Imihlangano Yenkonzo Ka-september
Isonto Eliqala Ngo-September 6
INgoma 164
10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe ku-Nkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz:Ingabe Uzoba Ummemezeli Wezindaba Ezinhle Ophuma Njalo Phakathi Nonyaka Wenkonzo Ka-1994? Inkulumo ebekwa unobhala. Qala ngenkulumo engokombhalo esekelwe ekwazisweni okusencwadini ethi Ukufeza Inkonzo, amakhasi 82 no-85. Ngemva kwalokho, bukeza umsebenzi webandla wenkonzo yasensimini wonyaka wenkonzo odlule osekelwe ekwazisweni okunikezwe efomini loMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10). Yazisa ibandla ukuthi bangaki abebengaphumi njalo phakathi nonyaka wenkonzo odlule. Bangaki abeqiwa inyanga eyodwa kuphela enkonzweni yasensimini? Bangaki abeqiwa yizinyanga ezimbili noma ngaphezulu? Abanye kungenzeka kuye kwadingeka babhekane nezimo ezinzima, njengezinkinga zempilo, kuyilapho abanye bamane nje bahluleka ukubika inkonzo yabo. Singabambisana kanjani sonke ukuze siqikelele ukuthi bonke abamemezeli bazophuma njalo enkonzweni phakathi nonyaka wenkonzo omusha? Bukeza amaphuzu aku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1993, ikhasi 3. Ungahlanganisa namaphuzu aku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1993, ikhasi 2. Gcizelela umthwalo wemfanelo womuntu siqu wokuhlanganyela enkonzweni yasensimini masonto onke nokufaka umbiko ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Xoxa ngendima yomqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla ngamunye kanye nonobhala yokuqikelela ukuthi yonke imibiko engafikanga ngesikhathi iyatholakala futhi ithunyelwe eNhlanganweni nombiko wenyanga elandelayo. ENingizimu Afrika cishe kunamaphesenti angu-20 abamemezeli abangaphumi njalo. EJapane amaphesenti amabili kuphela abamemezeli angaphumi njalo. Ingabe singathuthuka kulokhu? Ingabe uzoyamukela inselele yokuba ummemezeli ophuma njalo phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994?
15 imiz:“Ukusiza Abanye Baqaphele Igugu Elikhulu.” Sihlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 4, yiba nomboniso wommemezeli ohambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade kumuntu ongumzali.
INgoma 108 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 13
INgoma 112
10 imiz:Izaziso zebandla. Hlanganisa nombiko wezimali nokubongwa kweminikelo. Tusa ibandla ngokusekela kwalo ngomusa izidingo zebandla kanye nomsebenzi weNhlangano womhlaba wonke.
10 imiz:“Zuzisa Abanye Ngokusebenzisa Omagazini.” Inkulumo enemiboniso. Qokomisa ukubaluleka kokusebenzisa ngokugcwele omagazini bamuva nasebebadala. Yiba nemiboniso emibili, ophathelene nomagazini wamuva nomunye obonisa indlela yokusebenzisa umagazini osumdala ukuze kuhlangatshezwane nesidingo esithile somninikhaya.
15 imiz:“Yini Esizoyifeza Phakathi Nalonyaka Wenkonzo?” Inkulumo ehambisana nokuxoxa nezilaleli. Kumelwe isingathwe umbonisi owengamele. Bukeza unyaka wenkonzo odlule webandla futhi ukhuthaze bonke ukuba benze amalungiselelo omsebenzi owandisiwe phakathi nonyaka wenkonzo ka-1994.
10 imiz:“Fundani Incwadi Ethi Ungaphila Phakade Nethi Ubunye Ekukhulekeleni.” Ngemva kokubukeza isihloko nezilaleli, yiba nommemezeli olungiselele kahle obonisa indlela yokushintshela encwadini ethi Ungaphila Phakade uma bekufundwa incwadi ethi Umuntu Omkhulu.
INgoma 17 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 20
INgoma 100
10 imiz:Izaziso zebandla. Qokomisa izihloko ezikomagazini bamuva ezingase zikhulunyelwe kulelisonto enkonzweni yasensimini.
20 imiz:“Siza Abantu Abanjengezimvu Ukuba Bakhele Esisekelweni Esiqinile.” Xoxa nezilaleli. Gcizelela isidingo sokulungiselela impindelo ngayinye. Hlela ukuba ummemezeli ofanelekayo enze umboniso wokuphindela kumuntu owathatha incwadi ethi Ungaphila Phakade esikhathini esidlule, esebenzisa ukwaziswa okusesigabeni 3 noma 5.
15 imiz:“Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Zasekhaya.” Imibuzo nezimpendulo. Ngemva kwesigaba 4, yethula umboniso owenziwa ngentshiseko wokwenza impindelo lapho kusetshenziswa khona iBhayibheli kuphela, kodwa osekelwe ezingxenyeni zencwadi ethi Ungaphila Phakade noma Ukubonisana, njengoba kusikiselwe.
INgoma 84 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 27
INgoma 109
15 imiz:Izaziso zebandla. Mema umbonisi wenkonzo ukuba azonikeza umbiko ngentuthuko eyenziwayo ekusebenzeni insimu engabelwe bese exoxa ngamalungiselelo enyanga yokugcina yomkhankaso. Khuthaza bonke ukuba baphathe izinhlobo eziningi zezincwadi, kuhlanganise nomagazini abadala, bezilimi ezikhulunywa kuleyonsimu. Uma kungenzeka, shiyelani umninikhaya ngamunye ensimini okuthile azokufunda.
15 imiz:IBhokisi Lemibuzo. Kumelwe isingathwe umdala. Gcizelela ukuthi kungani kufanele siqaphele ukuziphatha kwethu lapho kubhapathizelwa khona nendlela okummelela ngayo uJehova nesigijimi soMbuso.
15 imiz:Hambisa Izikhokhelo Phakathi No-October. Hlela ukuba kube nemiboniso emithathu, komunye kuhanjiswa INqabayokulinda yamuva, komunye kuhanjiswa i-Phaphama! yamuva, bese kuthi komunye umninikhaya umatasa kakhulu futhi wamukela omagazini noma ipheshana. Ngemva komboniso ngamunye hlaziya nezilaleli ukuthi kungani intshumayelo iye yaphumelela. Khuthaza abamemezeli ukuba bahambise izikhokhelo kuzo zonke izimo.
INgoma 21 nomthandazo wokuphetha.