Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/93 k. 1
  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hambisa Omagazini Lapho Ushumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Basebenzise Kahle Omagazini Bethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Ukuthola Injabulo Ngokuhambisa Omagazini Abengeziwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Omagazini Bamemezela UMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 12/93 k. 1

Bekela Eceleni Isikhathi Somsebenzi Kamagazini

1 UJehova uye wanquma ukuthi kuzokuba khona ‘ukuthula, isikhathi esizayo, nethemba’ ngalabo abalandela izindlela zakhe. (Jer. 29:11) Ukwaziswa okuphathelene nalelithemba kunikezwa ngesikhathi esifanele nge-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Labomagazini bangazuzisa zonke izinhlobo zabantu ngaphansi kwanoma iziphi izimo. (1 Thim. 2:4) Ingabe wena nomkhaya wakho njalo niyasibekela eceleni isikhathi sokuhambisa omagazini?

2 Uma inani lomagazini obahambisayo belilokhu lincipha, kungalungiswa kanjani lokhu kuthambekela? Esinye isici esibalulekile siwukuhlale sinokwazisa ngezinto eziqukethwe omagazini bethu. Enye indoda yabhala: “Ukufunda omagazini benu kungokuhlangenwe nakho okujabulisayo ngempela. Abasibo ‘abaduduzi’ abangelutho bohlobo oluphansi kodwa baqukethe isiqondiso esimayelana nendlela yokwenza ukuphila kube nenjongo.” Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! bayimiphumela yokucwaningisisa futhi bangamalungiselelo enziwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Math. 24:45) Bangamathuluzi aphumelelayo okufinyelela izinhliziyo zabantu.

3 Jwayelana nezihloko ezikomagazini obahambisayo. Funa amaphuzu aphathelene nezinkinga zamuva emphakathini wakini. Kuhle ukulungiselela ukukhuluma namadoda, abesifazane, kanye nentsha ongase uyithole emakhaya noma emigwaqweni. Lungiselela ukubonisa indlela labomagazini abahlobana ngayo nabantu ngabanye kanye nawo wonke amalungu emikhaya.

4 Phaphamela Ukuhambisa Omagazini: Ukufakaza ngomagazini kufanele kube ingxenye ebalulekile yesimiso sakho senkonzo yasensimini. Yiziphi izikhathi ezikulungele kakhulu zokuhambisa omagazini? Wake wakuzama ukusebenza indlu ngendlu isikhathi esingangehora noma ngaphezudlwana ntambama noma kusihlwa ngaphambi kweSifundo senu Sencwadi Sebandla? Ukufakaza kusihlwa kuye kwaba nezithelo kakhulu kwezinye izindawo. UMgqibelo uwusuku oluhle lokuhambisa omagazini ngezindlela ezihlukahlukene, kodwa nezinye izinsuku zingasetshenziselwa lomsebenzi. Umsebenzi wendlu ngendlu nowokuhambela izitolo kufanele ube ingxenye yasikhathi sonke yoSuku Lukamagazini.

5 Umuntu ngamunye kufanele abe ne-oda lasikhathi sonke lenani elimisiwe lomagazini abahanjiswayo labo bonke omagazini abaphumayo. Ngezinye izikhathi lapho unomagazini abadala, ungabasebenzisela ukubonisa abaninikhaya izihloko ezihlukahlukene ezihlanganiswayo komagazini. Njalo ngezikhathi ezithile, omagazini abadala bangashiywa emakhaya abantu asebethathe umhlala phansi, emakhaya abantu abagugile nabakhubazekile, nasezibhedlela ezikuvumelayo. Bonke labomagazini bangabalwa njengabahanjisiwe futhi kufanele babikwe inyanga ngayinye epheshaneni Lombiko Wenkonzo Yasensimini.

6 Ngokusebenzisa ukusikisela okungenhla, akungabazeki ukuthi inani lomagazini obahambisayo liyokwanda. Abantu abanhliziyo ziqotho abacindezelwa ukuphila kulesimiso esibi samanje bayakwazisa ukwaziswa okuqabulayo okunjengalokho okutholakala ku-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Labomagazini ngempela banikeza ukudla okungokomoya okudingwa yilabo abafuna ukuzuza umusa kaJehova. Khona-ke, kuphaphamele ukuhambisa omagazini, futhi ufune izindlela zokwandisa ukuhambisa lezincwadi ezibalulekile ensimini yakini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela