Amakheli Amagatsha
Sizani niphawule ukuthi unyaka ngamunye ngemuva kweYearbook kukhishwa uhlu olubukeziwe lwamahhovisi oFakazi BakaJehova asemhlabeni wonke. Loluhlu lungolosizo lwenu nokuba nilusebenzise. Ningonga isikhathi kanye nemali ngokubheka iYearbook yonyaka kunokuba nishayele iNhlangano ucingo nifuna amakheli amahhovisi egatsha akwamanye amazwe. Khumbulani futhi ukuthi iNhlangano ayiwagcini emafayelini amakheli amaHholo OMbuso akwamanye amazwe. Kuyodingeka nibhalele ngokuqondile ihhovisi legatsha lakuleyondawo ukuze nithole amakheli anjalo.