Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngendodana KaNkulunkulu, UJesu Kristu
1 U-December uyinyanga lapho abaningi abathi bangamaKristu becabanga kakhulu ngoJesu kunangesinye isikhathi sonyaka. Ngenxa yalokho, uyinyanga enhle yokuhambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngokungangabazeki siyothola abaninikhaya abaningi abayoba nesithakazelo ekufundeni okwengeziwe ngeNdodana kaNkulunkulu. Singayihambisa kanjani lencwadi eyigugu?
2 Zama ukungena ngokuqondile engxoxweni esekelwe eBhayibhelini egxilisa ukunakekela kuJesu.
Ngemva kokubingelela umninikhaya, ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼“Namuhla sibuza omakhelwane bethu ukuthi bacabangani lapho befunda emaBhayibhelini abo ngokuphila okuphakade. [Lindela impendulo.] Kuthakazelisa ngokukhethekile ngenxa yokuthi iBhayibheli likhuluma izikhathi ezicishe zibe ngu-40 ngokuthi lokho kungenzeka. Kungasho ukuthini lokho kuphila ngathi? Phawula lokho isAmbulo 21:4 esikushoyo. [Funda.] Ingabe uye wakuqaphela lokho elikuthembisayo? [Lindela impendulo.] Singakuzuza kanjani ukuphila okuphakade? ” Funda uJohane 17:3, bese uqokomisa isidingo sokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Bonisa umninikhaya incwadi ethi Umuntu Omkhulu, usebenzise izihlokwana ezisesingenisweni ukuze uvuse isithakazelo sakhe ngokuqhubekayo.
3 Uma umninikhaya engenaso isithakazelo sokuthola lencwadi enhle, hambisa omagazini bamuva be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! noma ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? Donsela ukunakekela ephuzwini elilodwa noma amabili asencwadini oyihambisayo. Sikisela ukubuya ngesikhathi esimvumelayo ukuze niqhubeke nixoxa ngalesihloko naye.
4 Uma umninikhaya ebonakala ematasa, kungase kube ukuhlakanipha ukufushanisa lentshumayelo engenhla. Abamemezeli abasanda kuqalisa nabo bangase bakuthole kulula ukusebenzisa lentshumayelo elandelayo.
Ngemva kokuzethula, singase sithi:
◼“Namuhla sibuza omakhelwane bethu ukuthi bacabangani lapho befunda emaBhayibhelini abo ngokuzuza ukuphila okuphakade. Ngokwesibonelo, phawula lokho uJesu akusho kuJohane 17:3. [Funda.] Ukuze kusizwe abantu bafunde okwengeziwe ngoJesu Kristu nalokho akufundisa, kuye kwanyatheliswa lencwadi.” Vula incwadi ethi Umuntu Omkhulu kweminye yemifanekiso emihle. Vula isethulo, bese ufunda isigaba sesibili ngaphansi kwesihlokwana esithi “Zuza Ngokufunda Ngaye.” Tshela umninikhaya ukuthi angayithola lencwadi ngomnikelo ka-R9,00.
5 Uma ithathwa incwadi, beka isisekelo sesifundo seBhayibheli ngokusikisela ukuba nixoxe ngesahluko sokuqala, esithi, “Izigijimi Ezivela Ezulwini,” ngaso lesosikhathi noma lapho ubuya ezinsukwini ezimbalwa kamuva. Kunokuba utshele umninikhaya ukuthi nizochitha isikhathi esingakanani ekuhambeleni okulandelayo, mane nje uthi ngemizuzu embalwa angafunda ukwaziswa okwengeziwe okuthakazelisayo okuphathelene noJesu Kristu okuvela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
6 Kwangathi sonke singasisebenzisa lesikhathi seholide lezwe ukuze sigxilise ukunakekela eqinisweni eliphathelene neNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, ukuze sisize abanye bangene endleleni eyisa ekuphileni okuphakade.—Math. 7:14.