Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
1 Lapho usondela endaweni edayisa izincwadi, ubonani? Omagazini. Esitolo esisekhoneni lomgwaqo, yini ekuhehayo? Omagazini. Yini eyenza umuntu weposi asindwe isikhwama seposi aze atshekise ihlombe? Omagazini. Ngakho, yini abantu abaningi abayifundayo? Omagazini. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi intsha engu-9 kwengu-10 ephakathi kweminyaka engu-10 kuya kwengu-18, namaphesenti afanayo abantu abadala, ifunda okungenani umagazini owodwa njalo ngenyanga. Umhlaba unesithakazelo komagazini.
2 Singabenza yini abantu abanhliziyo ziqotho babe nesithakazelo kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama!? Yebo, uma NATHI sinesithakazelo kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Yini engasisiza? Cabangela lokhu kusikisela:
◼ Bafunde Omagazini: Omunye umbonisi ojikelezayo wabika ukuthi, ngokwesilinganiso, esifundeni sakhe ummemezeli oyedwa kwabathathu owufunda wonke umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ingabe uyayifunda? Njengoba ufunda isihloko ngasinye, zibuze, ‘Ubani ongakujabulela lokhu kwaziswa—umama, umuntu othi uNkulunkulu akaziwa, usomabhizinisi, osemusha?’ Kumagazini wakho siqu, phawula iphuzu elilodwa noma amabili ongawasebenzisa lapho uhambisa umagazini. Yibe usucabanga indlela ongavusa ngayo isithakazelo kulesi sihloko ngomusho owodwa noma emibili.
◼ Yiba Ne-oda Likamagazini Elimile: Faka i-oda ongakwazi ukulifinyelela likamagazini ngamunye kumzalwane osingatha omagazini. Ngalendlela, wena nomkhaya wakho niyobathola njalo omagazini futhi nibe nabanele.
◼ Hlela Usuku Lukamagazini Lwasikhathi Sonke: Amabandla amaningi aye abekela eceleni usuku olumisiwe ukuze ngokuyinhloko afakaze ngomagazini. Ingabe ungalusekela uSuku Lukamagazini lwebandla? Uma ungeke ukwazi, zama ukusebenzisa esinye isikhathi senkonzo njalo ngezikhathi ezithile ukuze ufakaze emgwaqweni ngomagazini futhi ubasakaze ngokomuntu siqu, endlini ngendlu nasemizileni kamagazini.
◼ Yiba Nesithakazelo kuyi-“Nqabayokulinda” ne-“Phaphama!”: Phatha omagazini lapho uthatha uhambo noma uyothenga. Bahambise lapho uxoxa nosebenza nabo, omakhelwane, ofunda nabo, noma othisha. Omunye umbhangqwana ovame ukuhamba ngendiza usebenzisa iphuzu elithile elikomunye womagazini bamuva ukuze uqale ingxoxo nomgibeli ohleli eduze kwawo. Uye wathola okuhlangenwe nakho okuningi okujabulisayo. Enye intsha iphatha izihloko enomuzwa wokuthi zizothakazelisa othisha bayo noma efunda nabo esikoleni. Phatha amakhophi lapho uhamba uyokwenza izinto ezithile, bese uwahambisa kubadayisi uma usukuqedile obukuhambele. Iningi lethu lithenga uphethilomu njalo; kungani ungabahambisi omagazini kumuntu osebenza egalaji? Mababe seduze lapho kuvakashe izihlobo, uhamba ngezinto zomphakathi, noma lapho ulinde okuthile. Zikhona ezinye izikhathi ezifanelekayo ongazicabanga?
◼ Lungiselela Intshumayelo Kamagazini Emfushane: Hlela ukuba usho okuncane, kodwa ukusho kahle. Yiba nomdlandla. Khanga inhliziyo. Shaya emhloleni. Khetha umqondo owodwa osesihlokweni, wubeke ngamafuphi, bese uhambisa omagazini. Indlela enhle kakhulu yokubahambisa iwukubuza umbuzo ngendaba ethakazelisayo bese uvula isihloko esinempendulo engokomBhalo. Cabangela izibonelo ezimbalwa zendlela okungenziwa ngayo lokhu:
3 Uma uqokomisa isihloko esimayelana nokwanda kobugebengu, ungase ubuze:
◼ “Yini edingekayo ukuze sikwazi ukulala ebusuku singesabi ubugebengu?” Umninikhaya angase athi akanalo ithemba lokuthi izinto zizoba ngcono. Ungase uphendule ngokuthi abantu abaningi banomuzwa ofanayo bese unezela ngokuthi unokwaziswa okuthile okholelwa ukuthi kuzomthakazelisa. Yibe usubhekisela ephuzwini elifanele elisesihlokweni.
4 Lapho uhambisa umagazini onesihloko esikhuluma ngokuphila komkhaya, ungase uthi:
◼ “Abantu abaningi bathola ukuthi kuyinselele yangempela ukuziphilisa nokunakekela umkhaya kulezi zinsuku. Kuye kwabhalwa izincwadi eziningana ngalendaba, kodwa ngisho nochwepheshe abavumelani ngamakhambi ezinkinga zethu. Ingabe kukhona lapho singaya khona ukuze sithole isiqondiso esinokwethenjelwa?” Yibe usubhekisela enkulumweni ekumagazini ebonisa ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini.
5 Ungase usebenzise lendlela uma ukhulumela isihloko esikhuluma ngenkinga yezenhlalo:
◼ “Iningi labantu licindezelekile namuhla. UNkulunkulu wayengahlosile neze ukuba siphile ngalendlela.” Yibe usubonisa indlela ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini okusesihlokweni okungasisiza ngayo ukuba sibhekane nezinkinga zokuphila manje futhi kusinikeze ithemba lekhambi laphakade esikhathini esizayo.
6 Akufanele neze sinqikaze ukucela umnikelo osikiselwe, sicabanga ukuthi omagazini bethu bamba eqolo; omagazini bethu bashibhe ngempela uma beqhathaniswa nomagazini bezwe. Ngakho-ke, kufanele sibe nombono oqondile lapho sisho umnikelo wokuhlangabezana nezindleko zokunyathelisa.
7 Ukufakaza Emgwaqweni Kuyaphumelela: Kwakuku-Informant (INkonzo Yethu YoMbuso) ka-January 1940 lapho abamemezeli bakhuthazwa khona okokuqala ngqá ukuba bahlele usuku olukhethekile isonto ngalinye lokufakaza emgwaqweni besebenzisa omagazini. Ingabe uyahlanganyela ekufakazeni emgwaqweni njalo ngezikhathi ezithile? Uma uhlanganyela, ingabe indlela oyisebenzisayo iphumelela ngempela? Abanye abamemezeli baye babonakala bemi emakhoneni emigwaqo ematasa, bexoxa bodwa, kube kudlula abantu abaningi bengabanakile. Kunokuma ndawonye siphethe omagazini, kuphumelela ngokwengeziwe ukuhlukana futhi kuyiwe kubantu. Abantu bangase bame bathi ukulalela kancane uma umuntu oyedwa ebamisa, kodwa bambalwa abayothatha isinyathelo sokuzizela bona eqenjini elidla ingevu. Njengoba sidonsa ukunaka kwabantu abaningi emgwaqweni, kunesidingo esikhethekile sokuzilungisa kahle nokugqoka ngendlela enesizotha efanela izikhonzi zikaNkulunkulu.—1 Thim. 2:9, 10.
8 Imizila Kamagazini: Labo abanomzila kamagazini bahambisa omagazini abaningi ngisho noma amasimu ehlanganiswa njalo. Imizila kamagazini iyimithombo emihle kakhulu okungatholakala ngayo izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
9 Lapho uphindela njalo ukuze uhambise omagazini, uyothola ukuthi imfudumalo nobungane phakathi kwakho nomninikhaya kuyakhula. Njengoba niya nijwayelana kangcono, kuyoba lula kakhudlwana ukuxoxa ngezihloko ezingokomBhalo. Lokhu kungaholela ekuqaleni isifundo seBhayibheli sasekhaya esiphumelelayo. Ezimpindelweni ezinesithakazelo esisobala somagazini, hambisa isikhokhelo. Futhi khumbula, isikhathi ngasinye uxoxa nomninikhaya, ungabika impindelo.
10 Omunye udade njalo wayehambisa omagazini kowesifazane owayebamukela njalo kodwa abe esethi: “Angikukholwa lokhu ongitshela khona.” Kamuva, lodade wathola indoda isekhaya. Ngemva kwengxoxo yobungane, kwenziwa amalungiselelo okuqala isifundo seBhayibheli. Lodade wakha ubungane namadodana amathathu nawo ahlanganyela esifundweni. Ekugcineni, umama namadodana akhe banikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babhapathizwa. Kuze kube manje, amalungu angu-35 alomkhaya aye amukela iqiniso. Konke lokhu kwabangelwa ukuthi lodade walandelela umzila wakhe kamagazini!
