AmaHubo
147 Dumisani uJah!*
3 Upholisa izinhliziyo eziphukile;
Abophe amanxeba abo.
4 Ubala izinkanyezi;
Zonke uzibiza ngamagama. +
6 UJehova uphakamisa abamnene, +
Kodwa ababi ubaphonsa phansi emhlabathini.
7 Hubelani uJehova nimbonge;
Hubelani uNkulunkulu wethu ngehabhu,
8 Omboza amazulu ngamafu,
Oletha imvula emhlabeni, +
Owenza ukuba kuhlume utshani + ezintabeni.
12 O Jerusalema, khazimulisa uJehova.
Dumisa uNkulunkulu wakho Ziyoni.
13 Wenza imigoqo yamasango edolobha lakho iqine;
Ubusisa amadodana akho.
15 Uthumela umyalo wakhe emhlabeni;
Izwi lakhe ligijima ngejubane.
17 Uphonsa phansi isichotho* sakhe njengezingcezwana zesinkwa. +
Ubani ongawamela amakhaza akhe? +
18 Uthumela izwi lakhe, iqhwa lincibilike.
Ubangela umoya wakhe ukuba uvunguze, + amanzi ageleze.
19 Izwi lakhe ulitshela uJakobe,
Iziqondiso zakhe nezahlulelo zakhe uzitshela u-Israyeli. +
20 Akenzanga kanjalo kunoma yisiphi esinye isizwe; +
Izizwe azazi lutho ngemithetho yakhe.