Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 8
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • Amanzi ayabohla (1-14)

        • Kuthunyelwa ijuba (8-12)

      • Bayaphuma emkhunjini (15-19)

      • Isithembiso sikaNkulunkulu ngomhlaba (20-22)

Genesise 8:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “wamkhumbula.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 6:19, 20; Heb 11:7

Genesise 8:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “yavinjwa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:11, 12

Genesise 8:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:20

Genesise 8:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 6:16

Genesise 8:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “indawo elalingabeka kuyo unyawo lwalo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:19

Genesise 8:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:20; 8:3

Genesise 8:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:6, 11

Genesise 8:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:7; 1Pe 3:20; 2Pe 2:5

Genesise 8:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 6:19, 20; 7:14, 15
  • +Gen 1:22

Genesise 8:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 6:10

Genesise 8:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 7:13, 14

Genesise 8:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 12:7
  • +Gen 7:2; Lev 20:25
  • +Dut 27:6

Genesise 8:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “elanelisayo; elizolisayo.” NgesiHebheru, “elizolile.”

  • *

    Noma, “ngiyale ukuba kwenzeke okubi emhlabathini.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 3:17; 5:29
  • +Gen 6:5; Shu 7:20; Mat 15:19
  • +Gen 6:7, 17; 9:11; Isay 54:9

Genesise 8:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 1:14; IHu 74:17; Shu 1:4

Okunye

Gen. 8:1Gen 6:19, 20; Heb 11:7
Gen. 8:2Gen 7:11, 12
Gen. 8:5Gen 7:20
Gen. 8:6Gen 6:16
Gen. 8:9Gen 7:19
Gen. 8:11Gen 7:20; 8:3
Gen. 8:13Gen 7:6, 11
Gen. 8:16Gen 7:7; 1Pe 3:20; 2Pe 2:5
Gen. 8:17Gen 6:19, 20; 7:14, 15
Gen. 8:17Gen 1:22
Gen. 8:18Gen 6:10
Gen. 8:19Gen 7:13, 14
Gen. 8:20Gen 12:7
Gen. 8:20Gen 7:2; Lev 20:25
Gen. 8:20Dut 27:6
Gen. 8:21Gen 3:17; 5:29
Gen. 8:21Gen 6:5; Shu 7:20; Mat 15:19
Gen. 8:21Gen 6:7, 17; 9:11; Isay 54:9
Gen. 8:22Gen 1:14; IHu 74:17; Shu 1:4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 8:1-22

Genesise

8 Kodwa uNkulunkulu wamnaka* uNowa nazo zonke izilwane zasendle nezilwane ezifuywayo ezazinaye emkhunjini, + uNkulunkulu wenza ukuba kuvunguze umoya emhlabeni, amanzi aqala ukubohla. 2 Iziphethu zamanzi ajulile namasango amanzi emazulwini kwavalwa, ngakho imvula evela ezulwini yanqamuka.* + 3 Ngemva kwalokho amanzi ayelokhu ebohla emhlabeni. Ekupheleni kwezinsuku ezingu-150, amanzi ayesebohlile. 4 Ngenyanga yesikhombisa, ngosuku luka-17 lwenyanga, umkhumbi wahlala ezintabeni zase-Ararati. 5 Amanzi ayelokhu encipha kwaze kwaba inyanga yeshumi. Ngenyanga yeshumi, ngosuku lokuqala lwenyanga, iziqongo zezintaba zavela. +

6 Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingu-40, uNowa wavula ifasitela + ayelenze emkhunjini 7 wathumela igwababa; lalilokhu lindiza ngaphandle liphinde libuye, kwaze kwaba yilapho amanzi oma emhlabeni.

8 Kamuva wathumela ijuba ukuze abone ukuthi amanzi ayesebohlile yini emhlabathini. 9 Ijuba aliyitholanga indawo yokuphumula elalingahlala kuyo,* ngakho labuyela kuye emkhunjini ngoba amanzi ayesamboze wonke umhlaba. + Ngakho wakhiphela isandla sakhe ngaphandle walingenisa emkhunjini. 10 Walinda ezinye izinsuku eziyisikhombisa, waphinde walithumela ijuba lisuka emkhunjini. 11 Lapho ijuba lifika kuye ngesikhathi sekuzohlwa, wabona ukuthi kwakukhona iqabunga lomnqumo elalisanda kukhiwa emlonyeni walo! Ngakho uNowa wazi ukuthi amanzi ayesebohlile emhlabeni. + 12 Walinda ezinye futhi izinsuku eziyisikhombisa. Wabe esethumela ijuba, kodwa alibange lisabuyela kuye.

13 Ngonyaka ka-601, + ngenyanga yokuqala, ngosuku lokuqala lwenyanga, amanzi ayesemuncekile emhlabeni; uNowa wasusa isembozo somkhumbi wayesebona ukuthi umhlabathi wawoma. 14 Ngenyanga yesibili, ngosuku luka-27 lwenyanga, umhlaba wase womile.

15 UNkulunkulu wathi kuNowa: 16 “Phuma emkhunjini, wena, umkakho, amadodana akho nabafazi bamadodana akho. + 17 Khipha zonke izidalwa eziphilayo zazo zonke izinhlobo zenyama, + zezilwane ezindizayo, nezezilwane, nezazo zonke izilwane ezihuquzelayo zomhlaba ukuze zigcwale emhlabeni, zizale zande emhlabeni.” +

18 Ngakho uNowa waphuma kanye namadodana akhe, + umkakhe nabafazi bamadodana akhe. 19 Zonke izidalwa eziphilayo, zonke izilwane ezihuquzelayo nazo zonke izilwane ezindizayo, yonke into ehambayo emhlabeni, kwaphuma ngamaqembu emkhunjini. + 20 Ngemva kwalokho uNowa wakhela uJehova i-altare + futhi wathatha ezinye zezilwane ezihlanzekile nezinye kuzo zonke izilwane ezindizayo ezihlanzekile, + wenza ngazo umnikelo oshiswayo e-altare. + 21 UJehova wahogela iphunga elimnandi.* Ngakho uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Ngeke ngiphinde ngiwuqalekise umhlabathi* + ngenxa yomuntu, ngoba izifiso nemicabango yenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke; + futhi ngeke ngiphinde ngishaye yonke into ephilayo njengoba ngenzile. + 22 Kusukela manje, emhlabeni ngeke kuphele ukuhlwanyela imbewu nokuvuna, amakhaza nokushisa, ubusika nehlobo kanye nobusuku nemini.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela