Indlela Yokusebenzisa Incwadi Ethi “Othandweni LukaNkulunkulu” Ekuqhubeni Izifundo ZeBhayibheli
1. Iyini injongo yencwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu”?
1 Yeka indlela esajabula ngayo eMhlanganweni Wesigodi othi “Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu” lapho sithola incwadi entsha ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”! Njengoba kwamenyezelwa, le ncwadi iklanyelwe ukusisiza ukuba sazi futhi sithande izindinganiso zikaJehova zokuziphatha hhayi ukuba isifundise izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Le ncwadi ngeke siyihambise endlini ngendlu.
2. Le ncwadi ingasetshenziswa kanjani, futhi kobani?
2 Le ncwadi izoba incwadi yesibili esiyifunda nabafundi beBhayibheli ngemva kokuqeda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Khumbula ukuthi abantu bathuthuka ngamazinga angafani ngokomoya. Isifundo ngasinye kufanele siqhutshwe ngejubane elilungele umfundi. Qiniseka ukuthi indaba efundwayo iqondakala kahle. Ezimweni eziningi, le ncwadi akufanele isetshenziselwe ukuqala izifundo zeBhayibheli nabantu okungenzeka bafunde izincwadi eziningi esikhathini esidlule kodwa abangezi emihlanganweni yebandla futhi okusobala ukuthi abafuni ukuvumelanisa ukuphila kwabo namaqiniso eBhayibheli abawafundiswa.
3. Yini okufanele siyenze uma kunesifundo esisiqhubayo njengamanje ngencwadi ethi Khulekela UNkulunkulu?
3 Uma kunesifundo osiqhubayo njengamanje ngencwadi ethi Khulekela UNkulunkulu futhi ususezahlukweni zokugcina zayo, ungase unqume ukuqedela leyo ncwadi futhi ukhuthaze umfundi ukuba azifundele incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” Ngalé kwalokho, kungaba ngcono ukushintshela kule ncwadi entsha futhi niyiqale ekuqaleni. Njengoba besenza ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, umuntu angazinqumela ukuthi kufanele yini baxoxe ngezihloko zesithasiselo.
4. Yini okufanele siyenze uma esifunda naye ebhapathizwa ngaphambi kokuqeda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nethi “Othandweni LukaNkulunkulu”?
4 Uma umfundi ebhapathizwa ngaphambi kokuba aziqede zombili lezi zincwadi, khona-ke isifundo kufanele siqhubeke kuze kuqedwe incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” Nakuba umfundi esebhapathiziwe, ungase usibike isikhathi, impindelo nesifundo. Ummemezeli ohamba nawe futhi naye ahlanganyele esifundweni angasibika isikhathi.
5. Incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu” ingasetshenziswa kanjani ekusizeni abamemezeli asebenesikhathi esithile bengahlanganyeli enkonzweni?
5 Uma wabelwe yilungu leKomiti Yenkonzo Yebandla ukuba uqhube isifundo seBhayibheli nothile ongasahlanganyeli emsebenzini wokushumayela, ungase ucelwe ukuba ucabangele izihloko ezithile zencwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” Izifundo ezinjalo akudingeki ukuba ziqhutshwe isikhathi eside. Yeka ilungiselelo elihle esinalo kule ncwadi entsha, eklanyelwe ukusisiza ukuba sihlale “othandweni lukaNkulunkulu”!—Jude 21.