Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
1 Okunye kokuhlangenwe nakho okunomvuzo nokwanelisa kakhulu kwamaKristu eqiniso kuwukufundisa othile iqiniso ngesifundo seBhayibheli sasekhaya. Nokho, abanye kungenzeka abahlanganyeli kulesici senkonzo esinomvuzo nesanelisayo ngoba banomuzwa wokuthi abakwazi ukuqalisa nokuqhuba isifundo seBhayibheli. Abamemezeli abaningi abashisekayo namaphayona bake bazizwa ngaleyondlela. Nokho, ngokuthembela kuJehova nangokusebenzisa ukusikisela okuku-Nkonzo Yethu YoMbuso, bafunda indlela yokuqalisa nokuqhuba izifundo zeBhayibheli, futhi bandisa injabulo yabo enkonzweni. Ungaba nomgomo ofanayo.
2 Ukusebenzisa Indlela Eqondile Namapheshana: Enye yezindlela ezilula kakhulu yokuqalisa isifundo iwukusebenzisa indlela eqondile. Okuwukuphela kwento abanye abantu abayidingayo isimemo esifudumele sokufunda iBhayibheli. Lokhu ungakwenza ngokumane ubuze umninikhaya: “Ingabe ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sakho siqu sasekhaya futhi wandise ulwazi lwakho lweBhayibheli nangenjongo kaNkulunkulu ngokuqondene nomhlaba?” Noma ungase utshele umninikhaya ukuthi ungathanda ukumbonisa indlela isifundo seBhayibheli sasekhaya esiqhutshwa ngayo. Nakuba abaningi bengase bakwenqabe lokhu kusikisela, cabanga ngenjabulo oyoba nayo lapho uthola umuntu oyovuma!
3 Enye indlela yokuqalisa isifundo seBhayibheli iwukusebenzisa elinye lamapheshana ethu. Nakuba emancane, anesigijimi esinamandla nesanelisayo. Singaqaliswa kanjani isifundo ngepheshana? Ngokumane unikeze umninikhaya ipheshana ocabanga ukuthi uzoba nesithakazelo kulo. Khona-ke, thatha isinyathelo kuqala, ucele umninikhaya ukuba afunde nawe isigaba sokuqala. Funda imibhalo ekhonjiwe, bese uxoxa ngendlela ehlobana ngayo nalokho kwaziswa. Ekuhambeleni kokuqala, ningase nicabangele isigaba esisodwa noma ezimbili kuphela. Njengoba umninikhaya eqaphela ukuthi ufunda izinto ezithakazelisayo eBhayibhelini, ungase ukwazi ukwandisa isikhathi enisichitha ezingxoxweni zenu.
4 Ukusebenzisa IBhayibheli Kuphela: Ngezinye izikhathi umuntu uyavuma ukuxoxa ngeBhayibheli kodwa abonakale emanqikanqika ukwamukela isifundo esiqhubeka njalo noma ukusebenzisa enye yezincwadi zethu. Noma kunjalo ungasiqalisa futhi usiqhube isifundo seBhayibheli ngokulungiselela izingxoxo ezithakazelisayo ezingokomBhalo ezisekelwe ezingxenyeni zencwadi ethi Ungaphila Phakade noma ethi Ukubonisana kodwa-ke usebenzisa iBhayibheli kuphela lapho uya kulomuntu othakazelayo. Izingxoxo ezinjalo zingase zithathe imizuzu engu-15 noma engu-20, noma ngaphezulu, kuye ngokwezimo. Uma lokhu kwenziwa njalo nangendlela eqhubekayo yokufundisa amaqiniso eBhayibheli, usuke usuqalise isifundo seBhayibheli, futhi singase sibikwe njengesifundo. Uma sekufaneleka, yethula incwadi ethi Ungaphila Phakade, bese uqhuba ngayo isifundo esiqhubeka njalo.
5 Ngaphezu kokuthola amathuba enkonzo yasensimini, ingabe wake wazama ukuqalisa isifundo seBhayibheli nomakhelwane, abangane, noma amalungu omkhaya? Ingabe kwakusesikhathini esithile esidlule? Ingabe usuphinde wazama muva nje? Uma indlela ethile ingazange isebenze, ingabe wake wakucabangela ukuzama enye?
6 Ungaphumelela ekuqaliseni izifundo uma usebenzisa ukusikisela okunikeziwe, uphikelela enkonzweni yasensimini, futhi uthembela kuJehova ukuze uthole isibusiso sakhe. Ungalokothi uwabukele phansi amandla eqiniso nosizo uJehova alunikezayo. Kwangathi ungandisa injabulo yakho enkonzweni ngokuqalisa nangokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya.