Zuzisa Abanye Ngokusebenzisa Omagazini
1 Yeka indlela esijabula ngayo lapho sithola omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! Siyalazisa ithuba lokubafunda ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze sizuze ekwazisweni okunikezwayo. Ngaphezu kokufuna ukwaziswa okungasiza thina uqobo, kuhle ukubheka amaphuzu angase asetshenziswe lapho kuhanjiswa omagazini kwabanye. Singase sifise ukuphawula izingxenye eziyokhanga ngokukhethekile kulabo abasensimini yebandla lethu noma sibhale eceleni ekhasini kwawethu amakhophi ukuze sikhumbule amaphuzu esingakhuluma ngawo nendlela isihloko esingakhulunyelwa ngayo endaweni yakithi.
2 Omagazini bethu bahlala bebaluleke njalo. Nakuba ngokuyinhloko singase sikhathalele ukuhambisa omagazini bamuva, akudingekile ukuba omagazini asebebadala balahlwe, ngoba ukwaziswa akuphelelwa isikhathi. Gcina omagazini bezinyanga ezidlule besesikhwameni sakho sasensimini ukuze batholakale lapho ufakaza. Labomagazini bangasebenza ikakhulukazi lapho umninikhaya esho isidingo sakhe esikhethekile. Omagazini abadala bangase basetshenziswe naphakathi nomkhankaso wensimu engabelwe.