Qhuba Izifundo Zebhayibheli Ngencwadi Ethi Ungaphila Phakade
1 Ebhekisela encwadini ethi Ungaphila Phakade, omunye wesifazane wababaza: “Njengoba ilandela iBhayibheli ngokwalo ngokubaluleka, ngiye ngathola lencwadi inembile, ivusa amadlingozi, futhi ishukumisa ngaphezu kwanoma iyiphi enye incwadi engake ngayifunda!” Sonke siyavuma ukuthi lencwadi ingenye yezincwadi ezinhle kakhulu ezake zakhishwa ukuze zisize abantu ukuba baqonde iBhayibheli futhi ikakhulukazi ukubashukumisela ekubeni abadumisi bakaJehova abashisekayo.
2 Ngo-1982, unyaka incwadi Ungaphila Phakade eyakhululwa ngawo, abamemezeli abangu-28 783 babeqhuba izifundo zeBhayibheli ezilinganiselwa ku-17 791 eNingizimu Afrika. Namuhla, abamemezeli abangu-54 939 baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-53 352. Kuze kube manje, kuye kwakhishwa amakhophi ayizigidi ezingu-62 encwadi ethi Ungaphila Phakade ngezilimi ezingu-115. Yeka ithonya lencwadi enalo emsebenzini wethu owenziwa emhlabeni wonke!
3 Zibekele Imigomo: Lokhu kwanda okuphawulekayo kungenxa yesibusiso sikaJehova nokushisekela kwabantu bakhe ukusiza abaqotho ngesigijimi seBhayibheli esisindisa ukuphila. (Roma 10:13-15; 1 Thim. 2:4) Siyakuqaphela ukuphuthuma kwezikhathi nesidingo senkuthalo ekushumayeleni uMbuso kaNkulunkulu.
4 Nakuba inhlangano iqhubekela phambili, senza kanjani thina ngabanye? Ingabe sizimisele ukuba nengxenye egcwele emsebenzini obalulekile wokwenza abafundi? Ukuze sifeze lokhu, kufanele sizibekele imigomo yomuntu siqu. Ingabe singakhuthala ngokwengeziwe ekulandeleleni isithakazelo? Kungani ungazibekeli umgomo wokuqalisa isifundo esisha seBhayibheli phakathi nenyanga ka-February?
5 Ubani Ongaqhuba Isifundo SeBhayibheli?: Abamemezeli abaningi bezizinda ezihlukahlukene baye baba nenjabulo yokuqhuba isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ungaphila Phakade. Ubulula bendlela ebhalwe ngayo benza kube lula ukuqhuba ngayo isifundo, okwenza ngisho nabamemezeli abasha ukuba babe nengxenye kulomsebenzi obalulekile. Ngaphandle kwalokho, abaningi bethu baye bayitadisha ngokomuntu siqu, ngakho sijwayelene nalokho ekuqukethe. Omunye ummemezeli owayengakaze aqhube izifundo zeBhayibheli ngaphambili esebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade wabhala ngokwazisa: “Nginezifundo ezintathu futhi esesine sesilungele ukuqaliswa. Ngiswele amazwi okunibonga ngokwenza ukuqhuba izifundo zeBhayibheli kube lula.”
6 Intsha ngokufanayo, ihlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli ngokusebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade. Omunye umzalwane osemusha ushiya lencwadi phezu kwedeski lakhe esikoleni. Lokhu kuye kwavula ithuba lezingxoxo ezinhle nezifundo zeBhayibheli eziningana. Enye intsha iye yasebenzisa indlela eqondile yokucela imvume kubazali ehlangana nabo enkonzweni yendlu ngendlu yokuba nesifundo seBhayibheli nezingane zabo. Izingane zethu azizincane kakhulu ukuba zikhulume ngesithembiso sikaJehova sokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.
7 Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, enye yezinjabulo ezinkulu kakhulu noma ubani angaba nayo enkonzweni yileyo yokuqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngakho sonke ngabanye masithandazele usizo lukaJehova futhi sibambe wonke amathuba okumemezela ithemba lethu obala. Sebenzisa incwadi ethi Ungaphila Phakade ukuze usize abanye bazi indlela abangahlanganyela ngayo ekudumiseni uNkulunkulu wethu, uJehova.—IHu. 148:12, 13.