Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo
1 Sidinga isibusiso sikaNkulunkulu kukho konke esikwenzayo. Ukuhlakanipha kokuqaphela kwethu lokhu kuboniswe kahle kumaHubo 127:1: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.” Ngaleyondlela, kufanele siqiniseke ukuthi sibheka kuMdali kuwo wonke umsebenzi wethu.
2 Abanye Bayawuqaphela: Namuhla, labo abajwayelene nezindlela zokwakha kubahlaba umxhwele ngempela lokho oFakazi BakaJehova abakufezayo ekwakheni amaHholo oMbuso akhiwa ngokushesha. Ngokwesibonelo, kwenye indawo iphephandaba lendawo laphawula: “Kwakuwukuhlasela kwezisebenzi Zokuzithandela [Zo]Fakazi BakaJehova ezafikela ‘Umsebenzi Wokwakha IHholo LoMbuso’ elithatha izinsuku ezintathu, futhi lathatha izinsuku ezintathu ngempela. . . . Ngezinsuku ezintathu iKomiti Yokwakha AmaHholo OMbuso yayisikufezile eyayikuzele, kodwa lokho eyakufeza kuyohlala kukhunjulwa.”
3 Umfundisi ongumRoma Katolika waphawula ngokwakhiwa kweHholo LoMbuso eliseSoweto elakhiwa ngokushesha: “Angikaze ngiyibone into enjena. Abantu bazo zonke izinhlanga basebenza ndawonye. Abamhlophe bazokwakha endaweni yabansundu futhi bakhela abantu abansundu, bebeka ukuphila kwabo engozini ngoba abamhlophe bayahlaselwa emalokishini abansundu.”
4 Umbonisi wesifunda ubika ukuthi ngemva kwesonto kuqedwe iHholo LoMbuso elakhiwa ngokushesha enyakatho Ntilasifali, intokazi ethile yacela izincwadi koFakazi ababeyihambele. Esikhathini esidlule yayingabamukeli abamemezeli noma ithathe noma yiziphi izincwadi. Nokho, imizamo yobuhlakani neyobunye kulesakhiwo seHholo LoMbuso kwakuye kwamqinisekisa ukuthi laba bangabantu bakaNkulunkulu ngempela.
5 Kuyajabulisa ukubona ukuthi amakhulu ezisebenzi zokuzithandela aye azinikela ukuba asize kulemisebenzi yokwakha amaHholo oMbuso. Umoya ovumayo onjalo uyancomeka ngempela futhi uvumelana nenkulumo ekumaHubo 110:3: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo.” Kunjengoba isihloko esikhulu selinye iphephandaba sakubeka, “Izandla eziningi zenza umsebenzi ube lula.”
6 Yeka ukuthi kungokuhlangenwe nakho okukhumbuleka kanjani ukuba nengxenye emsebenzini onjalo! UFakazi othile waphawula: “Ngicabanga ukuthi lomsebenzi wokusebenza ndawonye wasenza sazizwa siwumkhaya, sazi ukuthi ngamunye wenze ingxenye yakhe. Ubunye nokuhleleka kwethu ngokuqinisekile kwafakazela ukuthi uJehova uyasisekela.” Ngemva kokusebenza emsebenzini wokwakha iHholo LoMbuso, umuntu othile wabhala, “Ngisafunda incwadi ethi Ubunye Ekukhulekeleni. Lomsebenzi wawuwukubonakaliswa okuphakeme kobunye obuchazwe kulencwadi. Azikho izimpikiswano. Akekho umuntu ongaba nokuhlangenwe nakho okunjalo abuye azizwe eyedwa. Umoya kaJehova ulapha!”
7 Elinye iphephandaba lavuma obala: “Impumelelo yoFakazi BakaJehova ‘ekwakheni ngokushesha’ izindawo zabo zokukhulekela ayitholakali kuphela ekubambisaneni, kodwa nasekuzinikeleni.”
8 Phakathi nokwakhiwa kweHholo LoMbuso eliyisitezi enkabeni yeGoli, isisebenzi esasisebenza ekhaya elingumakhelwane savakashela isiza. Sasinelukuluku lokufuna ukwazi ngawo wonke umsebenzi owawuqhubeka. Saphawula: “Nizakhela indawo yenu siqu yokukhulekela . . . kuyilapho abantu basesontweni lethu bengezi nakuza esontweni. Lokhu kuyathakazelisa ngempela. Nginenqwaba yezincwadi zenu engihlale ngizithenga njengoba zingezenjongo enhle, kodwa angikaze ngizifunde. Manje ngingathanda ukuzifunda futhi ngithole okwengeziwe ngesigijimi senu. Eqinisweni ngingathanda ukufika ngizobona indlela enikhulekela ngayo.”
