Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/92 k. 2
  • Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusikisela Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Usuku Olukhethekile Lokucela Izifundo ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 7/92 k. 2

Ingabe Usikisela Isifundo SeBhayibheli?

1 Abaningi banempumelelo enhle ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli ngokusebenzisa indlela eqondile ekunikezeni abantu ithuba lokutadisha iBhayibheli. Indoda eyayinqabe izincwadi izikhathi eziningana yasabela kahle lapho kusikiselwa isifundo seBhayibheli. Yaphendula: “Bengilokhu ngifuna ukutadisha iBhayibheli.” Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli, futhi umkhaya wonke wenza intuthuko esheshayo.

2 Bonke kufanele bakhathalele ukuqalisa izifundo. Ukuze abantu ngabanye bathuthuke ekubeni ngabafundi bakaKristu, kumelwe bafundiswe. (Math. 28:19, 20) Ukuze bafundiswe, kudingeka baqhutshelwe isifundo seBhayibheli. Ngokuvamile izifundo zingaqaliswa ngokusikisela ukubonisa indlela umnini-khaya angafunda ngayo okwengeziwe ngeBhayibheli nangezithembiso zikaNkulunkulu. Omunye umzalwane wakwazi ukuqalisa izifundo eziyisihlanu ngepheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Njengoba ayengakwazi ukuziqhuba njalo lezifundo zeBhayibheli eziningi, waqala ukudlulisela lezifundo zeBhayibheli kwabanye abamemezeli.

3 Uma sikuthola kulula ukuqalisa izifundo, singahamba nabanye abamemezeli futhi sibazise ukuba nabo bathole izifundo. Noma singadlulisela ezinye izifundo esiziqalisayo kwabanye ebandleni. Uma ungathanda ukuqhuba isifundo seBhayibheli, kungani ungazami ukucela ngokuqondile kulabo ohlangana nabo enkonzweni yendlu ngendlu? Kwesinye isikhathi ummemezeli wenza impindelo kwenye intombazane eyayingabonisanga isithakazelo esingako. Noma kunjalo, ummemezeli wasikisela ukumqhubela isifundo seBhayibheli, futhi yasamukela. Manje isibhapathiziwe, futhi udadewabo nomyeni wakhe nabo baba khona emihlanganweni.—Gal. 6:6.

4 Akubona bonke esiqalisa nabo isifundo abayoqhubeka befunda. Akubona bonke esibafundelayo abayongena eqinisweni. Kodwa abanye bayongena. Lapho siqalisa izifundo zeBhayibheli eziningi, kulapho kuba nokwenzeka khona ngokwengeziwe ukuba sikwazi ukusiza abanye babe abadumisi bakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela