IZaziso
● Isipho sencwadi ngoFebruary: Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50. NgoMarch: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu noma Elomuntu? ngo-mnikelo ka-R2,50. NgoApril nangoMay: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda. Lapho isikhokhelo singatholakali, kungahanjiswa omagazini ababili kanye nanoma iyiphi incwajana engangomagazini ngo-mnikelo ka-R1,95.
● Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anenkinga yokuhlangabezana nemfuneko yamahora, abadala kufanele bahlele ukuba anikezwe usizo. Ukuze nithole ukusikisela, bukezani izincwadi zeNhlangano (S-201) zikaNovember 1, 1988, nekaOctober 1, 1989. Futhi, bhekani izigaba 12-20 zesenezelo seNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.
● Umkhosi weSikhumbuzo uzoba ngoLwesibili, April 10, 1990. Nakuba inkulumo ingaqala ngaphambi kwesikhathi, sizani nikhumbule ukuthi ukuhanjiswa kwesinkwa seSikhumbuzo newayini akufanele kuqale kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Thintanani nemithombo yokwaziswa yendawo yakini ukuze nithole ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Ayikho eminye imihlangano okumelwe iqhutshwe ngalolosuku. Uma ngokuvamile ibandla lakini linemihlangano ngoLwesibili, ningase nifune ukuyishintshela kwesinye isikhathi kulelosonto uma ihholo litholakala. Uma kuthinteka uMhlangano wenu Wenkonzo, kungase kube okunokwenzeka ukuba nihlanganise noma yiziphi izingxenye ezihlelelwe lelosonto ikakhulukazi ezifanelekela ibandla lakini komunye uMhlangano Wenkonzo.
● Sifisa ukukhumbuza wonke amabandla ukuthi amakhadi okuzibonakalisa okukhulunywe ngawo kuNkonzo Yethu YoMbuso kaDecember 1989 akuwona akawonk’uwonke. Kufanele a-odwe umbonisi owengamele lapho kunesidingo esiphuthumayo noma lapho kuhlangatshezwana nezinkinga lapho kusetshenzwa insimu edinga ukuba abamemezeli bazibonakalise noma kufunwa izincwadi zokubagunyaza.
● Amabandla manje asengayi-oda imiqulu yeWatchtower yeminyaka ka-1972 no-1973. Sizani ningawafaki ama-oda emiqulu yeminyaka engemva kuka-1973 kuze kumenyezelwe kuNkonzo Yethu YoMbuso ukuthi isiyatholakala.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Comprehensive Concordance of the New World Translation of the Holy Scriptures—ngesiJalimane
Life—How Did It Get Here By Evolution or by Creation? (Encane)—ngesiPolishi
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo (ibandla neningi: R3,75; amaphayona: R2.00)—ngesiBhunu, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiJalimane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPedi, ngesiPutukezi, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiXhosa, ngesiZulu
IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!—ngesiHungary
Hubani Izindumiso zikaJehova (Elincane)—ngesiSuthu, ngesiXhosa, ngesiZulu
IBhayibheli−Izwi LikaNkulunkulu noma Elomuntu? (ibandla neningi: R2.50; amaphayona: R1.25)—ngesiBhunu, ngesiDashi, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiJalimane, ngesiJapane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPedi, ngesiPutukezi, ngesiShayina, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiXhosa, ngesiZulu
Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? (ibandla neningi: 75c; amaphayona: 40c)—ngesiBhunu, ngesiGreki, ngesiHungary, ngesiJalimane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPedi, ngesiPolishi, ngesiPutukezi, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa, ngesiZulu
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Ukulalela UMfundisi oMkhulu (amakhasethi amahlanu nencwadi kuyialbhamu; ibandla neningi: R34,00; amaphayona: R28.50)—ngesiGreki
● Ezingekho Esitokweni ENingizimu Afrika:
Man’s Salvation out of World Distress at Hand!—ngesiNgisi
Watch Tower Publications Index 1986-1988—ngesiNgisi
Jehovahˈs Witnesses and the Question of Blood—ngesiNgisi
Jehovahˈs Name to Be Declared in All the Earth—iDrama (ikhasethi elingalodwa)—ngesiNgisi
Beware of Losing Faith by Drawing Away From Jehovah—iDrama (ikhasethi elingalodwa)—ngesiNgisi