Isifundo 18
Ukuthuthukisa Izimpendulo Zakho
1, 2. Kungani sifanele sikhuthale sonke ukunikeza izimpendulo ezinhle na?
1 Onke amaKristu afanele athuthukise ikhono lokunikeza izimpendulo ezinhle. Umphostoli uPawulu waloba: “Ukukhuluma kwenu makube-nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.” (Kol. 4:6) Futhi kungokwemvelo ukuthi sizame ukuthuthukisa izimpendulo zethu. Lapho siphendula kahle, kusijabulisa ngempela: “Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe, nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!”—IzAga 15:23.
2 Ingabe wena uqobo uyayizwa indingeko yokuthuthukisa izimpendulo zakho na? Ingabe waneliswe ngokuphelele ngokuhlanganyela kwakho emihlanganweni yebandla na? Noma ingabe kukhona ukuthuthuka okuthile lokho, uma kwenziwe, bekuyokukujabulisa kakhulu na? Enkonzweni yakho yasensimini, kukhona izikhathi yini lapho ufisela sengathi ngabe isimo usiphathe ngokwahlukile na? Lokhu kuliqiniso kithi sonke, njalo kunosizo ukucabangela ndawonye indlela esingathuthukisa ngayo izimpendulo zethu.
3, 4. Izimpendulo ezahlukahlukene bezinganikezwa kanjani embuzweni owodwa phakathi nomhlangano na?
3 Imihlangano yebandla. Emabandleni amaningi ofakazi bakaJehova kuyabonwa ukuthi abathile ngaso sonke isikhathi balungele ngezimpendulo zemibuzo ebuzwa esifundweni seNqabayokulinda, esifundweni sencwadi sebandla noma ekubukezweni komlomo Esikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini. Lokhu akwenzeki nje. Kungenzeka bathathe eminyakeni yokufunda nokuhlanganyela nabantu bakaJehova; kepha, ngezikhathi eziningi, ukulungiselela okusandʼukwenzeka nakho kuyisisusa esikhulu. Ngisho abasandʼukuhlanganyela banganikela izimpendulo ezinhle ngokuzimisela ukufunda indaba ngaphambili.—IzAga 15:28.
4 Uma ungowokuqala ukuphendula umbuzo, ngokuvamile kuhle ukuwunemba nawo, unikela impendulo eqondile. Kepha uma omunye esewuphendulile umbuzo, musa ukucabanga ukuthi ingxoxo imelwe iphelele lapho. Ngempendulo efanayo, ungenza noma yikuphi kulezizinto: Khulisa impendulo, bonisa indlela imibhalo esesigabeni efakazela ngayo impendulo, noma khomba indlela indaba exoxwayo ethinta ngayo ukuphila kwethu. Uma indaba kungeyezimo zezwe noma imikhuba yenkolo yamanga, ubungahle uphendule ngokuhlangenwe nakho noma isimo sakuleyondawo esiqokomisa ukuba neqiniso kwalokho isigaba esikushoyo. Lokhu kuyenza ibe-yinhle kakhulu ingxoxo.
5. Kungani kukuhle ukuphendula kafushane nangamazwi akhe umuntu na?
5 Ngokuvamile izimpendulo ziba-nesisindo esingaphezulu futhi zingenisisa ngaphezulu ezilalelini lapho zizimfushane futhi zishaya emhloleni. Izimpendulo ezinjalo zifanele ngezikhathi eziningi. Uma umuntu eyixovaxova imiqondo yesigaba sonke, akukho okuqhamayo nezilaleli ngokuvamile azihlakaniphile kakhulu ngempendulo eshaya emhloleni yombuzo. Futhi, izimpendulo ezingamazwi ophendulayo zinosizo kakhulu ngokuvamile. Ukuphendula ngalendlela kusiza lowo ophendulayo ukwenza indaba ibe-ngeyakhe, namazwi asetshenzisiwe avame ukusiza abanye ukuqonda imiqondo eyayibaphambile mhlawumbe ngaphambili. Izinkulumo zakho esikolweni senkonzo ziyakusiza ukuthuthukisa lelikhono.
