Sebenzisa Amapheshana Ekusakazeni Izindaba Ezinhle
1. Abantu bakaNkulunkulu baye bawasebenzisa kanjani amapheshana?
1 Sekuyisikhathi eside abantu bakaJehova besebenzisa amapheshana ukuze basakaze izindaba ezinhle. Ngo-1880, uC. T. Russell nabangane bakhe baqala ukunyathelisa Amapheshana AbaFundi BeBhayibheli, futhi ayenikezwa abafundi be-Nqabayokulinda ukuze bawasakaze emphakathini. Amapheshana ayebhekwa njengabaluleke kakhulu kangangokuthi ngo-1884 lapho uC. T. Russell ebhalisa ngokomthetho inhlangano engenzi nzuzo ngenjongo yokuqhubekisela phambili izithakazelo zoMbuso, igama lesiNgisi elisho “ipheshana” (tract) nalo lafakwa egameni lale nhlangano eyabizwa ngokuthi i-Zion’s Watch Tower Tract Society, manje esibizwa ngokuthi i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Ngo-1918, abaFundi BeBhayibheli base besakaze amapheshana angaphezu kwezigidi ezingu-300. Amapheshana asalokhu eyithuluzi eliphumelelayo lokufakaza.
2. Kungani amapheshana ephumelela?
2 Okwenza Aphumelele: Amapheshana mahle futhi ayakhanga. Isigijimi sawo esifushane futhi esishaya emhloleni siyaqondakala kanti siyafundisa. Ayakhanga kubaninikhaya abangase benqene ukufunda umagazini noma incwadi. Kulula ukuhambisa amapheshana, ngisho nakubamemezeli abasha nezingane. Ngaphezu kwalokho, amapheshana mancane futhi kulula ukuwaphatha.
3. Landisa okuhlangenwe nakho kwakho noma okunyathelisiwe okubonisa ukubaluleka kwamapheshana.
3 Abaningi baqala ukufunda iqiniso ngosizo lwepheshana. Ngokwesibonelo, owesifazane waseHaiti wabona elinye lamapheshana ethu emgwaqweni. Walicosha walifunda, ngesasasa wathi, “Ngilitholile iqiniso!” Ekugcineni waya eHholo LoMbuso, waqala ukufundelwa iBhayibheli futhi wabhapathizwa, ngenxa nje yamandla eZwi likaNkulunkulu elitholakala epheshaneni.
4. Uyini umgomo wethu lapho sihambisa amapheshana njengesipho senyanga?
4 Endlini Ngendlu: Njengoba amapheshana eyithuluzi elihle lokufakaza, sesizovama ukuwahambisa njengesipho senyanga kusukela ngo-November. Umgomo wethu awukona nje ukuhambisa amapheshana kodwa uwukuwasebenzisa ukuze siqale ingxoxo. Uma sithola isithakazelo ekuhambeleni kokuqala noma lapho senza impindelo, singabonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ngokusebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma enye incwadi okuqhutshwa ngayo isifundo. Singawahambisa kanjani amapheshana endlini ngendlu? Ipheshana ngalinye lihlukile, ngakho kudingeka siwazi kahle lawo esiwahambisayo.
5. Singawahambisa kanjani amapheshana endlini ngendlu?
5 Isigijimi sethu kufanele sifanelane nesimo sensimu kanye nepheshana esilihambisayo. Singaqala ingxoxo ngokunika umninikhaya ipheshana. Isembozo salo esihle singase sivuse isithakazelo kuye. Kanti singambonisa namapheshana ahlukahlukene esiwaphethe, bese simcela azikhethele alithandayo. Lapho sisebenza insimu enabantu abamanqikanqika ukuvula umnyango, singabamba ipheshana ngendlela engenza ukuba abone isembozo salo, noma singase sicele ukushutheka okuthile ngaphansi komnyango esingathanda ukuzwa umbono wakhe ngakho. Uma isihloko sepheshana siwumbuzo, singabe sesimcela ukuba aveze umbono wakhe ngawo. Noma singazakhela owethu umbuzo oyovusa isithakazelo futhi ukhuthaze ingxoxo. Singabe sesifunda naye ingxenyana ethile epheshaneni, sithi ukuma lapho sihlangana nemibuzo, bese simcela ukuba aveze uvo lwakhe. ImiBhalo eyinhloko ingafundwa eBhayibhelini. Ngemva kokucabangela lokho kwaziswa singayiphetha ingxoxo, bese senza amalungiselelo aqinisekile okubuya. Uma ibandla livame ukushiya izincwadi emizini engenabantu, singase silishiye ipheshana endaweni ephephile uma umninikhaya engekho.
6. Singawasebenzisa kanjani amapheshana lapho sishumayela emgwaqweni?
6 Ukushumayela Emgwaqweni: Uke wawasebenzisa amapheshana lapho ufakaza emgwaqweni? Abanye abantu abadlulayo basuke bejahile futhi bengazimisele ukuma baxoxe nathi. Kungase kube nzima ukubona ukuthi banesithakazelo esingakanani. Kunokubanika omagazini bamuva ungazi noma bazobafunda yini, kungani ungabaniki ipheshana okungenani? Ngenxa yokuthi isembozo sihle kanti nesigijimi salo sifushane, bangase babe nelukuluku lokulifunda lapho bethola ithuba. Yiqiniso, uma bengajahile singaxoxa nabo ngokunye kwalokho okusepheshaneni.
7. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa indlela yokuhambisa amapheshana lapho ushumayela ngokwethukela.
7 Ukushumayela Ngokwethukela: Kulula ukushumayela ngokwethukela usebenzisa amapheshana. Omunye umzalwane ufaka ambalwa ekhukhwini noma nini lapho ehamba. Uma ehlangana nothile, njengomuntu osebenza esitolo, uvele acele ukumupha okuthile kokufunda abese emnikeza ipheshana. Lapho omunye umbhangqwana uya eDolobheni laseNew York ngenjongo yokuyobuka indawo, waqaphela ukuthi wawuzohlangana nabantu abaningi abavela emazweni ahlukahlukene. Ngakho waphatha incwajana ethi Nations namapheshana amaningana ezilimi ezihlukahlukene. Khona-ke, lapho uzwa othile okhuluma ulimi lwakwelinye izwe edayisa eceleni komgwaqo noma ehleli eduze kwawo epaki noma esitolo sokudlela, wawumnika ipheshana lolimi lwakhe.
8. Amapheshana afana kanjani nembewu?
8 “Hlwanyela Imbewu Yakho”: Amapheshana angafaniswa nembewu. Umlimi uyisakaza ngobuningi imbewu ngoba akazi ukuthi iyiphi eyoqhuma futhi ikhule. UmShumayeli 11:6 uthi: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.” Ngakho-ke, kwangathi ‘singaqhubeka sisakaza ulwazi,’ sisebenzisa lona kanye leli thuluzi lokufakaza eliphumelelayo!—IzAga 15:7.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Njengoba amapheshana eyithuluzi eliphumelelayo lokunikeza ubufakazi, kusukela ngo-November sizovama ukuwahambisa njengesipho senyanga