UJesu wanikela ngokuphila kwakhe kwaba isihlengo. 1Jo 2:1, 2; Heb 7:25, 26; Mat 20:28
Ukuphila kutholakala ngokwazi uNkulunkulu noKristu, ukulalela. Joh 17:3; IzE 4:12
C. Kudingeka okungaphezu kokukholelwa kuJesu
Ukukholwa kumelwe kuhambisane nemisebenzi. Jak 2:17-26; 1:22-25
Kumelwe silalele imiyalo, senze umsebenzi awenza. Joh 14:12, 15; 1Jo 2:3
Akubona bonke abasebenzisa igama elithi Nkosi abayongena eMbusweni. Mat 7:21-23
27. Ukubuya KukaKristu
A. Ukubuya akubonakali kubantu
Watshela abafundi ukuthi izwe lalingeke lisambona. Joh 14:19
Abafundi kuphela ababona ukunyuka; nokubuya kuyefana. IzE 1:6, 10, 11
Ezulwini, ungumoya ongabonakali. 1Ti 6:14-16; Heb 1:3
Ubuyela emandleni oMbuso wasezulwini. Dan 7:13, 14; Mat 25:31
B. Kuqashelwa ngamaqiniso abonakalayo
Abafundi bacela isibonakaliso sokuba-khona. Mat 24:3
AmaKristu “abona” ukuba-khona ngokuqonda. Efe 1:18
Izenzakalo eziningi zakha ubufakazi bokuba-khona. Luk 21:10, 11, 25-32
Izitha “zibona” lapho imbubhiso igadla. IsAm 1:7
28. Ukufa
A. Imbangela yokufa
Umuntu wayenesiqalo esiphelele, ithemba lokuphila okungapheli. Gen 1:28, 31
Ukungalaleli kwaletha isigwebo sokufa. Gen 2:16, 17; 3:17, 19
Isono nokufa kwadlulela kubo bonke abantwana baka-Adamu. Rom 5:12
B. Isimo sabafileyo
U-Adamu wenziwa umphefumulo, akawufakwanga. Gen 2:7; 1Ko 15:45
Ngumuntu ofayo, umphefumulo. Hez 18:4; Isa 53:12; Job 11:20
Abafileyo abezwa, abazi lutho. Shu 9:5, 10; Hu 146:3, 4
Abafileyo balele balindele uvuko. Joh 11:11-14, 23-26; IzE 7:60
C. Ukukhuluma nabafileyo akunakwenzeka
Abafileyo abaphili noNkulunkulu njengemimoya. Hu 115:17; Isa 38:18
Siyaxwayiswa ngokuzama ukukhuluma nabafileyo. Isa 8:19; Lev 19:31
Izanusi, ababikezeli benhlanhla, bayalahlwa. Dut 18:10-12; Gal 5:19-21
29. Ukufakaza
A. Wonke amaKristu kumelwe afakaze, akhulume ngezindaba ezinhle
Kumelwe avume uJesu phambi kwabantu ukuze amukelwe. Mat 10:32
Kumelwe abe abenzi beZwi, ebonisa ukholo. Jak 1:22-24; 2:24
Nabasanda kuhlanganyela, kufanele babe abafundisi. Mat 28:19, 20
Ukumemezela obala kuletha insindiso. Rom 10:10
B. Isidingo sokubuyela kaningi, ukufakaza okuqhubekayo
Kumelwe kunikezwe isixwayiso sokuphela kulesizukulwane. Mat 24:14, 34
UJeremiya wamemezela ngesiphelo seJerusalema iminyaka eminingi. Jer 25:3
NjengamaKristu akuqala, asinakuyeka. IzE 4:18-20; 5:28, 29
C. Kumelwe sifakaze ukuze singabi necala legazi
Kumelwe sixwayise ngokuphela okuzayo. Hez 33:7; Mat 24:14
Ukwehluleka kuletha icala legazi. Hez 33:8, 9; 3:18, 19
UPawulu wakhululeka ecaleni legazi; wakhuluma lonke iqiniso. IzE 20:26, 27; 1Ko 9:16
Kusindisa ufakazi nolaleleyo. 1Ti 4:16; 1Ko 9:22
30. Ukukhulekela Okhokho
A. Ukukhulekela okhokho kuyize
Okhokho bafile, abezwa. Shu 9:5, 10
Okhokho bamandulo abakufanele ukukhulekelwa. Rom 5:12, 14; 1Ti 2:14
UNkulunkulu uyakwenqabela ukukhulekela okunjalo. Eks 34:14; Mat 4:10
B. Abantu bangase bahlonishwe, kodwa uNkulunkulu kuphela okhulekelwayo
Abantwana kumelwe bahloniphe abantu abadala. 1Ti 5:1, 2, 17; Efe 6:1-3
Kodwa uNkulunkulu yedwa okumelwe akhulekelwe. IzE 10:25, 26; IsAm 22:8, 9
31. Ukukhulekela UMariya
A. UMariya unina kaJesu, akayena “unina kaNkulunkulu”
UNkulunkulu akanasiqalo. Hu 90:2; 1Ti 1:17
UMariya wayengunina weNdodana kaNkulunkulu, lapho isemhlabeni. Luk 1:35
B. UMariya “akahlalanga eyincasakazi”
Wagana uJosefa. Mat 1:19, 20, 24, 25
Waba nabanye abantwana ngaphandle kukaJesu. Mat 13:55, 56; Luk 8:19-21
Laba babengebona “abafowabo abangokomoya” ngalesosikhathi. Joh 7:3, 5
32. Ukumiselwa Kusengaphambili
A. Umuntu akamiselwa kusengaphambili
Injongo kaNkulunkulu iqinisekile. Isa 55:11; Gen 1:28
Abantu banikwa ithuba lokuzikhethela ukukhonza uNkulunkulu. Joh 3:16; Fil 2:12
33. Ukuphikiswa, Ukushushiswa
A. Isizathu sokuphikiswa kwamaKristu
UJesu wayezondwa, wabikezela ukuphikiswa. Joh 15:18-20; Mat 10:22
Ukunamathela ezimisweni zokulunga kuyalimangalela izwe. 1Pe 4:1, 4, 12, 13
USathane, unkulunkulu walesimiso, umelene noMbuso. 2Ko 4:4; 1Pe 5:8
UmKristu akesabi, uNkulunkulu uyamsekela. Rom 8:38, 39; Jak 4:8
B. Umfazi akumelwe avumele indoda imehlukanise noNkulunkulu
Kwanikezwa isixwayiso kusengaphambili; abanye bangayitshela okungeyikho. Mat 10:34-38; IzE 28:22
Kumelwe athembele kuNkulunkulu nakuKristu. Joh 6:68; 17:3
Ngokuthembeka angase ayisindise nayo. 1Ko 7:16; 1Pe 3:1-6
Indoda iyinhloko, kodwa ayilawuli ukukhulekela. 1Ko 11:3; IzE 5:29
C. Indoda akufanele ivumele umfazi ayivimbele ekukhonzeni uNkulunkulu
Kumelwe ithande umkayo nomkhaya, ibafunele ukuphila. 1Ko 7:16
Inomthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo, wokondla. 1Ko 11:3; 1Ti 5:8
UNkulunkulu uthanda indoda emelela iqiniso. Jak 1:12; 5:10, 11
Ukuhlehla ukuze kube nokuthula kwenza uNkulunkulu angajabuli. Heb 10:38
Kumelwe iholele umkhaya enjabulweni eMhlabeni Omusha. IsAm 21:3, 4
34. Ukuphila
A. Isintu esilalelayo siqinisekiswa ngokuphila okuphakade
UNkulunkulu, ongeqambe amanga, uthembise ukuphila. Thi 1:2; Joh 10:27, 28
Ukuphila okuphakade kuqinisekiswe ababonisa ukholo. Joh 11:25, 26
Ukufa kuyobhujiswa. 1Ko 15:26; IsAm 21:4; 20:14; Isa 25:8
B. Ukuphila kwasezulwini kungokwalabo abakha umzimba kaKristu kuphela
UNkulunkulu uyazikhethela amalungu ngokuthanda kwakhe. Mat 20:23; 1Ko 12:18
Abangu-144 000 kuphela abathathwe emhlabeni. IsAm 14:1, 4; 7:2-4; 5:9, 10
Ngisho noJohane umBhapathizi ngeke abe seMbusweni wasezulwini. Mat 11:11
C. Ukuphila kwasemhlabeni kuthenjiswe inani elingenakulinganiswa, “ezinye izimvu”
Inani elilinganiselwe liyoba noJesu emazulwini. IsAm 14:1, 4; 7:2-4
“Ezinye izimvu” azibona abafowabo bakaKristu. Joh 10:16; Mat 25:32, 40
Abaningi manje babuthanela ukusindela emhlabeni. IsAm 7:9, 15-17
Abanye bavuselwa ukuphila emhlabeni. IsAm 20:12; 21:4
35. Ukuphulukisa, Izilimi
A. Ukuphulukisa okungokomoya kunezinzuzo ezihlala njalo