6. Singakuthuthukisa kanjani ukuba-ngabalungele ngezimpendulo lapho umbuzo ubuzwa na?
6 Ungakuthuthukisa nokuba-ngolungele ngezimpendulo na? Lokhu kuhilela ukulungiselela ngaphambili. Kepha musa ukwenza lokhokulungiselela lapho kufundwa isigaba noma lapho abanye bephendula, ngokuba uyolahlekelwa ngeningi inzuzo yomhlangano. Zijwayeze ukuphawula izimpendulo zakho ngaphambili. Uma udwebele ngaphansi ambalwa amazwi ayisihluthulelo kuphela kunemishwana emide noma imisho, ngakho-ke ukuthi shazi masinyane kulawomazwi ayisihluthulelo kuyokukhumbuza umcabango futhi uyobe ulungele ukuphendula. Uma umbuzo esigabeni wahlukanisiwe wabayizingxenye zika “a” no “b,” isibonakaliso osebeni lwekhasi sokuthi iyiphi ingxenye yendaba engeka “a” nokuthi iyiphi ingxenye engeka “b” siyokusiza ukuxwaya ukuba-phambili kunomphathi ngezimpendulo zakho. Ngisho noma indaba ingenayo imibuzo elungiselelwe, lapho kuyokuba-nokuhlanganyela kwezilaleli kusenosizo ukuphawula lokho ocabanga ukuthi kungamaphuzu ayisihluthulelo. Lokhu kuyokwenza kube-nokwenzeka ukuphendula ngokuzenzekelayo, nakanjalo kuyonikela engxoxweni ejabulisayo. Ngemuva kokuphendula kanye emhlanganweni, ungagodli, uphetha ngokuthi ungashiyela abanye ukuphendula okusele. Zimisele ukuphendula ngokungakhawuki.
7. Kungani sifanele sonke siwuzwe umthwalo wemfanelo wokuphendula emihlanganweni na?
7 Abanye bangahle babenovalo ekunikezeni izimpendulo, becabanga ukuthi abanye bangaphendula kangcono. Kepha iBhayibheli liyasicelisisa ukwazisa umthwalo wethu womuntu ngamunye wokuhlanganyela. Kwaloba umphostoli uPawulu: “Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, . . . masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane.” (Heb. 10:23-25) Ngokuphendula siba-ngabavuselela abanye othandweni nasemisebenzini emihle, sijabulisa izinhliziyo zabo futhi sibakhuthaza. Bese, nathi sithola izinzuzo luqobo, ngokuba sizwa injabulo yokunikela nakanjalo sithole ukukhuthazwa komuntu uqobo.
8-12. Sikisela okuthile ngendlela yokuphatha amazwi okuphikisa enkonzweni yasensimini.
8 Ukuphendula amazwi okuphikisa enkonzweni yasensimini. Uyofumana ukuthi unobunzima obuncane ekuphenduleni imibuzo enkonzweni yendlu ngendlu uma ukwenza ngaso sonke isikhathi ukufunda komuntu uqobo nokuba-khona emihlanganweni. Kepha uma ungayazi impendulo yombuzo obuzwayo, unganqikazi ukutshela umninikhaya lokho. Bese umtshela ukuthi usayokuyifuna indaba bese ubuya. Uma umuntu eqinisekile, uyokujabulela ukuthi ukwenze lokho.
9 Ngaphandle kwemibuzo enjalo, ungahle ngezinye izikhathi uhlangane namazwi okuphikisa. Uyowaphatha kanjani na? Ngaphambi kokuthi uphendule amazwi okuphikisa kunosizo ukwazi okucatshangwa umuntu. Ubungahle ubuze ukuthi yini ephakamisa izwi lakhe lokuphikisa. Ngokwesibonelo, umuntu angahle aphikise ngokuthi uzwile ukuthi awukholwa kuKristu, kepha empeleni udidekile nje ngenxa yemfundiso kaZiqu-zintathu. Amaningi amazwi okuphikisa ayimiphumela yokungaqondi okunjalo. Kubalulekile ukuzwana ngencazelo yamazwi ayisihluthulelo ngaphambi kokusukela ingxoxo. Eqinisweni, lokhu kungahle kuphendule izwi lokuphikisa kwenze kungadingeki ukuxoxwa okuqhubekayo ngephuzu.
10 Kuhle, futhi, lapho amazwi okuphikisa ephakanyiswa, ukuphatha indaba njengeyomunye nomunye wenu, lapho kunokwenzeka khona, kunokuba njengokuthile okunenza abaphikisanayo. Njalo esikhundleni sokucabangela izwi lokuphikisa njengelingajabulisi noma elidinayo, bheka izwi lokuphikisa njengephuzu elimkhathazayo ngempela umninindlu. Ukhumbula lokhu, ubungahle umtshele ukuthi uyajabula ukuthi uyiphakamisile indaba. Yicabangele njengesihluthulelo sengxoxo eqhubekayo, njengokuthile okungahle kuvule ingqondo yomuntu amukele amaqiniso eBhayibheli. Kungani ungazijwayezi lokhu esikolweni senkonzo, uhlanganisa ezinkulumweni zakho izimo ezibizela ukubhekana namazwi okuphikisa na?
11 Ngezinye izikhathi lapho uxoxa nomuntu othakazelayo omunye uphakamisa amazwi okuphikisa ukuze ahlakaze ingxoxo yenu. Esimweni esinjalo, ubungahle uphindisele umthwalo wokunikela ubufakazi kumphikisi. UJesu Kristu wasebenzisa imibuzo ephambene ukuthulisa abaphikisi bakhe abazama ukuphazamisa ukushumayela kwakhe. (Math. 22:41-46) Njalo kuhle ukukhumbula ukuthi umthwalo wokunikeza ubufakazi ngokufanele ukumuntu oqinisa ngendaba ethile. Ngokwesibonelo, uma umninindlu ekutshela: “Nina anikholwa nguZiqu-zintathu,” ngesimo esisho ukuthi inkolelo enjalo ibizelwe kumaKristu, ubungahle uthi: “Ngikholwa yikho konke iBhayibheli elikufundisayo. Ungasiza ungibonise eBhayibhelini ukuthi kungani ngifanele ngikholwe leyomfundiso na?” Ngakho-ke umthwalo wokunikela ubufakazi ukulona omunye umuntu ukusekela lokho athi kuyiqiniso.
12 Impendulo enqamulayo kunoma ngubani ozisholo ukuyamukela iMibhalo yileyo ethathwe ngokuqondile eZwini likaNkulunkulu. Inamandla okuvumisa angaphezulu kakhulu kunanoma yini ebesingayisho thina uqobo. Phela, lapho unikeza izimpendulo, thamba ngaso sonke isikhathi futhi uthakazele, kungakhathaleki isimo sobuzayo. Lokhu kuyasifanela isikhonzi sikaNkulunkulu.
13, 14. Ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya, imibuzo evela kumfundi ibingahle iphathwe kanjani na?
13 Ezifundweni zeBhayibheli. Ezifundweni zeBhayibheli ngokuvamile kukhona umoya wobuhlobo, wokuphumula, osiza ekuzindleni ngezindaba. Njalo, ngemuva kokuphendula umbuzo womfundi, kuyinjwayelo enhle ukubuza noma wanelisiwe. Kungenzeka ukuthi amanye amaphuzu awakakhanyi engqondweni yakhe. Uma ungaqinisekile ngempendulo ethile, thembisa ukumhlolela yona. Uma olunye usizo lusadingeka, ungabuza ummemezeli onolwazi ngaphezulu. Khumbula, lapho usiza omunye ukuqondisisa isigijimi seBhayibheli kungenzeka umqalise lowo endleleni eya ekuphileni, ngisho njengoba uFiliphu umvangeli asiza umthenwa wase-Etiyopiya ngokuphendula imibuzo yakhe.—IzE. 8:26-39.
14 Ngesikhathi kungahle kube-ngcono ukungayiphenduli yonke imibuzo ephakanyiswe esifundweni seBhayibheli, kepha ukugcina eminye eyohlanganiswa endabeni yenu yokufunda elandelayo. Nangenxa yokuthuthuka kwakhe umfundi, kuhle ukumbonisa indlela yokuthola izimpendulo ngokucwaninga kwakhe uqobo. Ubungahle umbhekisele osizweni lweBhayibheli olunjengezinkomba zezincwadi zeSociety noma isahluko esifanele kwethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Bese umbuza ngemva kwalokho ukuthi iyiphi indaba ayithola, nokuyiqonda kwakhe. Khumbula ukukhula kwakhe okungokomoya, hayi ukuphendula nje imibuzo yakhe.
15-18. Yisiphi isimo esifanele sibe-naso lapho sibizelwe ukuphenduia imibuzo yezikhulu na?
15 Lapho ubizelwe phambi kwezikhulu. Lapho exoxa ngendaba yokuhlushwa, umphostoli uPetru wathi: “Mngcweliseni uKristu abe-yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube-ngobumnene nangokwesaba.” (1 Pet. 3:14, 15) Kukhona izikhathi lapho singahle sibizelwe ukuphendula phambi kwezinkantolo zomthetho noma abameleli bomthetho abanegunya lokusibuza lokho esikukholwayo nesizathu sokukholwa ngaleyondlela. Umphostoli uyeluleka, “Mngcweliseni uKristu abe-yiNkosi ezinhliziyweni zenu.” Qiniseka ukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakho unikela iNkosi uJesu Kristu inhlonipho ephakeme kunayo yonke, isikhundla esingcwele, leso esingamelwe sonakaliswe. Ngakho-ke akunakuba-nasizathu sovalo. Uma sijabulisa lowo ogcotshwe nguNkulunkulu njengeNkosi kuwo wonke umhlaba, akukho-sizathu sokukhathazeka ngendlela abantu abasezikhundleni eziphakeme abangahle basabele ngayo.
16 Nokho, ngokuvumelana nesixwayiso esibekwe kwabaseRoma 13:1-7, hlonipha labo abayiziphathimandla. Ngisho nalapho okubuzayo sengathi ukucabangela okubi okusenhliziyweni noma akhulume njengophikisene nofakazi bakaJehova, musa ukuphindisela ngempendulo enokhahlo. (Roma 12:17, 21; 1 Pet. 2:21-23) Khumbula ukuthi ulapho ukunikeza ubufakazi. Bekungenzeke yini ukuthi esinye salezizikhulu sisabele na? Bekungenzeke yini ukuthi okungenani kuphumele esimweni esivumelanayo ngaphezulu ngasemsebenzini wokushumayela na? Makuthi ukuziphatha kwakho nenkulumo yakho kube-ngokumelele kahle indlela yeqiniso.—Math. 10:18-20.
17 Kungahle kube-nanezikhathi lapho kuhlakaniphile ukusho okuncane kakhulu. Ungahle nje ufise ukuphonsa umthwalo wokunikeza ubufakazi kubaphikisi, njengoba kwenza umphostoli uPawulu lapho kuthethwa icala lakhe. (IzE. 24:10-13) Noma ungahle ngisho unqume ukuthula. Lena kungahle kube-yindlela enhle kakhulu uma abantu ababi bezama ukukuhila noma ukuhlekisa ngawe lapho bengenaso isifiso esiqinisekile sokuthi imibuzo yabo iphendulwe. (Luka 23:8, 9) Noma, ungahle ucabange ukuthi kuhlakaniphile ukuthula ngokuba befuna, ngawe, ukulimaza oFakazi okanye nabo. Umhubi uDavide wathi: “Ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.” (IHu. 39:1, 2) Ikakhulu emazweni apho kukhona khona ukuphikiswa okwesabekayo kobuKristu beqiniso kukhona indingeko yokwazi ukwahlukanisa “isikhathi sokuthula” ne“sikhathi sokukhuluma.”—UmSh. 3:7.
18 Libeka amazwana ngekhono lezinceku zikaJehova lokuphendula imibuzo, iphephandaba lesiNgisi lalinalokhu kokusho: “Ngemuva kwakho konke uFakazi akwenzayo kunesizathu soMbhalo. Ngempela, owodwa umgomo wabo wemfundiso oyisisekelo wukuqaphela iBhayibheli njengelineqiniso lilonke, ngokoqobo futhi kukuphela kwalo. Nakulokhu sengathi kunamandla abo alandelayo; bangaphendula yonke imibuzo.” KuyiZwi likaNkulunkulu nokwencika kwethu kulo okwenza libe-nokwenzeka ikhono lethu lokuphendula imibuzo yabantu edidayo. Konke ukubonga nodumo kuya kuye. Kepha ngokuzama ukuthuthukisa izimpendulo zethu siletha indumiso engaphezulu kuJehova, sikhulise injabulo yethu futhi siholele abanye endleleni yokuthula kuNkulunkulu.