Fundani Incwadi Ethi Ungaphila Phakade Nethi Ubunye Ekukhulekeleni
1 Amapheshana, izincwajana ezingangomagazini, omagazini, nezincwadi—konke kungase kusetshenziswe ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabantu abathakazelayo. Ngenxa yokusakazwa kwayo kabanzi nokukhanga kwayo, incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila iye yasetshenziswa ekuqaliseni izifundo. Ngokuqinisekile, wonke umuntu kufanele akhuthazwe ukuba ayifunde futhi ayitadishe. Siye sakwenza lokhu ngokulungiselela nangokuba khona njalo eSifundweni Sencwadi Sebandla.
2 Nokho, kunezincwadi ezimbili ngokuyinhloko okufanele zifundwe nabantu abasha ukuze sibasize baqonde izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli kanye nezindinganiso zokuphila zobuKristu. Lezozincwadi yilezi: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni nethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Kutuswa ukuba ngokushesha ngangokunokwenzeka, labo abaqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngezinye izincwadi bashintshele kwenye yalezincwadi. Uma isifundo siqhutshwa ngencwadi ethi Umuntu Omkhulu, khuthaza umfundi ukuba aqhubeke ezifundela yona ngokwakhe. Isifundo seBhayibheli kufanele siqhubeke kuze kuqedwe incwadi ethi Ungaphila Phakade nethi Ubunye Ekukhulekeleni, ngisho nakuba umuntu engase abhapathizwe ngaphambi kokuba aqede incwadi yesibili. Lenqubo iyonikeza umfundi weBhayibheli ukuqonda okwengeziwe nokuzinza ngokomoya.