Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngamaholide
1 Nakuba imikhosi eminingi ehlangene noKhisimusi noNcibijane inemisuka yobuqaba, amaKristu okuzisholo angaphezu kwesigidigidi agubha lamaholide minyaka yonke. Abantu abaningi bakholelwa ngobuqotho ukuthi lemikhosi ivunyelwa uNkulunkulu. Singazifinyelela kanjani izinhliziyo zabantu abanjalo ngezindaba ezinhle phakathi nenkathi yamaholide?
YIBA OCABANGELAYO NONENHLONIPHO
2 Abadala benza amalungiselelo akhethekile okufakaza ngenkathi yamaholide, njengoba abaningi bethu benesikhathi sokuphumula emsebenzini wokuziphilisa. Isikhathi sokuqalisa umsebenzi wendlu ngendlu kumelwe silungiswe kucatshangelwa labo baninikhaya okungenzeka balala isikhathi esingaphezu kwesivamile kulezinsuku.
3 Njengoba siqhubeka nenkonzo yethu, cishe siyothola abantu abaningi bematasa ngempela ngezivakashi nangokulungisa ukudla. Siqaphela ukuthi kuyisikhathi esikhethekile kubo, ngenhlonipho singenza ukukhulumela kwethu kube kufushane futhi kushaye emhloleni. Ukucabangela kwethu kobuKristu kungase kuvule indlela yokunikeza ubufakazi obengeziwe esikhathini esizayo.
4 Asihlanganyeli emikhosini yezwe engokwenkolo, futhi asivumelani nokubingelelwa kwangenkathi yamaholide okungokwesiko. Ngakho-ke, kudingeka isu endleleni esisabela ngayo ekubingelelweni okunjalo. Asikho isidingo sokwenza impikiswano ngalokho kubingelelwa, kodwa ezimweni eziningi singambonga nje umninikhaya ngezilokotho zakhe ezinhle. Uma abantu bebuza ngalokho esikukholelwayo, singabaqinisekisa ngokuthi siyamhlonipha uKristu Jesu, njengoba lokho kufuneka kulabo abahlonipha uNkulunkulu. (Joh. 5:23) Nokho, amasiko amaningi amaholide awamhloniphi uKristu noma uNkulunkulu. Uma abantu befisa ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngalesosikhathi noma kamuva, singahlanganyela nabo ukwaziswa okusencwadini ethi Ukubonisana emakhasini 35-7 no-39.
IZETHULO
5 Njengoba amaholide kaKhisimusi enomsuka ongokwenkolo, singase sithole abantu abaningi abathambekele kakhulu ekukhulumeni ngoNkulunkulu ngalesikhathi kunanoma yisiphi esinye isikhathi sonyaka. Singasebenzisa leliqiniso ngokunenzuzo esethulweni sethu. Ngokwesibonelo, singase sithi: “Izigidi zabantu emhlabeni jikelele zigubha uKhisimusi noNcibijane. Ingabe ucabanga ukuthi lemikhosi isondeza abantu kuNkulunkulu?” Kungakhathaliseki ukuthi umninikhaya unomuzwa wokuthi lemikhosi mihle noma mibi, ngemva kokutusa ukukhulumela kwakhe, singase sithi: “Abantu abaningi bafisa sengathi ngabe banobuhlobo obungcono noNkulunkulu, mhlawumbe benomuzwa wokuthi uNkulunkulu cishe uqhelile kubo. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu ngempela uyasikhathalela kanye neplanethi yethu engumhlaba?” Khona-ke qhubeka neSihloko Sengxoxo.
6 Sisebenzisa enye indlela, singase sithi: “Phakathi nalenkathi kaKhisimusi, sivame ukuzwa abantu bezwakalisa ithemba lokuthi kuyoba nokuthula emhlabeni nomusa kubantu. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyoletha ukuthula emhlabeni esikhathini sethu?” Ngemva kwalokho singaqhubeka sibonisa ukuthi uJesu Kristu ‘uyiNkosi yokuthula’ ebikezelwe. (Isaya 9:6, 7) NjengoMbusi omisiwe kuhulumeni kaNkulunkulu, ngokushesha uKristu uzothatha isinyathelo sokuletha ukuthula okuhlala njalo emhlabeni.—Dan. 2:44; IsAm. 21:3-5.
7 Nakuba abantu abaningi bengenasithakazelo esigijimini soMbuso futhi bejabulela amaholide abo amanga angokwenkolo, uJehova ngokuqinisekile uyoyibusisa imizamo yethu yokufuna abafuni beqiniso, ngoba yena ngokwakhe ‘ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele,’ futhi uyobaqondisa enhlanganweni yakhe.—Joh. 4:23, 24.