9 Ukuklama Nokuthola Iziza ZamaHholo OMbuso: Ukuze izimali ezinikelwe zisetshenziswe ngokuhlakanipha, kufanele kucatshangelwe ngokucophelela ukuklama iHholo LoMbuso nokuthola isiza. Izakhiwo kufanele zibe nesizotha. Incwadi ethi Ukuhlelelwa ekhasini 61 igcizelela ukuthi “IHholo LoMbuso, njengendawo yokukhulekela, akumelwe libe yisakhiwo esikhanga ngokweqile esiklanyelwe ukubukisa kwabanye. . . . Injongo yalo iwukusetshenziswa. (Qhathanisa nezEnzo 17:24.) Kumelwe libe yindawo enethezekile nefanelekile ukuba kuqhutshwe imihlangano yobuKristu esisiza ukuba sikhule ngokomoya nokuba sifunde ngoJehova, nesikhuthaza ukuba sihlanganyele enkonzweni yakhe yoMbuso.” Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ngokuvamile iHholo LoMbuso libakhonza kahle kakhulu abamemezeli lapho lisendaweni eseduze ngangokunokwenzeka nalapho behlala khona.
10 Ngokuvamile kuyatuseka ukuba namaHholo oMbuso amabili ahlukene asezindaweni ezihlukene kunokuba neHholo LoMbuso eliyisitezi. Ngalinye lalawa lingangenisa amabandla amabili noma ngaphezulu uma indawo yawo ikhethwe ngokuhlakanipha. Nokho, kwezinye izimo amaHholo oMbuso amabili aye akhiwa esizeni esifanayo. Izindleko eziphakeme noma ukungatholakali kwesiza kuye kwenza lokhu kwadingeka.
11 Izici eziningana kufanele zicatshangelwe ngosizo lweKomiti Yokwakha Yesifunda ngaphambi kokuba kwenziwe isinqumo ngesiza: Ingabe isiza siphakathi nendawo ensimini yebandla? Ingabe ubukhulu besiza buye bacatshangelwa ngokunakekela? Uma sisikhulu kakhulu, ibandla elincane liyokuthola kunzima ukusilondoloza. Uma isiza sisincane kakhulu sinezinkinga. Ingabe ikhona indawo yokulinweba uma ihholo liba lincane kakhulu? Ingabe iyoba khona indawo eyanele yokupaka, ngisho noma okwamanje bengebaningi abantu abanezimoto ebandleni? Ingabe isiza sidinga ukuthuthukiswa kokuqala okubizayo ngenxa yokuthi indawo iyehlela, inenqwaba enkulu yobumba noma amatshe amakhulu? Lezi nezinye izici zidinga ukucatshangelwa zisuka nje.
12 Lokho Okuye Kwafezwa: Kusukela ISikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso samiswa eminyakeni emithathu edlule, izimali ziye zenziwa zatholakala ukuba zisize ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso angu-16 emazweni angaphansi kokunakekela kwaleligatsha. LamaHholo oMbuso asetshenziswa amabandla angu-18. Yeka ukubonakaliswa okuvelele kothando lobuKristu! Unyaka ngamunye cishe kwakhiwa amaHholo oMbuso amasha angu-20, futhi amanye amaHholo oMbuso akhona akhiwa kabusha. Izinkulungwane zabazalwane nodade zizinikela ngothando ukuba zisize amabandla emisebenzini yawo yokwakha amaHholo oMbuso. (Fil. 2:4) Eziningi zalezisebenzi zokuzithandela ziyasiza futhi emsebenzini womhlangano wesigodi nowesifunda, futhi ezinye zikhonza emaKomitini AmaHholo OMhlangano.
13 Labo abakhonza emaKomitini Okwakha Esifunda ngokuqinisekile badinga ukutuswa ngenxa yomoya wabo wokuphana novumayo ekusizeni ukuba kuhlangatshezwane nezidingo ezinkulu zokwakha ezisenhlanganweni kaJehova eyandayo. “Umoya wabo wokuzidela usithinta sonke,” kubika enye ikomiti yokwakha yendawo, “kodwa ilungiselelo likaJehova lothando lokuqondisa okunekhono nelabaholayo abenza izinqumo alenze ngokumisa iKomiti Yokwakha Yesifunda liye laba elingenakulinganiswa. Njengekomiti yendawo, singathanda ukuzwakalisa ukubonga kwethu okusuka enhliziyweni eNhlanganweni ngokwenza lelilungiselelo. Ngaphandle kwalelilungiselelo nosizo lomoya ongcwele kaJehova, lomsebenzi ubungeke uphumelele.” Ibandla laseNanda South eduze kwaseThekwini lasho lokhu okulandelayo encwadini yokubonga: “IKomiti Yokwakha Yesifunda yenza umsebenzi ophawulekayo sonke esiziqhenyayo ngawo.” Abaningi ngokwengeziwe bazizwa ngendlela efanayo.
14 Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe: Njengoba emabandleni kunokwanda okuqhubekayo, kunesidingo samaHholo oMbuso engeziwe. Kudingeka izimali ezengeziwe nezisebenzi ukuze kuhlangatshezwane nalesidingo. Kusenesidingo esiphuthumayo samanye amaHholo oMbuso okungenani angu-170 eNingizimu Afrika, angu-14 eLesotho, angu-13 eSwazini, amabili eNamibia, nayisikhombisa eBotswana. