Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngencwadi Ethi Izwi LikaNkulunkulu
1 Encwadini yakhe eya kumvangeli ayekanye naye, umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.”—2 Thim. 3:16.
2 Njengabamemezeli bezindaba ezinhle bosuku lwanamuhla, lamazwi siwakholelwa ngezinhliziyo zethu zonke. Samukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. Sithatha isiqondiso salo kuzo zonke izici zokuphila kwethu. (IHu. 119:105; Joh. 17:17) Kodwa singabasiza kanjani abanye ukuba bamukele iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu futhi basebenzise izimiso zalo ekuphileni kwabo kwansuku zonke?
INDLELA YOKUKWENZA
3 Njengoba sihlanganyela ekuhanjisweni kokuqala kwencwadi entsha ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? phakathi nenyanga kaMarch, sizobe sakha ukuthembela eBhayibhelini futhi sisiza abantu ukuba babone izinzuzo zokuphila ngokuvumelana neseluleko salo esiphefumlelwe. Yeka ilungelo leli okuzoba yilo!
4 Yini esingayisho lapho sihambisa lencwadi? Ngemva kokubingelela ngobungane, singase silethe ukunakekela kuzAga 14:12 ukuze sibonise ukuthi ukuphila okuphumelelayo kudinga isiqondiso esihlakaniphile. Isiqondiso esingalungile singaletha inhlekelele. Khona-ke funda IzAga 2:6, 7 ukuze ubonise ukuthi uJehova unikeza ukuhlakanipha kwangempela. Singabonisana nomninikhaya ngesidingo sokuphendukela eBhayibhelini ukuze sithole ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Khona-ke singase sithi: “Lencwadi ibonisa ukuthi iBhayibheli lingumthombo onokwethenjwa weseluleko esinengqondo ezinkingeni abantu ababhekana nazo. Siza uphawule lokho okusesigabeni 2 ekhasini 5 (Funda isigaba 2, futhi uma isikhathi sivuma, funda isigaba 4.) Lencwadi izokusiza ukuba uqonde ukuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu nokuthi liqukethe isiqondiso esiwusizo kuzo zonke izindaba zokuphila. Lencwadi ingeyakho ngomnikelo ka-R2,50 kuphela.”
5 Umninikhaya angase abonakale ematasa noma athi akanasithakazelo, engafuni ukuzihilela engxoxweni ende. Ukuze wenze intshumayelo emfushane, ungase uthi: “Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi kunezinkinga eziningi ezibhekene nesintu.” Khona-ke, funda isigaba esiyisingeniso sesahluko 1. Ngemva kokuba umninikhaya esewuphendulile umbuzo wokuphetha okulesosigaba, ungase uthi: “IBhayibheli lisitshela ukuthi ngokushesha manje uNkulunkulu ngokwakhe uzoxazulula zonke izinkinga ezihlupha isintu. Lencwadi inikeza ubufakazi obunamandla ekuboniseni ukuthi iBhayibheli liqinisile, njengoba liyiZwi likaNkulunkulu hhayi elomuntu. Ngingathanda ukuba ube nayo ngomnikelo kaR2,50 kuphela.”
UKUGCWALISA ISIDINGO
6 Lencwadi entsha, iBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, izokwenza abafundi abaqotho baqonde ukuthi iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu. Ukukucabangela ngobuqotho lokho elikushoyo kungase kubangenise endleleni eya ekuphileni. Ngakho-ke, yenza umzamo okhethekile ukuba uhambise lencwadi kubantu abaningi ngangokunokwenzeka.
7 Sonke kufanele sibe sesiyifunde sayiqeda lencwadi entsha ngaphambi kokuba umkhankaso wangoMarch uqale. Siyofuna ukusakaza lencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu kakhulu ngangokunokwenzeka, siyiqokomisa kuzo zonke izici zenkonzo.