Ukugula okungokomoya kuyabulala. Isa 1:4-6; 6:10; Hos 4:6
Ukuphulukisa okungokomoya ukuthunywa okuyinhloko. Joh 6:63; Luk 4:18
Kususa izono; kunikeza injabulo, ukuphila. Jak 5:19, 20; IsAm 7:14-17
B. UMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukwelapheka emzimbeni okuhlala njalo
UJesu welapha izifo, washumayela ngezibusiso zoMbuso. Mat 4:23
UMbuso wathenjiswa njengoyoba ikhambi laphakade. Mat 6:10; Isa 9:7
Ngisho nokufa kuyopheliswa. 1Ko 15:25, 26; IsAm 21:4; 20:14
C. Ukuphulukisa kwanamuhla akunabufakazi bokuvunyelwa kwaphezulu
Abafundi abaziphulukisanga ngokuyisimangaliso. 2Ko 12:7-9; 1Ti 5:23
Izipho eziyisimangaliso zaphela ngemva kwabaphostoli. 1Ko 13:8-11
Ukuphulukisa akubona ubufakazi obuqinisekile bokwamukelwa uNkulunkulu. Mat 7:22, 23; 2The 2:9-11
D. Ukukhuluma ngezilimi kwakuyilungiselelo lesikhashana kuphela
Kwakuyisibonakaliso; kwakumelwe kufunwe izipho ezinkulu. 1Ko 14:22; 12:30, 31
Izipho eziyisimangaliso zomoya kwabikezelwa ukuthi ziyodlula. 1Ko 13:8-10
Imisebenzi eyisimangaliso ayibona ubufakazi obuqinisekile bokwamukelwa uNkulunkulu. Mat 7:22, 23; 24:24
36. Ukuxubanisa Izinkolo
A. Ukuhlangana nezinye izinkolo akuyona indlela kaNkulunkulu
Yinye kuphela indlela, iyingcingo, bambalwa abayitholayo. Efe 4:4-6; Mat 7:13, 14
Saxwayiswa ngokuthi imfundiso yamanga iyonakalisa. Mat 16:6, 12; Gal 5:9
Siyalwa ukuba sihlukane nayo. 2Ti 3:5; 2Ko 6:14-17; IsAm 18:4
B. Akulona iqiniso ukuthi “zonke izinkolo zinobuhle”
Abanye abashiseki ngokuvumelana noNkulunkulu. Rom 10:2, 3
Ububi bonakalisa noma yikuphi okungase kube kuhle. 1Ko 5:6; Mat 7:15-17
Abafundisi bamanga baletha imbubhiso. 2Pe 2:1; Mat 12:30; 15:14
Ukukhulekela okuhlanzekile kufuna ukuzinikela okukhethekile. Dut 6:5, 14, 15
37. UMbuso
A. Lokho uMbuso kaNkulunkulu oyokwenzela isintu
Uyokwenza ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke. Mat 6:9, 10; Hu 45:6; IsAm 4:11
Uhulumeni onenkosi nemithetho. Isa 9:6, 7; 2:3; Hu 72:1, 8
Uyobhubhisa ububi, ubuse wonke umhlaba. Dan 2:44; Hu 72:8
Ukubusa kweminyaka engu-1 000 kuyobuyisela isintu, iPharadesi. IsAm 21:2-4; 20:6
B. Ukusebenza kuqala lapho izitha zikaKristu zisekhona
Ngemva kokuba uKristu evusiwe walinda isikhathi eside. Hu 110:1; Heb 10:12, 13
Uthatha amandla, ulwa noSathane. Hu 110:2; IsAm 12:7-9; Luk 10:18
UMbuso wamiswa ngalesosikhathi, kulandela omaye bomhlaba. IsAm 12:10, 12
Izinkathazo manje zisho ukuthi sekuyisikhathi sokumelela uMbuso. IsAm 11:15-18
C. Awukho ‘ezinhliziyweni,’ awuthuthukiswa ngemizamo yabantu
UMbuso usezulwini, hhayi emhlabeni. 2Ti 4:18; 1Ko 15:50; Hu 11:4
Awukho ‘ezinhliziyweni’; uJesu wayekhuluma nabaFarisi. Luk 17:20, 21
Awuyona ingxenye yalelizwe. Joh 18:36; Luk 4:5-8; Dan 2:44
Ohulumeni, izindinganiso zezwe, kuyothathelwa indawo. Dan 2:44
38. Umhlaba
A. Injongo kaNkulunkulu ngomhlaba
Ipharadesi lenziwa emhlabeni lenzelwa abantu abaphelele. Gen 1:28; 2:8-15
