Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Nehemiya 8
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Nehemiya Okuphakathi

      • Kufundwa uMthetho bese uchazelwa abantu (1-12)

      • Kugujwa uMkhosi Wamadokodo (13-18)

Nehemiya 8:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umbhali.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Neh 3:26; 12:37
  • +Ezr 7:6
  • +Dut 31:9; Jos 1:8
  • +Lev 27:34

Nehemiya 8:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 23:24; 1Kh 8:2
  • +Dut 31:12; 2Kr 17:8, 9; Mal 2:7

Nehemiya 8:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 13:15; 15:21
  • +IzE 16:14; 17:11

Nehemiya 8:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umbhali.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Neh 12:40, 42

Nehemiya 8:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Makube njalo!”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 27:26

Nehemiya 8:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Neh 9:4
  • +Ezr 8:33; Neh 11:16
  • +Dut 33:8, 10

Nehemiya 8:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “babekwenza kuqondwe lokho okwakufundwa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 24:27; IzE 8:30, 31

Nehemiya 8:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “owayeyiThirishatha,” isiqu sasePheresiya esisho undunankulu wesifundazwe.

  • *

    Noma, “nombhali.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Ezr 7:11
  • +Lev 23:24

Nehemiya 8:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “okunonileyo.”

  • *

    Noma, “ingamandla enu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Est 9:19

Nehemiya 8:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 126:1-3
  • +Neh 8:8

Nehemiya 8:13

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umbhali.”

Nehemiya 8:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “emiphemeni yesikhashana.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 23:34, 42; Dut 16:13, 16; Joh 7:2

Nehemiya 8:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “amahlahla; amahlamvu.”

  • *

    Noma, “namahlahla; namahlamvu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 23:4

Nehemiya 8:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Kh 6:36; 7:12; 2Kr 4:9; 20:5
  • +Neh 3:26; 8:1, 3
  • +2Kh 14:13; Neh 12:38, 39

Nehemiya 8:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jos 1:1
  • +Dut 16:14, 15

Nehemiya 8:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 31:10-12
  • +Lev 23:34, 36

Okunye

Neh. 8:1Neh 3:26; 12:37
Neh. 8:1Ezr 7:6
Neh. 8:1Dut 31:9; Jos 1:8
Neh. 8:1Lev 27:34
Neh. 8:2Lev 23:24; 1Kh 8:2
Neh. 8:2Dut 31:12; 2Kr 17:8, 9; Mal 2:7
Neh. 8:3IzE 13:15; 15:21
Neh. 8:3IzE 16:14; 17:11
Neh. 8:4Neh 12:40, 42
Neh. 8:6Dut 27:26
Neh. 8:7Neh 9:4
Neh. 8:7Ezr 8:33; Neh 11:16
Neh. 8:7Dut 33:8, 10
Neh. 8:8Luk 24:27; IzE 8:30, 31
Neh. 8:9Ezr 7:11
Neh. 8:9Lev 23:24
Neh. 8:10Est 9:19
Neh. 8:12IHu 126:1-3
Neh. 8:12Neh 8:8
Neh. 8:14Lev 23:34, 42; Dut 16:13, 16; Joh 7:2
Neh. 8:15Lev 23:4
Neh. 8:161Kh 6:36; 7:12; 2Kr 4:9; 20:5
Neh. 8:16Neh 3:26; 8:1, 3
Neh. 8:162Kh 14:13; Neh 12:38, 39
Neh. 8:17Jos 1:1
Neh. 8:17Dut 16:14, 15
Neh. 8:18Dut 31:10-12
Neh. 8:18Lev 23:34, 36
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Nehemiya 8:1-18

UNehemiya

8 Bonke abantu babuthana ngobunye esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi, + batshela u-Ezra + umkopishi* ukuba alethe incwadi yoMthetho KaMose, + uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli. + 2 Ngakho ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa, + u-Ezra umpristi wawuletha uMthetho phambi kwebandla + lamadoda, abesifazane kanye nabo bonke ababekwazi ukuqonda lokho okwakushiwo. 3 Wawufunda ngokuzwakalayo + emi esigcawini esiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuntweleni kokusa kwaze kwaba semini bebade, ewufundela amadoda, abesifazane kanye nabo bonke ababekwazi ukuqonda; abantu bayilalelisisa + incwadi yoMthetho. 4 U-Ezra umkopishi* wayemi endaweni yesikhulumi eyenziwe ngepulangwe yenzelwe leso senzakalo; ngakwesokudla sakhe kwakumi uMatithiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; kwesobunxele sakhe kumi uPhedaya, uMishayeli, uMalikhiya, + uHashumi, uHashi-badana, uZakariya noMeshulamu.

