Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli Ngencwadi Ethi Umuntu Omkhulu
1 Ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya kungaba okujabulisa nokuzuzisa kakhulu kini nobabili wena nomninikhaya. Akukho okungaqhathaniswa nenjabulo yokuhlanganyela ulwazi lweBhayibheli nabanye.—IzAga 11:25.
2 Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina: Uma usebenzise ukusikisela okusesihlokweni esingenhla futhi waqalisa ingxoxo yakho ngepheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?, manje ungasiqalisa kanjani isifundo usebenzisa isahluko 111 sencwadi ethi Umuntu Omkhulu? Vula incwadi esahlukweni 111, futhi ufunde izigaba ezintathu zokuqala. Khona-ke ungase ubuze umbuzo wokuqala osekupheleni kwesahluko: “Yini ebangela ukuba abaphostoli babuze, kodwa ngokusobala yini enye abayicabangayo?” Siza umninikhaya ukuba acabange ngempendulo, futhi sebenzisa umfanekiso ukuze ufundise. Ngemva kokufunda isigaba sesine kuya kwesesithupha, buza umbuzo wesibili: “Iyiphi ingxenye yesiprofetho sikaJesu egcwaliseka ngo-70 C.E., kodwa yini engenzeki ngalesosikhathi?” Uma umninikhaya ebonakala enesithakazelo futhi enesikhathi, qhubeka nengxoxo.
3 Lapho kubonakala ukuthi kuyoba okufanelekile ukunikeza umninikhaya esinye isikhathi, ungase ubuze: “Ingabe ungathanda ukwazi okwengeziwe ngokuthi siyofika nini isiphelo salesimiso sezinto?” Khona-ke ungahlelela ukubuya uzophendula lombuzo.
4 Ingabe Izwe Elinokuthula Lingaba Khona? Uma usebenzise ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula ukuze liholele encwadini ethi Umuntu Omkhulu, isahluko 133 singaba kanjani usizo ekuqaliseni isifundo seBhayibheli?
Ngemva kokufunda eyesi-2 Petru 3:13, ungafunda noma ubukeze isigaba sesibili ekhasini lesithathu lalelipheshana bese uthi:
◼ “UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, uyoba yiNkosi yoMbuso kaJehova. Phawula indlela lencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila emchaza ngayo uJesu nesitshela ngayo ngalokho ayokufeza esikhathini esizayo.” Khona-ke funda sonke isahluko. Buza umninikhaya umbuzo wokuqala osekupheleni kwesahluko: “‘Yini eyoba ilungelo elijabulisayo labasinde eArmagedoni nabantwana babo?’ [Lindela impendulo. Eminye imibuzo kungaxoxwa ngayo ngendlela efanayo.] Ingabe ungathanda ukuba yingxenye yomhlaba omusha uJesu ayowubusa njengeNkosi? Ngingathanda ukuba nethuba isonto ngalinye lokukusiza ukuba ubone eBhayibhelini indlela lokhu okungaba ngayo okuhlangenwe nakho kwakho.”
5 Abanye abantu bangase babe nesithakazelo sengxoxo eyengeziwe ngoJesu Kristu kulokhu kuhambela.
Ungase uthi:
◼ “Kuye kwenziwa umzamo kulencwadi wokuba kulandiswe ngokuphila kukaJesu kwasemhlabeni njengoba kuvezwe emaVangelini amane. Ingabe ungathanda ukufunda okwengeziwe ngokuphila kukaJesu kwasemhlabeni?” Uma umninikhaya evuma, ungase uthande ukuxoxa ngesokuqala sezimangaliso zikaJesu, esahlukweni 15.
6 Kusenabantu abaningi abanhliziyo ziqotho abathanda ukulunga nabafuna amakhambi ezinkingeni ababhekene nazo. Ngempela, ukuzinikela ekuhlanganyeleni nabanye izimfundiso zikaJesu Kristu ngesifundo seBhayibheli kungumzamo ovuza kakhulu.