Injongo kaNkulunkulu iqinisekile. Isa 55:11; 46:10, 11
Umhlaba uyogcwala abantu abanokuthula, abaphelele. Hu 72:7; Isa 9:6, 7
Ipharadesi liyobuyiselwa ngoMbuso. Mat 6:9, 10; IsAm 21:3-5
B. Awusoze wabhujiswa noma ungabi nabantu
Umhlaba ongokoqobo uyohlala njalo. Shu 1:4; Hu 104:5
Abantu bangesikhathi sikaNowa ababhujiswa, hhayi umhlaba. 2Pe 3:5-7; Gen 7:23
Isibonelo sinikeza ithemba lokusinda esikhathini sethu. Mat 24:34, 37-39
Ababi bayobhujiswa; “isixuku esikhulu” sisinde. 2The 1:6-9; IsAm 7:9, 14
39. UMoya, Ukusebenzisa Imimoya
A. Lokho umoya ongcwele oyikho
Amandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku, hhayi umuntu. IzE 2:2, 3, 33; Joh 14:17
Wasetshenziswa ekudaleni, ekuphefumleleni iBhayibheli, njll. Gen 1:2; Hez 11:5
Uzala futhi ugcobe, amalungu omzimba kaKristu. Joh 3:5-8; 2Ko 1:21, 22
Unikeza amandla, uhola abantu bakaNkulunkulu namuhla. Gal 5:16, 18
B. Amandla okuphila abizwa ngokuthi umoya
Isimiso sokuphila, sisekelwa ukuphefumula. Jak 2:26; Job 27:3
UNkulunkulu onamandla phezu kwamandla okuphila. Zak 12:1; Shu 8:8
Amandla okuphila abantu, izilwane, akaNkulunkulu. Shu 3:19-21
Umoya ubekwa kuNkulunkulu ngethemba lovuko. Luk 23:46
C. Ukusebenzisa imimoya kumelwe kugwenywe njengokuwumsebenzi wamademoni
IZwi likaNkulunkulu liyakwenqabela. Isa 8:19, 20; Lev 19:31; 20:6, 27
Ukubikezela inhlanhla kuwubudemoni; kulahliwe. IzE 16:16-18
Kuholela ekubhujisweni. Gal 5:19-21; IsAm 21:8; 22:15
Ukufundwa kwezinkanyezi kwenqatshelwe. Dut 18:10-12; Jer 10:2
40. Umphefumulo
A. Lokho umphefumulo oyikho
Umuntu uwumphefumulo. Gen 2:7; 1Ko 15:45; Jos 11:11; IzE 27:37
Nezilwane zibizwa ngokuthi imiphefumulo. Num 31:28; IsAm 16:3; Lev 24:18
Umphefumulo unegazi, uyadla, ungafa. Jer 2:34; Lev 7:18; Hez 18:4
Umuntu, onokuphila, kuthiwa unomphefumulo. Mar 8:36; Joh 10:15
B. Umehluko phakathi komphefumulo nomoya
Ukuphila njengomuntu noma isidalwa kuwumphefumulo. Joh 10:15; Lev 17:11
Amandla okuphila ashukumisa imiphefumulo kuthiwa “umoya.” Hu 146:4; 104:29
Lapho umuntu efa, amandla okuphila abuyela kuNkulunkulu. Shu 12:7
UNkulunkulu yedwa ongenza amandla okuphila asebenze. Hez 37:12-14
41. Umshado
A. Isibopho somshado kumelwe sihlonishwe
Ufaniswa noKristu nomlobokazi. Efe 5:22, 23
Umbhede womshado kumelwe ungangcoliswa. Heb 13:4
Imibhangqwana yelulekwa ukuba ingahlali ngokwehlukana. 1Ko 7:10-16
I-por·neiʹa iwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sesehlukaniso. Mat 19:9
B. Isimiso sobunhloko kumelwe sihlonishwe ngamaKristu
Indoda njengenhloko kumelwe ithande, inakekele umkhaya. Efe 5:23-31
Umfazi, uyazithoba, athande, alalele indoda. 1Pe 3:1-7; Efe 5:22
Abantwana kumelwe balalele. Efe 6:1-3; Kol 3:20
C. Umthwalo wemfanelo wabazali abangamaKristu kubantwana
Kumelwe babonise uthando, banikele ngesikhathi, babanake. Thi 2:4
Bangabacasuli. Kol 3:21
Babondle, kuhlanganise nezinto ezingokomoya. 2Ko 12:14; 1Ti 5:8
