Sebenzisa Amapheshana Ekwethuleni Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu
1 Phakathi nenyanga ka-June siyobe sihambisa incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Abamemezeli abaningi bayohambisa lencwadi ngokuqondile kubaninikhaya, mhlawumbe besebenzisa enye yezintshumayelo ezisekhasini lokugcina le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1992. Kungase kusetshenziswe isingeniso esihlukile ngokusebenzisa elinye lamapheshana ethu ukuze wethule isipho. Kungani ungazami okunye kwalokhu kusikisela?
2 Ingabe Lelizwe Liyosinda? Amapheshana awusizo olukhulu ekuqaliseni izingxoxo. Asiza ekudonseni ukunakekela kwabaninikhaya ngoba amapheshana akhuluma ngezindaba ezinengqondo ezibathinta ngokomuntu siqu.
Ngokwesibonelo, ungase usho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Lapho sikhuluma nabantu, siye saphawula ukuthi abaningi bakhuluma ngokukhathazeka kwabo ngokuphathelene . . . [khetha isenzakalo samuva ezindabeni]. Kubonakala sengathi izimo zezwe ziya ziba zimbi kakhulu. Abanye bayazibuza ngisho nokuthi ingabe lelizwe liyosinda yini. Uzizwa kanjani ngalokho? [Vumela umninikhaya aphendule. Abantu abaningi babheka izinto ngethemba.] Ngiye ngafunda okuthile okukhuthazayo engingathanda ukukuhlanganyela nawe. Kukulelipheshana. [Nikeza umninikhaya ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? njengoba uphethe ipheshana elifanayo esandleni.] Phawula indlela uJesu akuprofetha ngayo ukuthi . . . ” Funda isigaba ekhasini lesine noma lesihlanu esivumelana nesenzakalo samuva esiphawulwe esingenisweni sakho. Yethula incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Uma kubonakala kufaneleka, phendukela ekwazisweni okwengeziwe okuphathelene nesiprofetho sikaJesu okukhulunywa ngaso esahlukweni 111. Qikelela ukuba uphakamise umbuzo ngendaba eniyoxoxa ngayo lapho uphindela.
3 Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula: Kusho ukuthini ukuphila ezweni elisha elinokuthula kuwe? Ngokuvamile, abantu bacabanga ngezindawo ezinhle ezinemifula emikhulu nezigodi ezinokuthula, ezinezilwane ezinhle ezihlalisana ngokuthula. Labo abacindezelekile ngenxa yezimo zezwe lamanje bangase bathole ukuthi ithemba lezwe elisha elinokuthula liqabula kakhulu.
4 Ingabe uzimisele ukunikeza okuthile okuqabulayo nokujabulisayo komakhelwane bakho, abantu osebenza nabo, nalabo ohlangana nabo endlini ngendlu?
Lapho usebenzisa ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula,” ungase usho okuthile okufana nalokhu:
◼“Ingabe ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuba abantu bahlale ngokuthula njengoba kuboniswe esembozweni salelipheshana? [Vumela umninikhaya aphendule.] Ngicela ubheke umusho wokugcina esigabeni sokuqala ekhasini lesibili. Uyabuza: ‘Kodwa ingabe kumane kuyiphupho nje ukukholelwa ukuthi lezimo ziyoke zibe khona emhlabeni?’ [Khona-ke funda isigaba esilandelayo epheshaneni.] Leyongcaphuno ekhuluma ngamazulu amasha nomhlaba omusha ivela eBhayibhelini, kweyesi-2 Petru 3:13. Uma iBhayibheli lakho liseduze, singafunda iHubo 104:5 ukuze sifunde okwengeziwe ngekusasa lomhlaba.” Noma ungamane nje ufunde lelivesi eBhayibhelini lakho. Manje ungaqondisa ingxoxo encwadini ethi Umuntu Omkhulu, esahlukweni 133.
5 Kuyodingeka kwenziwe izimpindelo ezengeziwe ukuze ‘kuniselwe’ imbewu esitshaliwe. (1 Kor. 3:6, 7) Isihloko esingezansi sisikisela indlela isifundo esingaqaliswa ngayo ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu, kungaba sekuhambeleni kokuqala noma lapho uphindela.