Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/93 k. 10
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yakhela Esithakazelweni Ngokwenza Izimpindelo Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ezimpindelweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukusebenzisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Ezimpindelweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 4/93 k. 10

Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo

1 Ingabe uzenza njalo izimpindelo, noma ngokuvamile ukuthola kunzima ngoba ungazi ukuthi uzothini? Asikho isidingo sokuzizwa wesaba. Zintathu izinto eziyokusiza ukuba uphumelele: (1) ukulungiselela kahle; (2) ikhono lokuxoxa ngephuzu elilodwa noma amabili ngezihloko ezimbalwa zeBhayibheli ezilula; (3) nokuzimisela ukulalela umbono womninikhaya.

2 Lapho ulungiselela ukwenza impindelo, cabangela ukuthi iyiphi indaba eyofanelekela ukuba uxoxe ngayo nomninikhaya. Ingabe umninikhaya ungumfundi? Abafundi abaningi bayoba nesikhathi esengeziwe sokuxoxa ngezihloko zeBhayibheli kulenyanga njengoba bejabulela ikhefu ezifundweni zabo. Cishe uyothola ukuthi abanye bayasamukela isigijimi soMbuso. Ingabe waphakamisa umbuzo ekuphetheni kokuhambela kwakho kwangaphambili, noma ingabe umninikhaya wabonisa isithakazelo endabeni ethile? Bukeza amaphuzu akho, futhi usebenzise incwadi ethi Ukubonisana ukuze uthole ukwaziswa oyokudinga ukuze wenze impindelo ephumelelayo. Lapho wenza lempindelo, yiba nemfudumalo nobungane. Bingelela umninikhaya ngegama.

3 Uma wahambisela umninikhaya INqabayokulinda ne-Phaphama!, impindelo yakho ingase isekelwe ephuzwini elilodwa noma amabili alula owakhethe kumagazini. Uma wahambisa ipheshana ekuhambeleni kokuqala, ungase ukhulumele ipheshana ngokwalo noma wenezele kowakuhambisa ngokubhekisela ephuzwini elifanelekile kumagazini noma encwajaneni.

4 Uma wahambisa ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula,” mane nje uthi:

◼ “Ngesikhathi esidlule lapho ngikuvakashele, sakhuluma ngesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha elinokuthula. Njengoba sabona, izimo ezingcono ziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu. Ucabanga ukuthi yini edingekayo ngathi ukuze sibe yingxenye yalelozwe elinokuthula?” Lindela umninikhaya ukuba anikeze impendulo, bese nihlanganyela iphuzu elikumaHubo 37:9, 11, 29.

5 Uma wahambisa ipheshana elithi “Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?,” lokukhulumela okufushane kungaqalisa ingxoxo:

◼ “Ekuphetheni kwengxoxo yethu esagcina ngayo, ngakushiyela ipheshana elinesihloko esithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Isigaba sesithathu siphakamisa imibuzo ethile ethakazelisayo: ‘Kungani abantu befa? Bakuphi abafileyo? Futhi singaqiniseka kanjani ukuthi bangaphinde baphile?’ Isihlokwana esilandelayo, esithi ‘Ukufa, Nalokho Okwenzekayo Lapho Sifa,’ siphendula umbuzo ngamunye. Lapha ngiphethe enye ikhophi yalelipheshana. Phawula lokho elikushoyo esigabeni sesine.” Khona-ke njengoba umninikhaya ehambisana nawe, funda isigaba, kuhlanganise nemibhalo emibili, futhi ucele umninikhaya ukuba aveze umbono wakhe. Kulalele ngokucophelela lokho akushoyo, futhi uhambisane naye ngokufanele.

6 Phakathi nengxoxo, umninikhaya angase aveze imibono eminingana enganembile. Akudingekile ukuphikisana nakho konke akushoyo. Kunalokho, namathela esihlokweni enixoxa ngaso. Noma imiphi imibono engeyona engokombhalo angase abe nayo ingalungiswa phakathi nokuphindela kwangesikhathi esizayo.

7 Ngazo zonke izindlela hlela ukulandelela noma yisiphi isithakazelo ngokwenza izimpindelo ezilula neziphumelelayo phakathi no-April.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela