Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/90 k. 4
  • Huba Ngokusuka Enhliziyweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Huba Ngokusuka Enhliziyweni
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 2/90 k. 4

Huba Ngokusuka Enhliziyweni

1 Ukuhuba kuyingxenye yokukhulekela kwethu okuhlanzekile. Kungenye indlela esingadumisa ngayo igama likaJehova. Yini engaba yinhle ukwedlula iHholo LoMbuso noma inkundla yomhlangano enomdumo wezingoma ezimnandi zokudumisa uJehova? Nokho, emabandleni amaningi ukuhuba kwethu akukuhle neze. Umuntu owayesanda kuthakazela owayehlabeke umxhwele kakhulu ngeqiniso, ngenhlangano nangomoya wabantu bakaJehova, wakhuluma ngokuyitusa inhlangano, kodwa wanezela: “Anikwazi ukucula.”

2 Njengoba sinezingoma ezinhle kangaka eculweni lethu elisha, anicabangi yini ukuthi singathuthukisa? Ake nicabange nje ngabazalwane abaNsundu abahuba ngokuvumelana okuhle kangaka. Nokho, sonke sisadinga ukuthuthukisa izinga lokuhuba kwethu. Abazalwane bethu abaningi abawazi lamaculo amasha. Yini engenziwa ngalokhu? Ibandla lenu lingahlela yini ukuba libe nezikhathi ezingaphuthi zokucula ngemva kwesifundo seNqabayokulinda, ukuze abazalwane bafunde lamaculo amasha? Abanye bangase bazijwayeze ukucula ngisho besekhaya noma emibuthanweni yobuKristu.

3 Singaqiniseka kanjani ukuthi sihuba ngokuvumelana nabo bonke abazalwane bethu emhlabeni wonke? Uma ibandla linabazalwane noma odade abawazi kahle umculo, benzeni bajwayelane namaculo eNhlangano futhi basize abanye ukuba bacule amaculo ngokuyikho ngezikhathi zabo zokuprakthiza. Zitholeleni izingoma ezisemakhasethini noma amarekhodi. Iculo elithi Hubani Izindumiso zikaJehova litholakala ngealbhamu enamakhasethi ayisishiyagalombili ngo-R54,00, noma ngamarekhodi angu-R48,00. Amabandla angase akwazi ukuzitholela isethi yama-albhamu ayisihlanu enamakhasethi ayi-113 ngo-R250,00.

4 Ngokusebenzisa amarekhodi noma amakhasethi (futhi lapha asibhekisele kumatape eKingdom Melodies, kodwa kwelithi Hubani Izindumiso zikaJehova, okuyizingoma zopiano), amabandla nabantu ngabanye bangafunda indlela yokuqala nejubane (timing) elifanele lamaculo. Khumbulani ukuthi eziningi zezingoma zethu ezisemakhasethini azinazo ezinye izindlela (ialto, itenor nebass), kodwa ikakhulukazi zinikeza indlela yokuqala. Ngalabo abacula ezinye izindlela, gxilani emanothini aseculweni njengoba nicula ngokuhambisana nendlela yokuqala erekhodini noma kuyitape yekhasethi. Lapho siya emhlanganweni wesigodi noma kunoma isiphi esinye isenzakalo esikhethekile, sonke sifuna ukukwazi ukucula sihambisane nomculo elungiselelwe yiNhlangano.

5 Emihlanganweni yesigodi ezayo ngeke silungiselele amaqembu omculo noma izingoma ezikumatape ukuba kuhole umculo. Siyosebenzisa amatape omculo asetshenziswa abazalwane bethu emhlabeni wonke. Izingoma zemihlangano yesigodi ziyomenyezelwa kusengaphambili futhi kuyoba sebandleni ngalinye ukuba lifunde izingoma kahle ukuze senze izinkundla zidume ngezingoma zethu zokudumisa uJehova.

6 Lena indaba bonke abadala, izinhloko zemikhaya, nabo bonke abanye abasebandleni okumelwe bayithathe ngokungathi sina, njengoba ukucula kuyingxenye yokukhulekela kwethu uJehova. Sifuna ukwenza inhliziyo kaJehova ithokoze ngendlela esicula ngayo.—IHu. 147:1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela