Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 11/15 kk. 21-22
  • “Nikhulekelane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Nikhulekelane”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kumelwe Sikhulekelane?
  • Yini Okumelwe Ikhulekelwe?
  • Kukhulisa Izimfanelo ZobuKristu
  • Qhubekani Nikhulekelana
  • Thandazelanani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ukusondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 11/15 kk. 21-22

“Nikhulekelane”

UJEHOVA ‘unguMuzwi wemikhuleko.’ (IHubo 65:2) Uyayizwa njalo imikhuleko yalabo abazinikele kuye ngenhliziyo ephelele, futhi singaqiniseka ukuthi uyalalela lapho bekhulekelana.

Kodwa kungani kumelwe sikhulekelane? Imikhuleko enjalo kumelwe yenziwe ngokuphathelene nani? Futhi yiziphi izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu ezikhuliswayo lapho sikhulekelana?

Kungani Kumelwe Sikhulekelane?

ImiBhalo ikhuthaza abantu bakaJehova ukuba bakhulekelane. Imikhuleko yokukhulekela abanye yayiphakathi kwezicelo zomphostoli uPawulu ezaziya kuNkulunkulu. (Kolose 1:3; 2 Thesalonika 1:11) Ngaphezu kwalokho, umfundi uJakobe wabhala: “Nikhulekelane.”—Jakobe 5:16.

Imikhuleko eyenzelwa ezinye izinceku zikaNkulunkulu iyasebenza. Lokhu kuboniswa kuJakobe 5:13-18, lapho umKristu ogulayo ngokomoya enxuswa ukuba avumele abadala bebandla ‘bamkhulekele, bamgcobe ngamafutha egameni likaJehova.’ Ukuzwa umkhuleko wabo kungaqinisa umuntu ocindezelekile futhi kumqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyoyiphendula neyakhe imikhuleko. (IHubo 23:5; 34:18) Ngaphandle kokukhuleka nalowomuntu, abadala bazama ukubuyisela impilo yakhe engokomoya ngokuveza imiqondo engokomBhalo efana namafutha athobayo.

UJakobe uyanezela: “Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse.” Yebo, kungenzeka ukuba umuntu ogulayo ngokomoya asizwe “umkhuleko wokukholwa” wabadala. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu ‘uyomvusela’ empilweni engokomoya uma ezimisele ukusizwa ngemiBhalo. Kodwa kuthiwani uma ukugula okungokomoya kuwumphumela wesono esingathi sína? Nokho, uma umuntu ephenduka, uJehova uyomthethelela.

“Ngakho,” kusho uJakobe, “vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu. UEliya . . . wakhuleka . . . ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo.” (1 AmaKhosi 17:1-7; 18:1, 42-45) Unamandla umkhuleko womuntu olungileyo ovumelana nentando kaNkulunkulu.—1 Johane 5:14, 15.

Yini Okumelwe Ikhulekelwe?

Singakhuleka nganoma yini ngenxa yesikholwa kanye naye. Ngokwesibonelo, uPawulu wacela abanye ukuba bamkhulekele ukuba abe nekhono lokukhuluma izindaba ezinhle. (Efesu 6:17-20) Kuthiwani uma sazi ukuthi othile uyalingwa? Singamkhulekela ukuba ‘angenzi lutho olubi’ nokuba uNkulunkulu angamshiyi ekulingweni kodwa amkhulule komubi, uSathane uDeveli. (2 Korinte 13:7; Mathewu 6:13) Futhi uma othile egula ngokwenyama, singacela uJehova ukuba amnikeze amandla adingekayo okuba akhuthazelele ukugula kwakhe.—IHubo 41:1-3.

Kufanelekile ngaso sonke isikhathi ukukhulekela abakhulekeli bakaJehova esikanye nabo abashushiswayo. UPawulu nabangane bakhe bathola ushushiso olunzima, futhi watshela amaKristu aseKorinte: “Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.” (2 Korinte 1:8-11; 11:23-27) Ngisho nalapho siboshiwe, singabakhulekela abanye abazalwane abashushiswayo, sikhumbula njalo ukuthi uJehova uyayizwa “imikhuleko yabalungileyo.”—IzAga 15:29.

Ikakhulukazi kufanele sithandazele abafowethu abathwele imithwalo yemfanelo emikhulu phakathi kwenhlangano kaJehova. Lokhu kuhlanganisa labo abaqondisa inhlangano futhi balungiselele ukudla okungokomoya okwabiwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Ngokwesibonelo, amalungu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ayifanele imithandazo yethu, futhi singakhulekela ukuba uNkulunkulu awanike “umoya wokuhlakanipha.”—Efesu 1:16, 17.

Kukhulisa Izimfanelo ZobuKristu

Ngokukhulekela esikholwa kanye nabo, sizibonakalisa singabakhathalelayo, abangenabugovu, nabanothando. Ukukhathalela kothando, okungenabugovu ngabafowethu nodadewethu abangokomoya kuvumelana nephuzu likaPawulu lokuthi uthando “aluzifuneli okwalo.” (1 Korinte 13:4, 5) Ukukhulekela abanye kungenye indlela yokuba “yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.” (Filipi 2:4) Uma senza inhlala-kahle yabanye engokomoya ibe ukukhathalela kwethu emkhulekweni, sizithola futhi sisondela ngokwengeziwe kubo ngothando lobuzalwane olubonakalisa abafundi bakaJesu.—Johane 13:34, 35.

Imfanelo yokuzwelana iyakhula ngakulabo esibakhulekelayo. (1 Petru 3:8) Siba nozwela ngabo, sihlanganyela ezithakazelweni zabo nasosizini lwabo. Emzimbeni womuntu, uma kulimele isandla esisodwa, esinye siyasinakekela futhi sizame ukudambisa ubuhlungu obubangelwa inxeba. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:12, 26.) Ngokufanayo, ukukhulekela abazalwane nodade abasekuhluphekeni kukhulisa uzwela lwethu ngabo futhi kusisize ukuba sibakhumbule. Yithina esilahlekelwayo uma sikhohlwa amaKristu athembekile esikanye nawo emikhulekweni yethu, ngoba uNkulunkulu noKristu abawashiyi.—1 Petru 5:6, 7.

Izimfanelo ezihlukahlukene zokwesaba uNkulunkulu ziyakhuliswa lapho sikhulekela abanye. Sibaqonda ngokwengeziwe futhi sibabekezelele. Usizi olungase lube khona luyaphela, luvulele indawo imicabango eyakhayo esenza sibe nothando futhi sijabule. Futhi ukukhulekela abanye kuthuthukisa ukuthula nobunye phakathi kwabantu bakaJehova.—2 Korinte 9:13, 14.

Qhubekani Nikhulekelana

NjengoPawulu, singacela abanye ukuba basikhulekele. Ngaphandle kokukhuleka kanye nathi, abangane bethu bangase basikhulekele kuNkulunkulu ngasese, basibize ngamagama, basho inkinga yethu, futhi bamcele ukuba asisize. Futhi usizo luyofika, ngoba “iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu.”—2 Petru 2:9.

OFakazi BakaJehova abasibekayo emikhulekweni yabo nabo banezilingo—mhlawumbe ezicindezela kakhulu kunezethu. Nokho, bayisa izinkathazo zethu phambi kweNkosi Yaphakade, mhlawumbe bekhala ngisho nezinyembezi ngenxa yethu. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:4; 2 Thimothewu 1:3, 4.) Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngalokhu! Ngakho-ke, ngenxa yokuba nokwazisa kanye nangezinye izizathu okusanda kuxoxwa ngazo, masikhulekelane.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela