Yakhela Esithakazelweni Ngokwenza Izimpindelo Eziphumelelayo
1 Zonke izinkulumo ezilungiselelwe kahle zihlanganisa isethulo esivusa isithakazelo, indaba efundisayo, nesiphetho esishukumisayo. Isethulo sidonsa ukunaka kwezilaleli, kodwa ngaphandle kwendikimba nesiphetho, inkulumo ibiyoba engaphelele. Kusebenza isimiso esifanayo enkonzweni yethu. Kuyinto enhle ukuvusa isithakazelo somninikhaya ekuhambeleni kokuqala, kodwa kumelwe siqhubeke sakhela kulesosithakazelo sokuqala ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo.
2 Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Yeka umbuzo oshukumisa ingqondo lona okuyiwo! Ingabe awuvumi yini ukuthi lendaba isezingqondweni zabantu abaningi namuhla? Kungakho, esihlokweni esingenhla, kusikiselwe ukuba uphakamise lombuzo ekuphetheni kokuhambela kokuqala unombono wokuwuphendula lapho wenza impindelo.
3 Ungase usho lokhu:
◼“Sawubona. Esikhathini esidlule lapho sixoxa, kwaphakama indaba yokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka, futhi ngathembisa ukuthi ngizokuphathela ukwaziswa okuthile. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi uma uNkulunkulu enendaba ngempela ngathi, ubeyophelisa ukuhlupheka. Mhlawumbe nawe uke wazizwa ngendlela efanayo. [Lindela ukuba umninikhaya aphendule.] IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unendaba ngempela. [Funda eyoku-1 Johane 4:8.] UNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela ukuhlupheka ukuba kuqhubeke kuze kube manje. Esinye salezozizathu sichazwe kweyesi-2 Petru 3:9. [Funda.] Ezinye izizathu zivezwe kulencwajana.” Khona-ke vula ekhasini 14 lencwajana ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” bese uxoxa ngephuzu elithakazelisayo.
4 Abanye abaninikhaya bangase babe nesithakazelo encazelweni ejule ngokwengeziwe, futhi kungase kudingeke ukwenza izimpindelo eziningana ngaphambi kokuba baneliswe ngokuphelele yimpendulo. Eziningi zezincwadi zeNhlangano ezinamakhasi angu-192 ezinoqwembe oluqinile ezizohanjiswa phakathi noJanuary zihlanganisa isahluko esingase sisetshenziswe njengesisekelo sengxoxo eyengeziwe ngalendaba.
5 Njengoba uphetha ingxoxo, phakamisa omunye umbuzo futhi utshele umninikhaya ukuthi uyokujabulela ukuhlanganyela naye ukwaziswa okuthile okuthakazekisayo lapho ubuya. Abantu abaningi bangathanda ukwazi ukuthi kwenzekani kumuntu lapho efa. Kungani ungahleli ukuxoxa ngalesosihloko ngesikhathi esikahle?
6 Kuyokusiza ukuba ukhumbule izimiso ezintathu eziyisisekelo. Yiba ovumelana nezimo. Kungenzeka ukuthi umninikhaya akakujwayele ukubekela eceleni isikhathi sokuxoxa ngeBhayibheli. Fushanisa. Ungahlali isikhathi eside kakhulu noma uhlanganise amaphuzu amaningi kakhulu ekuhambeleni kokuqala. Ezimweni eziningi, kuyoba nokusabela okuhle kakhulu ekuhambeleni kwakho uma uhlanganisa amaphuzu ambalwa nje kuphela esikhathini esifushane. Yiba nomusa nobungane. Bonisa umninikhaya ukuthi unesithakazelo kuye ngokomuntu siqu.
7 Umgomo wethu oqondile uwukuhilela umninikhaya engxoxweni engokomBhalo. Khona-ke sifuna ukuqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya esikhiqizayo encwadini efanelekile, njengencwadi Ungaphila Phakade. Leyonjabulo ingaba ngeyakho uma ngesineke wakhela esithakazelweni sokuqala ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo.