Ukuqalisa Izifundo Zebhayibheli Phakathi No-December
1 UJesu wayala abafundi bakhe ukuba babe abafundisi bezindaba ezinhle. (Math. 28:19, 20) Indlela yethu eyinhloko yokufundisa abanye ingokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ingabe uyahlanganyela kulomsebenzi? Uma kungenjalo, ungasiqalisa kanjani isifundo ukuze ube nengxenye enkudlwana ekufundiseni abanye?
2 Mhlawumbe sanikeza umninikhaya ipheshana sathembisa nokuthi sizobuya sizoxoxa ngelikuqukethe.
Lapho siphindela kumninikhaya esamshiyela ipheshana elithi “Ingabe Lelizwe Liyosinda?,” singase sithi:
◼“Ngesikhathi ngilapha ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, saxoxa ngokuphuthuma kwezikhathi zethu nanokuthi uJesu wazichaza ngokunembile izimo ezikhona osukwini lwethu. Ngingathanda ukusebenzisa imizuzu embalwa kafushane sicabangele ukwaziswa okusepheshaneni engakushiyela lona. Phawula lokho okushiwoyo ngaphansi kwesihlokwana esithi ‘Isibonakaliso.’” Vula ikhasi 3 lepheshana, bese nixoxa ngezigaba ezimbili noma ezintathu zokuqala ngaphansi kwalesosihlokwana, nifunde imibhalo ekhonjiwe uma isikhathi sivuma. Qokomisa indlela isiprofetho sikaJesu esigcwaliseka ngayo namuhla. Hlela ukuba uphindele futhi nixoxe ngezinye izigaba ngaphansi kwaso lesihlokwana. Khuthaza umninikhaya ukuba afunde ukwaziswa ngaphambi kokuba ubuye.
3 Noma ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼“Esikhathini esidlule lapho sixoxa, ngakushiyela ipheshana elithi Ingabe Lelizwe Liyosinda? Ngalesosikhathi sakhuluma ngendima kaJesu Kristu ezindabeni zezwe. Safunda amazwi awasho abhalwe eBhayibhelini kuJohane 17:3. [Funda.] Njengoba kubalulekile ukuba sifunde ngoNkulunkulu noJesu uma sifuna ukuphila okuphakade, kungasizuzisa kakhulu ukwenza konke esingakwenza ukuze singenise lololwazi. Lapho uJesu esemhlabeni, wabonakalisa izimfanelo eziningi ezinhle zikaNkulunkulu. Ingabe akunangqondo yini ukukholelwa ukuthi lapho singenisa ulwazi olwengeziwe ngoJesu nangenkonzo yakhe, siyoba nolwazi olwengeziwe nangoYise? [Lindela impendulo.] Phawula lokho lencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, ekushoyo.” Funda isigaba sokuqala nesesibili ekhasini leshumi lesahluko 116. Gcizelela ukuthi lencwadi inakho konke ukwaziswa okusekulandiseni kwamaVangeli amane okuphathelene noJesu futhi ilandelanisa lokhu kwaziswa ngokohlelo izenzakalo ezenzeka ngalo. Phawula ngokuqondile izihloko ezithile zezahluko, imifanekiso, kanye nebalazwe elisekuqaleni kwalencwadi. Mtshele ukuthi ungakujabulela ukumshiyela lencwadi enhle ngomnikelo ka-R9,00.
4 Ngemva kokubingelela umninikhaya owamukela incwadi “Umuntu Omkhulu,” singase sithi:
◼“Njengoba ngasho ekuhambeleni kwami kwangesikhathi esidlule, incwadi ethi Umuntu Omkhulu iklanyelwe isifundo seBhayibheli. Ngizothanda ukukubonisa kafushane indlela engasetshenziswa ngayo ngokuphumelela kakhulu.” Vula incwadi esahlukweni 1, esithi “Izigijimi Ezivela Ezulwini.” Donsela ukunakekela komninikhaya emibuzweni esencwadini. Funda umbuzo wokuqala, bese nifunda izigaba zokuqala. Hlanganisa nomfanekiso osekhasini lesibili. Xoxani ngemibuzo esele, bese uqokomisa izimpendulo uma isikhathi sivuma. Ngaphambi kokuba uhambe, hlela ukuba ubuyele futhi niqhubeke nengxoxo.
5 Ngokuhlala sinesimo sengqondo esiqondile, silungiselele kahle, futhi siwasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba, siyokuhlomela kahle ukuqalisa isifundo seBhayibheli phakathi no-December.