Ukubonisa Ukwethembela KuJehova Ngokuphayona
1 Ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala kudinga ukwethembela kuJehova. (IHu. 56:11; IzAga 3:5; Math. 6:33) Kumelwe sisuse izingqondo zethu kulokho izwe elikubheka njengokubalulekile futhi sizigxilise ezinzuzweni ezingokomoya. Njengoba izwe lisihehela ezifisweni zezinto ezibonakalayo, uJehova usicela ukuba saneliswe izinto ezibaluleke ngempela.—1 Thim. 6:8; Fil. 1:10.
2 Lokhu kuyinselele ikakhulukazi entsheni engamaKristu efuna ukuthatha imiyalo kaJehova ngokungathi sina. Ingase icindezelwe othisha bayo nawontanga bayo esikoleni abacabangela imfundo ephakeme njengedingekile ukuze umuntu aphumelele ekuphileni. Ikuqaphela ukuthi inezidingo zezinto ezibonakalayo, intsha eningi engamaKristu imelana ngokuhlakanipha nokucindezela okunjalo futhi ikhetha inkonzo yamaphayona njengomsebenzi wayo. Ithembela ezithembisweni zikaJehova, ibheka kuye ukuba anakekele izidingo zayo.—IHu. 62:2; 68:19; 1 Thim. 5:8; 6:9,10.
HLOLA IZIMO ZAKHO SIQU
3 INqabayokulinda kaJune 1, 1983, yakhuthaza ngamunye wethu ukuba azibuze: “Ingabe ngempela ngingazithethelela phambi kukaJehova ngenxa yokuthi angilona iphayona?” Ngokusobala, abaningi ngalesosikhathi babengekho esimweni sokuba bangaphayona. Kodwa abazange badumale, njengoba babazi ukuthi inkonzo eyenziwa ngenhliziyo yonke kungakhathaliseki ukuthi ingakanani iyemukeleka kuJehova. (Mika 6:8; 2 Kor. 8:12) Kamuva, njengoba izimo zomuntu siqu zishintsha, ukucatshangelwa ngomthandazo kwalesosihloko seNqabayokulinda ka-1983 kwenza abanye ukuba babe phakathi kwezinkulungwane muva nje eziye zangenela inkonzo yamaphayona avamile.
4 Uma izimo zakho siqu zakuvimbela ukuba ungenele inkonzo yamaphayona ngenkathi lamazwi angenhla enyatheliswa ngo-1983, ingabe izimo zakho zishintshile? ENingizimu Afrika, ngonyaka odlule kwamukelwa izicelo zobuphayona ezingaphezu kwama-550! Akungabazeki ukuthi abaningi balaba abafaka izicelo babekufune ngaphambi kwalokho ukuba amaphayona kodwa kwadingeka ukuba balinde kuze kube yilapho izimo zabo sezishintshile.
5 Ngezinye izikhathi, ushintsho oludingekile lungase luhilele isimo sengqondo somuntu ngenkonzo yamaphayona. Noma kungase kuhilele nje ukwenza isimiso esihle senkonzo. Ngezinye izikhathi kudingeka ushintsho emithwalweni yemfanelo yomuntu siqu nasezibophweni ezithile ukuze kuvuleke indlela eya enkonzweni yobuphayona. Ngakho-ke, kuhle ukukucabangela njalo ngomthandazo kuJehova bese sizihlola ngobuqotho thina kanye nezimo zethu. Izinkulungwane ziye zakwenza lokho futhi manje zijabulela izibusiso zenkonzo yamaphayona.
6 Uma ukuhlola ngobuqotho izimo zakho kubonisa ukuthi ungaba ngomunye wabangaqalisa ukuphayona esikhathini esingekude kakhulu, kungani ungaqali manje ngenkonzo yamaphayona asizayo yasikhathi sonke? Ngezinyanga ezimbalwa nje, cishe uzobe usunezimpindelo kanye nezifundo zeBhayibheli. Lokhu kungakusiza ekubeni udlulele kalula enkonzweni yamaphayona avamile, cishe ngaphambi kokuba unyaka wenkonzo olandelayo uqale.
7 UJehova ufeza izinto eziningi kulezinsuku zokugcina zalesimiso esibi esikhona. Manje isikhathi sokuba sonke sisondele kuye futhi sidumise igama lakhe “imihla yonke.” (IHu. 145:2; Jak. 4:8) Uma izimo zakho zikuvumela futhi ufaneleka, yenza inkonzo yamaphayona ibe obunye ubufakazi bokuthi uthembela kuJehova.—IHu. 94:18.