Kumelwe babaqeqeshe ukuze bazuze ukuphila. Efe 6:4; IzA 22:6, 15; 23:13, 14
D. AmaKristu kufanele ashade namaKristu kuphela
Shada “eNkosini” kuphela. 1Ko 7:39; Dut 7:3, 4; Neh 13:26
E. Isithembu asivunyelwe ngokomBhalo
Ekuqaleni indoda kwakumelwe ibe nomfazi oyedwa kuphela. Gen 2:18, 22-25
UJesu wabuyisela lendinganiso kumaKristu. Mat 19:3-9
AmaKristu okuqala ayengenasithembu. 1Ko 7:2, 12-16; Efe 5:28-31
42. Umthandazo
A. Imithandazo ezwiwa uNkulunkulu
UNkulunkulu uyayilalela imithandazo yabantu. Hu 145:18; 1Pe 3:12
Abangalungile abazwiwa ngaphandle kokuba bashintshe inkambo yabo. Isa 1:15-17
Kumelwe sithandaze ngegama likaJesu. Joh 14:13, 14; 2Ko 1:20
Kumelwe sithandaze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. 1Jo 5:14, 15
Ukholo lubalulekile. Jak 1:6-8
B. Ukuphindaphinda okuyize, imithandazo eqondiswe kuMariya noma ‘kwabangcwele’ iyize
Kumelwe sithandaze kuNkulunkulu ngegama likaJesu. Joh 14:14; 16:23, 24
Amazwi aphindaphindwayo ngeke azwiwe. Mat 6:7
43. Uvuko
A. Ithemba ngabafileyo
Bonke abasemathuneni bayovuswa. Joh 5:28, 29
Ukuvuswa kukaJesu kuyisiqinisekiso. 1Ko 15:20-22; IzE 17:31
Abona umoya ngeke bavuke. Mat 12:31, 32
Ababonisa ukholo baqinisekiswa ngalo. Joh 11:25
B. Ukuvuselwa ekuphileni ezulwini noma emhlabeni
Bonke bayafa ku-Adamu; bathola ukuphila kuJesu. 1Ko 15:20-22; Rom 5:19
Umehluko esimweni sabavuswayo. 1Ko 15:40, 42, 44
Abakanye noJesu bayoba njengaye. 1Ko 15:49; Fil 3:20, 21
Abangabusi bayoba semhlabeni. IsAm 20:4b, 5, 13; 21:3, 4
44. UZiqu-zintathu
A. UNkulunkulu, uYise, uMuntu oyedwa, omkhulu kunabo bonke endaweni yonke
UNkulunkulu akabona abantu abathathu. Dut 6:4; Mal 2:10; Mar 10:18; Rom 3:29, 30
INdodana yadalwa; uNkulunkulu wayeyedwa ngaphambi kwalokho. IsAm 3:14; Kol 1:15; Isa 44:6
UNkulunkulu uhlala ewumbusi wendawo yonke. Fil 2:5, 6; Dan 4:35
UNkulunkulu kumelwe aphakanyiswe ngaphezu kwakho konke. Fil 2:10, 11
B. INdodana ingaphansi kukaYise ngaphambi nangemva kokuza emhlabeni
INdodana yayilalela ezulwini, yathunywa nguYise. Joh 8:42; 12:49
Yalalela emhlabeni, uYise mkhulu kunayo. Joh 14:28; 5:19; Heb 5:8
Yaphakanyiswa ezulwini, nokho isengaphansi kwakhe. Fil 2:9; 1Ko 15:28; Mat 20:23
UJehova uyinhloko noNkulunkulu kaKristu. 1Ko 11:3; Joh 20:17; IsAm 1:6
C. Ubunye bukaNkulunkulu noKristu
Ngaso sonke isikhathi bavumelana ngokuphelele. Joh 8:28, 29; 14:10
Ubunye, obunjengobendoda nomfazi. Joh 10:30; Mat 19:4-6
Bonke abakholwayo kumelwe babe nobunye obufanayo. Joh 17:20-22; 1Ko 1:10
Ukukhulekelwa kukaJehova okukodwa ngoKristu kuyoma phakade. Joh 4:23, 24
D. Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla akhe ayisiphekupheku
Ungamandla, awuyena umuntu. Mat 3:16; Joh 20:22; IzE 2:4, 17, 33
Awuyena umuntu osezulwini noNkulunkulu noKristu. IzE 7:55, 56; IsAm 7:10
Uqondiswa uNkulunkulu ukuba ufeze izinjongo. Hu 104:30; 1Ko 12:4-11
Abakhonza uNkulunkulu bayawamukela, ubaqondise. 1Ko 2:12, 13; Gal 5:16