Ukufundiswa UJehova
1 Umprofethi uIsaya wamemezela: “INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi.” (Isaya 50:4) Enye indlela uJehova akwenza ngayo lokhu ingokuqeqeshwa okunikezwa ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Nokho, umzamo womuntu siqu usadingeka. Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini yenza lokhu kuphawula ekhasini 39: “Kungakhathaliseki ukuthi uhlobo oluthile lwesabelo uye walusingatha kangaki, ukulungiselela kuyasiza ngaso sonke isikhathi.” Lokhu kusebenza kithi sonke, kungakhathaliseki ukuthi sisenezinyanga ezimbalwa nje kuphela siqalisile esikoleni noma kusukela ekuqaleni kwaso ngo-1943.
2 Bonke abafundi kumelwe balungiselele kahle. Lokhu kuhlanganisa ukuqaphela isikhathi. Iziyalezo zeSimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini zithi: “Ayikho inkulumo okufanele yeqe isikhathi.” Lapho umzwalwane osingatha iSabelo No. 1 eqa isikhathi ngokuphindaphindiwe, kumelwe anikezwe iseluleko ngasese. Umbonisi wesikole kumelwe futhi aqalise umhlangano ngesikhathi futhi alandele iziyalezo ngokuqondene nesikhathi esibekelwe iseluleko sakhe nokuphawula. Siza uphawule ukuthi kuzosetshenziwa incwadi entsha ethi “Yonke ImiBhalo.”
3 Bonke bangazuza kakhulu engxenyeni yamaphuzu avelele eBhayibheli. Sikhunjuzwa ukuthi lamaphuzu akumelwe nje abe ukubukezwa kokwaziswa okwabelwe. Isikhulumi kumelwe sisize izilaleli ukuba ziqonde ukuthi kungani futhi kukanjani lokho kwaziswa kubalulekile kithi.
4 INkulumo No. 3, iye yahlelwa ngezindlela eziningi kwaba nempumelelo ngezindlela ezihlukahlukene. Kodwa uma sikhumbula ukuthi enye yezinjongo eziyinhloko zesikole, iwukusisiza ukuba sishumayele iqiniso ngokuqondile nangokucacile, kutuswa ukuba ukuhlelwa kwenkulumo kuhlanganise inkonzo yasensimini noma ukufakaza ngokwethukela.
5 INkulumo No. 4, lapho isekelwe encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, iyokwabelwa abafundi abasha noma abasebasha. Yebo, umfundi owabelwe kumelwe akwazi ukufunda. Lezinkulumo ziyoshintshana masonto onke nentshumayelo esencwadini ethi Ukubonisana. Kuzo zombili iNkulumo No. 3 neNkulumo No. 4, umfundi kumelwe asebenzise isihloko esibonisiwe.
6 Kudingekile ukuba kuboniswe ukunakekela lapho kwenezelwa okunye ukwaziswa. Okunye kokwaziswa okwabelwe kungase kuhlanganise isigaba esisodwa noma ezimbili kuphela. Kodwa lokhu kwaziswa kusenganikezwa ngokuphumelelayo esikhathini esabelwe ngokufunda nokuchaza imiBhalo, ukusebenzisa imifanekiso, nokunye. Ezikhathini eziningi, akudingekile ukuba sinikeze ukwaziswa okungekho kulokho esikwabelwe. Izilaleli kumelwe zikwazi ukuhambisana nawe encwadini inkulumo esekelwe kuyo.
7 UNkulunkulu esimkhulekelayo ungumthombo ongakhathali wokuhlakanipha nolwazi. (Roma 11:33) Ngisho nangemva kwezinkulungwane zeminyaka, kusayodingeka ukuba sifunde okuningi. Ikhono lethu lokudumisa uBaba wethu osezulwini nokusingatha izinkinga zokuphila kanye nokwaneliseka nenjabulo kuyokwanda, kuye ngomzamo esiwenzayo wokufinyelela ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Khona-ke, kwenze ukuzimisela kwakho ukuzuza ngokugcwele elungiselelweni uMfundisi wethu Omkhulu aye wasenzela lona ngokuba khona njalo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Kwangathi ukukhuthala kwakho ekulungiseleleni nokuhlanganyela eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini phakathi no-1991 kungakusiza ukuba ukufeze lokhu.