Ukusebenzisa Amathuluzi Abalulekile Ngokuhlakanipha
1 Njengoba ufakaza endlini ngendlu, umgomo wakho kufanele ube ukuhilela umninikhaya ngamunye engxoxweni eyakhayo, engokomBhalo ngokusebenzisa iBhayibheli namanye amathuluzi abalulekile. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:1; 2 Thimothewu 2:15.) Yini abantu ensimini yakini abakhathazeke ngayo kulezinsuku? Ingabe bakhathazeke ngesimo somnotho nokuwohloka kwezinga lokuphila komkhaya? Ingabe bakhathazeke ngobugebengu obandayo nokungabi namthetho kulelizwe? Amazwi ambalwa esethulo kunoma yisiphi salezihloko angase aholele engxoxweni enhle yeBhayibheli.
2 Ungase uthi:
◼ “Kulezikhathi eziyinselele, abantu abaningi bakuthola kunzima ukuphila. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni babantu bayozixazulula izinkinga zethu ezingokwezimali ngendlela yokungakhethi kubo bonke abantu? [Lalela impendulo.] Mina ngokwami ngiye ngathola lomqondo ukhuthaza kakhulu . . . ”
3 Khona-ke ungafunda iHubo 72:12-14 bese uhlanganisa yonke ingxoxo ngokukhetha umbhalo owengeziwe kuleyo etholakala emakhasini 238-9 encwadi Ukubonisana. Noma ngemva kokufunda umbhalo owodwa, ungabhekisela esigabeni esisodwa noma ezimbili ezahlukweni 1 no-2 encwadini ethi Ukuthula Kweqiniso.
4 Emiphakathini eminingi unga-se ukhethe ukusebenzisa lendlela:
◼ “Abantu abaningi bakholelwa ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ nokuthi isikhathi siyaliphelela ngokushesha lelizwe. Wena uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Ingabe uke waqaphela ukuthi iBhayibheli liyasitshela indlela esingasinda ngayo ekupheleni kwalelizwe lamanje futhi siphile emhlabeni oyokwenziwa ipharadesi? Ngingawuhlanganyela yini nawe lombhalo okhuthaza kakhulu?” Funda iHubo 37:9-11. Holela umninikhaya esahlukweni 8 sencwadi ethi Ukuthula Kweqiniso bese ufunda isigaba Kuye ngokwesithakazelo somninikhaya kanye nesikhathi anaso, ungase uthande ukuhlanganyela naye imibhalo eyengeziwe. (Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 181-90.)
5 Abanye abamemezeli baye bakuthola kuwusizo ukusebenzisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula ekuqaliseni ingxoxo. Bamane nje babonise umninikhaya umfanekiso bese bembuza ukuthi ubengathanda yini ukuphila ngaphansi kwezimo ezinjalo ezinokuthula. Khona-ke badonsela ukunaka komninikhaya esigabeni esisepheshaneni. Ngemva kokuxoxa ngamaphuzu ambalwa akulelipheshana nokufunda umbhalo owodwa noma emibili, bahambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso.
6 Lapho isipho sencwadi senqatshwa, kungashiywa ipheshana kumninikhaya futhi kwenziwe amalungiselelo okuphindela futhi kuqhutshekwe nengxoxo. Abamemezeli abaningi—kuhlanganise nabasebasha—baziqalisa ngempumelelo izifundo zeBhayibheli ngelinye lamapheshana ngokufunda isigaba bese befuna ukuthola umbono womninikhaya ngalokho obekufundwa.
7 Uma ukwazi ukuqalisa isifundo ngokuhambela kokuqala, yenza amalungiselelo aqinisekile okuqhubeka nengxoxo ngosuku oluthile kamuva. Ungase ubeke isisekelo sokuhambela kwakho okulandelayo ngokutshela umninikhaya ukuthi lapho ubuya ungathanda ukuhlanganyela naye impendulo yombuzo ovame ukubuzwa: “Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?” Isihloko esingezansi sizosikisela indlela lendaba engathuthukiswa ngayo empindelweni.