IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoNovember: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R2,60. NgoDecember: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. NgoJanuary: Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,60. NgoFebruary: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R8,00. Encane u-R4,00.
◼ Onobhala kufanele bakhiphe amanye amakhadi eSibonakaliso Senkonzo Yobuphayona (S-202) bawanikeze kuphela amaphayona agudlukela ebandleni lakubo esuka emasimini angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika. Ngokuphathelene nalokhu sizani niphawule incwadi eyayivela kithi kaOctober 23, 1989, kanye neka-April 1, 1991. Futhi, ngaphambi kokuba nithumele ifomu iS-206 elazisa iNhlangano ngamaphayona aphumayo ohlwini, sizani nibukeze ngokucophelela iziyalezo ezisefomini futhi niphendule yonke imibuzo efanele.
◼ Amabandla manje asenga-oda imiqulu enyatheliswe kabusha yeWatchtower yonyaka ka-1983 no-1984. Sizani ningathumeli ama-oda eminyaka engemva kuka-1984 kuze kube yilapho sekwazisiwe kuNkonzo Yethu YoMbuso.
◼ Njalo siyaye samukele izicelo zivela kubazalwane abafisa ukufaka izimali zabo kuakhawunti yeNhlangano bese bezikhipha lapho kunesidingo. Siyadabuka ukuthi iNhlangano ayikwazi ukwamukela noma yiziphi izimali ezibolekisayo. Nokho, singayamukela iminikelo eqondile kanye neminikelo enemibandela. Uma ufuna imininingwane eyengeziwe ngokuphathelene nelungiselelo lomnikelo onemibandela ungase uxoxe nonobhala webandla noma ubhalele iTreasurer’s Office yegatsha lendawo.
◼ Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1993, elitholakala ngo-R12,00 lilinye ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, kanye nesiZulu. Izindleko zalo ziyofakwa kuakhawunti yezincwadi. Amabandla anezikweleti kuakhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla afake itekisi elisha lonyaka ngoJanuary 1, 1993.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1993 kusukela ngoDecember 1 kanye ne-oda lawo elivamile. Lezincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa, nesiZulu. Kuze kube yilapho lezincwajana sezitholakala futhi sezithunyelwe, zizofakwa kumainvoice ebandla ngokuthi “Kusazothunyelwa.” Izincwajana Ukuhlola ImiBhalo ziyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi imali yazo iyofakwa kuakhawunti yezincwadi ngamasenti angu-85 iyinye, okuyinani labamemezeli. Amaphayona avamile nakhethekile aba sohlwini ngaphambi kukaJuly 1, 1992 angathola eyodwa mahhala futhi athole ezinye ngamasenti angu-55 iyinye. Amabandla angenayo iakhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti kuakhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kufanele amakhophi anikezwe amaphayona mahhala aboniswe ngokwehlukile efomini Lemali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Sikhuthaza wonke amalungu omkhaya ukuba abe nawawo amakhophi alezizincwajana. Kufanele zi-odwe ngebandla.
◼ Siphinda isaziso esakhishwa kuNkonzo Yethu YoMbuso eminyakeni eminingi edlule. Kwenziwa ushintsho oluthile encwadini Ungaphila Phakade. Uma unencwadi eyanyatheliswa ngaphambi kuka-1990 siza uphawule lokhu okulandelayo: Kunoshintsho lomqondo ophathelene nabantu baseSodoma okuxoxwa ngawo emakhasini 178-80. Lolushintsho lwavela encwadini Umvuthwandaba WesAmbulo, ikhasi 273, nakuNqabayokulinda kaJune 1, 1988, amakhasi 30-1. Uma usasebenzisa uhlelo oludala, siza uphawule lolushintsho encwadini yakho ukuze uqikelele ukuthi udlulisela ukwaziswa okuqondile kubantu ofunda nabo iBhayibheli.
◼ IBethel inesidingo esiphuthumayo somakhenikha bezimoto ezihamba ngowoyela kanye nodiesel. Noma imuphi umzalwane ongazenza atholakale kufanele athintane neNhlangano ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Ikhasethi Levideo Entsha Etholakalayo:
NgesiNgisi: Purple Triangles (Indaba yomkhaya wakwaKusserow, okuhlangenwe nakho kwawo kwaphuma kuNqabayokulinda kaSeptember 1, 1985. Yenziwa isiteshi sethelevishini saseBrithani futhi iWatchtower Society iye yawathenga amalungelo okuba iyisakaze. Ibandla neningi: R40,00; amaphayona: R35,00.)