5 U-Ezra wavula incwadi phambi kwawo wonke umuntu ngoba wayesendaweni ephakeme kunabo bonke abantu. Njengoba ayeyivula, bonke abantu basukuma. 6 U-Ezra wabe esedumisa uJehova uNkulunkulu weqiniso oMkhulu, bonke abantu bathi, “Amen!* Amen!” + baphakamisa izandla zabo. Ngemva kwalokho baguqa phambi kukaJehova, bakhothama emhlabathini. 7 UJeshuwa, uBhani, uSherebiya, + uJamini, u-Akhubi, uShabhethayi, uHodiya, uMahaseya, uKelitha, u-Azariya, uJozabhadi, + uHanani noPhelaya, ababengamaLevi, babechazela abantu uMthetho, + abantu bemile. 8 Baqhubeka beyifunda ngokuzwakalayo incwadi, uMthetho kaNkulunkulu weqiniso, bewuchaza kahle futhi bewucacisa; ngaleyo ndlela babasiza abantu ukuba bakuqonde lokho okwakufundwa. *+

9 UNehemiya owayengundunankulu* ngaleso sikhathi, u-Ezra + umpristi nomkopishi* kanye namaLevi ayefundisa abantu, bathi kubo bonke abantu: “Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu. + Ningadabuki noma nikhale.” Ngoba bonke abantu babekhala njengoba bezwa amazwi oMthetho. 10 UNehemiya wathi kubo: “Hambani nidle ukudla kwekhethelo* niphuze okumnandi, nithumele ukudla + nakulabo abangenalutho; ngoba lolu suku lungcwele eNkosini yethu, ningadangali, ngoba injabulo kaJehova iyisiphephelo senu.”* 11 AmaLevi ayethulisa bonke abantu, ethi: “Thulani! ngoba lolu suku lungcwele, ningadangali.” 12 Ngakho bonke abantu bahamba ukuze bayokudla, baphuze, baphane ukudla futhi bajabule kakhulu, + ngoba babewaqondile amazwi ababewatsheliwe. +

13 Ngosuku lwesibili, izinhloko zemindeni yabo bonke abantu, abapristi kanye namaLevi, babuthana ndawonye ku-Ezra umkopishi* ukuze bawaqonde kabanzi amazwi oMthetho. 14 EMthethweni uJehova ayewunike uMose bathola kulotshwe ukuthi ama-Israyeli kufanele ahlale emadokodweni* ngomkhosi oba ngenyanga yesikhombisa, + 15 nokuthi kumele amemezele + futhi akhiphe isaziso kuwo wonke amadolobha awo nakulo lonke iJerusalema, athi: “Phumani niye ezintabeni niyokha amagatsha anamaqabunga* ezihlahleni zomnqumo, ezihlahleni zikaphayini, ezihlahleni zombomvana nezesundu kanye namagatsha anamaqabunga* ezinye izihlahla ukuze nenze amadokodo, ngokuvumelana nalokho okulotshiwe.”

16 Abantu baphuma bawalanda ukuze bazenzele amadokodo, yilowo nalowo phezu kophahla lwakhe, emagcekeni emizi yabo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu weqiniso, + esigcawini seSango Lamanzi + nasesigcawini seSango Lika-Efrayimi. + 17 Kanjalo lonke ibandla lalabo ababebuyile bevela ekuthunjweni lenza amadokodo lahlala kuwo, ngoba ama-Israyeli ayengakaze akwenze lokhu kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa + indodana kaNuni kuze kube yilolo suku, okwaletha injabulo enkulu. + 18 Usuku nosuku kwakufundwa incwadi yoMthetho kaNkulunkulu weqiniso, + kusukela ngosuku lokuqala kwaze kwaba usuku lokugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku luka-8 kwaba nomhlangano onokuthula, njengoba kwakuyaliwe. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela