Ukusebenzisa Amapheshana Ukuze Sithole Imiphumela Emihle
1 Inhlangano kaJehova yanamuhla inomlando omuhle wokusebenzisa amapheshana ngempumelelo. Lona kanye igama elingokomthetho lenhlangano yethu, elithi Watch Tower Bible and Tract Society, libonisa ukuthi amapheshana afeza indima ebalulekile ekusakazweni kwezindaba ezinhle. Ingabe uwasebenzisa wonke amapheshana ukuze uthole imiphumela eyinzuzo enkonzweni yakho?
2 Kuzodingeka ukuba siwajwayele wonke. Ngokwesibonelo, uke wawafundisisa yini ukuze uqonde ukuthi ngalinye likhuluma ngani? Wake wacabanga yini ukuthi hlobo luni lomuntu oluyokhangwa yipheshana ngalinye? Ukulijwayela kahle ipheshana ngalinye kuyokunikeza isibindi lapho uwasebenzisa emsebenzini wendlu ngendlu nasezimweni eziningi ongase ufakaze kuzo ngokwethukela.
3 Ukuwasebenzisa Enkonzweni Yendlu Ngendlu: Omunye umbonisi wesifunda uyabhala: “Ngiphumelela kahle kakhulu ngokuqala izingxoxo eziningi ngepheshana.” Wake wayizama le ndlela? Njengoba sinamapheshana amaningi, sinezethulo eziningi ezishukumisayo esingazikhetha. Ipheshana ngalinye lisinikeza ithuba lokuqala isifundo seBhayibheli, ekuhambeleni kokuqala noma lapho siphindela.
4 Kunamanye amathuba okusebenzisa amapheshana. Lapho uxoxa nomninikhaya, ungase uthole ukuthi usanda kushonelwa othandekayo noma othile emkhayeni uyagula. Abantu ababhekene nosizi olukhulu noma abazama ukubhekana nezinkinga esezinesikhathi eside ngokuvamile baba nemizwelo engemihle futhi bacindezeleke. Kungani ungabahambiseli ipheshana elithi Induduzo Ngabacindezelekile!? Ungase uzwe ukuthi lo muntu usanda kuhlukanisa noma uphelelwe umsebenzi. Sebenzisa imibuzo esekhasini 2 lepheshana elithi Jabulela Ukuphila Komkhaya: “Kungani imikhaya namuhla yehlelwa izinkinga ezingathi sína ezinjena? Singakujabulela kanjani ukuphila komkhaya?” Mhlawumbe lena iyona kanye imibuzo esengqondweni yalowo muntu. Ngisho noma engabonisi sithakazelo ngaleso sikhathi, kungenzeka alifunde ipheshana kamuva.—UmSh. 11:6.
5 Sebenzisa Amapheshana Ekufakazeni Ngokwethukela: Uma sigcina amapheshana eseduzane—ekhukhwini leyembe, ekhukhwini lebhantshi, esikhwameni semali, noma esikhwameni sasensimini—singawasebenzisa ezimweni eziningi ezihlukahlukene. Wasebenzise lapho uya ezitolo, usohambweni, noma uxoxa nezihlobo noma nezivakashi. Ngokuvamile singase sizithole sinethutshana nje elincane lokuhlanganyela isigijimi soMbuso nabanye, njengasemsebenzini noma esikoleni. Amapheshana asinikeza ithuba lokunikeza ubufakazi kafushane. Ipheshana alimnikezi umuntu ukwaziswa okuningi kodwa lihlala ephuzwini futhi alicunuli. Lamukeleka kalula kunencwadi noma omagazini, ngoba alinayo indaba ende okufanele ifundwe.
6 Waphaphamele amathuba okuhambisa amapheshana ngokwethukela esikoleni noma emsebenzini, ezindaweni zokudla, egalaji, njalonjalo. Lapho enza amalungiselelo okuyisa ugogo wakhe kudokotela, udade othile waqikelela ukuthi uphatha amapheshana athile. Ehhovisi likadokotela, waqala ingxoxo nowesifazane okhulelwe. Ngemva kokubonisa lona wesifazane ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula, udade wabuza: “Ungathanda yini ukukhulisela ingane yakho ezweni eliboniswe lapha?” Wakwazi ukuqhuba leyo ngxoxo ngokuvakashela emzini walona wesifazane. Lokhu kwaholela ekubeni aphindele kaningi.
7 Kungase Kuqalwe Izifundo ZeBhayibheli Ngamapheshana: Ngokusebenzisa ipheshana, ungase ukwazi ukubonisa kafushane ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Omunye udade wakwenza lokhu ngokusebenzisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Embonisa isithombe, wabuza umninikhaya ukuthi wayecabanga ukuthi umhlaba wethu uyoke ube ngale ndlela yini. Ngemva kokuphendula, udade wacela umninikhaya ukuba afunde eyesi-2 Petru 3:13 no-Isaya 65:17, okuyimibhalo eqokonyisiwe epheshaneni. Udade wabe esethi: “Lezi zithembiso azilona iphupho noma ukuhhema nje kodwa eqinisweni zishiwo eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.” Wabe esehlela ukuba aqhube ingxoxo ngesonto elilandelayo. Ekuhambeleni okulandelayo, kwaphendulwa imibuzo eminingi yale nkosikazi futhi yashiyelwa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Umphumela waba isifundo seBhayibheli.
8 Ingabe usanda kubhapathizwa noma mhlawumbe ungummemezeli ongabhapathiziwe osazijwayelanisa nenkonzo? Uma kunjalo, ungase ufune labo asebenokuhlangenwe nakho futhi ucele ukusikisela kwabo kokuthi ungawasebenzisa kanjani amapheshana ensimini yebandla lenu. Sinezibonelo eziningi eBhayibhelini zalabo abathola isikhuthazo nesiqondiso kulabo asebevuthiwe okholweni.—IzE. 18:24-27; 1 Kor. 4:17.
9 Njengabantu ngabanye nanjengemikhaya, zinikeni nesikhathi sokucabangela ukuthi ningawahambisa kanjani la mapheshana ahlukahlukene. Yiba nezikhathi zokuprakthiza. Ungawasebenzisa kanjani enkonzweni yasensimini amapheshana kanye nezinye izincwadi eziyisipho senyanga? Yibaphi abantu othembise ukubabona ongase uye kubo namapheshana ambalwa? Ukhona yini ozombona kuleli sonto ongase azuze esigijimini esifike ngesikhathi esikula mapheshana?
10 Uthando olujulile ngoJehova nokukhathalela abantu kuyosishukumisela ukuba senze konke okusemandleni ekusakazeni izindaba ezinhle. Ukusebenzisa amapheshana njalo kuyosisiza ukuba sikwenze lokhu. Uma siwasebenzisa ngokuhlakanipha amapheshana ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso, singaqiniseka ukuthi siyothola imiphumela emihle.