4 U-Ezra umkopishi wayemi endaweni yesikhulumi eyenziwe ngepulangwe yenzelwe leso senzakalo; ngakwesokudla sakhe kwakumi uMatithiya, uShema, u-Anaya, u-Uriya, uHilikiya noMahaseya; kwesobunxele sakhe kumi uPhedaya, uMishayeli, uMalikhiya, + uHashumi, uHashi-badana, uZakariya noMeshulamu.