Khetha Amaphuzu Afanelekile Okukhulunyelwa
1 Yini esingayenza ukuze sikhuthaze abantu bafunde INqabayokulinda nePhaphama! njalo? Sidinga ukuba namaphuzu athakazelisayo esizokhuluma ngawo lapho sihambisa omagazini kwabanye. Uma sesibajwayele kahle abantu basensimini yethu futhi sicabanga ngabo lapho sifunda omagazini, singabheka amaphuzu okukhulunyelwa ukuze adonse isithakazelo sabo.
2 Kwezinye izindawo abantu bangase babe nesizinda esifanayo, kwenze kube lula kakhulu ukuphawula okuthile okungathakazelisa wonke umuntu. Kodwa kwezinye izindawo, singase sithole abantu abavela ezizindeni ezihlukene. Uma engqondweni sinamaphuzu amaningana okukhulunyelwa, singatomula elilodwa elifanelana kahle kakhulu nomuntu ngamunye esihlangana naye.
3 Ungasheshi ukulahla omagazini abasanda kushiywa isikhathi lapho uthola abasha. Omunye umzalwane ubonisa umninikhaya omagazini abathathu noma abane beNqabayokulinda futhi amvumele ukuba akhethe labo afuna ukubafunda. Uma sithola ukuthi sithola omagazini abaningi kunalabo esingase sikwazi ukubahambisa, kufanele sicabangele ukushintsha i-oda lethu.
4 Ngokusebenzisa njalo amaphuzu okukhulunyelwa afanelekile, singase sishukumisele abanye ukuba bafunde omagazini bethu futhi mhlawumbe labobantu sibenze baqalise ukuhamba endleleni eyisa ekuphileni. (Math. 7:14) Uma siyicabangisisa kahle lendaba ebalulekile, singaqiniseka ngesibusiso sikaJehova.