11 Ziningi izindlela zokuqala umzila kamagazini. Ungaqala umzila ngokumane ugcine umbhalo wabantu obahambisele okuthile bese uhlela ukuphindela njalo emasontweni amabili nomagazini bamuva. Enye indlela iwukusebenzisa ukwaziswa okungaphansi kwesihloko esithi “Kumagazini Olandelayo.” Lapho uphindela, mtshele umninikhaya ukuthi uphethe umagazini onesihloko owakhuluma ngaso esikhathini esidlule. Noma, lapho wenza impindelo, ungase uthi: “Lapho ngifunda lesi sihloko, ngicabange ukuthi singase sikuthakazelise . . .” Yibe ususikhulumela kafushane isihloko bese uyawuhambisa. Lapho usuqedile, bhala amaphuzu amahlanu embhalweni wakho wendlu ngendlu: (1) igama lomninikhaya, (2) ikheli lomninikhaya, (3) usuku lokuhambela, (4) omagazini obahambisile, (5) isihloko osikhulumele. Abanye abamemezeli baye baphumelela kakhulu ekwakheni imizila kamagazini, banezimpindelo ezingu-40 noma ngaphezulu ohlwini lwabo!
12 Insimu Yamabhizinisi: Omagazini abaningi bahanjiswa abamemezeli abasebenza insimu yamabhizinisi. Uke wawuzama umsebenzi wokuhambela izitolo? Imibiko ikhombisa ukuthi emabandleni athile, kuhlanganyelwa kancane kakhulu kulesi sici senkonzo. Ekuqaleni, abanye baye besabe ukuhambela abantu bamabhizinisi, kodwa ngemva kokuzama izikhathi ezimbalwa, bakuthola kuthakazelisa futhi kuzuzisa. Kungani ungaceli ummemezeli noma iphayona elingumakad’ ebona ukuba likusize ekuqaliseni?
13 Ziningana izinzuzo zokusebenza izitolo. Bambalwa kakhulu abantu abangatholakali, okungenani phakathi namahora okusebenza ebhizinisini! Ngokuvamile abantu bamabhizinisi bayahlonipha, ngisho noma kungenzeka ukuthi abanasithakazelo eBhayibhelini. Sheshe uqale; cishe uyokwamukelwa kangcono. Ngemva kokuzethula, ungase usho ukuthi kuyaqabukela uthole abantu bamabhizinisi emakhaya, ngenxa yalokho ubahambele isikhashana nje lapho besebenzela khona ukuze ubahambisele omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! Veza ukuthi abantu abaningi bamabhizinisi bayabazisa omagazini bethu ngoba bafuna ukuhlale bezazi izenzakalo zezwe kodwa banesikhathi esincane sokufunda. Labo magazini banokwaziswa okushukumisa ingqondo okunikezwa ngombono ohlukile, ongabandlululi ngokwenkolo, ngokwezombangazwe, noma ngokwezentengiselwano. Abantu abathakazelayo abatholakala ensimini yamabhizinisi bangenziwa umzila kamagazini.
14 Lungiselelani Njengomkhaya: Phakathi nesifundo senu somkhaya kungase kubekelwe eceleni isikhathi esithile sokuxoxa ngokuthi yiziphi izihloko ezikomagazini bamuva ezingafanelekela ukusetshenziswa ensimini yenu. Amalungu omkhaya—kuhlanganise nezingane—angashintshana ngokuprakthiza izintshumayelo zawo nokuphendula izimpikiswano ezivamile eziphakanyiswayo, ezinjengokuthi: “Ngimatasa,” “Sinenkolo yethu,” noma “Anginasithakazelo.” Ukubambisana okuhle kungenza ukuba wonke umkhaya ukwazi ukuhlanganyela njalo ekuhambiseni omagazini.
15 Abaqhubi Bezifundo Zencwadi Bangasiza: Noma nini uma kungenzeka, hlelani ukuba imihlangano yenkonzo ngoSuku Lukamagazini ibe lapho kuqhutshelwa khona isifundo sencwadi kunokuba lonke ibandla lihlangane eHholo LoMbuso. Labo abasingatha imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele balungiselele kahle babe nokusikisela okuqondile abazokudlulisela eqenjini. Kungase kuhlanganise intshumayelo eyisibonelo nephuzu elilodwa noma amabili akomagazini bamuva angase asetshenziselwe ukuvusa isithakazelo endaweni. Imihlangano yenkonzo yasensimini—kuhlanganise nokuhlela iqembu—kufanele ibe mfushane, ingathathi isikhathi esingaphezu kwemizuzu eyishumi noma engu-15. Abaqhubi bezifundo kufanele baqikelele ukuthi kunensimu eyanele ukuze iqembu ligcineke limatasa kuso sonke isikhathi senkonzo yasensimini.
16 Bonisa Ukwazisa Ngomagazini: Isihloko esithi “Ukusebenzisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Ngokunenzuzo” esakhishwa ku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 1993 saveza leli phuzu elibalulekile: “Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! abaphelelwa ukuba yinzuzo kwabo, ngisho noma bengahanjiswanga bonke phakathi nenyanga eyodwa noma ezimbili zosuku lokukhishwa kwabo. Izinga lokubaluleka kokwaziswa abakuqukethe alehli ngenxa yokudlulelwa isikhathi . . . Ukuyeka omagazini abadala banqwabelane futhi ungabasebenzisi kubonisa ukuntula ukwazisa ngalamathuluzi abalulekile. . . . Esikhundleni sokubachilizela eceleni omagazini abadala futhi sikhohlwe yibo, ingabe ngeke yini kube ngcono ukwenza umzamo okhethekile wokubahambisa kubantu abathakazelayo?”
17 Namuhla baningi abantu abanhliziyo ziqotho abafuna iqiniso. Ukwaziswa okukumagazini owodwa kungaba yilokho kanye abakudingayo ukuze kubaholele eqinisweni! UJehova uye wasinikeza isigijimi esijabulisayo sokusimemezela, futhi omagazini bethu bafeza indima ebalulekile ekuhambiseni lesi sigijimi kwabanye. Ingabe uzokuphaphamela ngokwengeziwe ukusakaza omagazini esikhathini esizayo? Ingabe uzokusebenzisa lokhu kusikisela kuyo kanye lempelasonto? Uma wenza kanjalo uyobusiswa ngokucebile.
Ukusikisela Okuwusizo:
◼ Bafunde kusengaphambili omagazini, uzazi kahle izihloko.
◼ Khetha isihloko esikhuluma ngokuthile okuthakazelisa iningi emphakathini wakini.
◼ Lungiselela intshumayelo eyofanelekela abantu abahlukahlukene, kungakhathaliseki ukuthi amadoda, abesifazane, noma intsha. Bonisa indlela umagazini omthinta ngayo umninikhaya nendlela umkhaya wonke oyowujabulela ngayo.
◼ Hlela ukuhlanganyela emsebenzini wenkonzo yasensimini lapho iningi labantu lisekhaya. Amanye amabandla ahlela ukuba kufakazwe kusihlwa ngomagazini.
◼ Intshumayelo yakho mayibe mfushane futhi ishaye emhloleni.
◼ Ungasheshisi kakhulu uma ukhuluma. Uma umuntu okulalele engenasithakazelo, ukukhuluma usheshe ngeke kusize. Zama ukungaxhamazeli, futhi umnikeze ithuba lokuphendula umninikhaya.
Ukuhambisa Omagazini Endlini Ngendlu:
◼ Mamatheka ngobungane nephimbo lakho libe nomusa.
◼ Yiba nentshiseko ngomagazini.
◼ Khuluma ngokunensa nangokucacile.
◼ Khuluma ngendaba eyodwa; vusa isithakazelo kafushane, bese ubonisa ukubaluleka kwayo kumninikhaya.
◼ Qokomisa isihloko esisodwa kuphela.
◼ Khulumela umagazini owodwa, omunye uwuhambise njengomngane.
◼ Nikeza umninikhaya omagazini.
◼ Tshela umninikhaya ukuthi uhlela ukubuya.
◼ Uma omagazini bengathathwa, valelisa kahle, nangobungane.
◼ Efomini lendlu ngendlu phawula isithakazelo ositholile nezincwadi ozihambisile.
Amathuba Okuhambisa Omagazini:
◼ Ukufakaza endlini ngendlu
◼ Ukufakaza emgwaqweni
◼ Ukusebenza izitolo
◼ Imizila kamagazini
◼ Ukufakaza kusihlwa
◼ Lapho wenza izimpindelo
◼ Ukuhambela abantu abake bafunda iBhayibheli
◼ Lapho usohambweni, uyothenga
◼ Lapho ukhuluma nezihlobo, osebenza nabo, omakhelwane, ofunda nabo, nothisha
◼ Ezintweni zokuhamba zomphakathi, ezindlini zokulindela okuthile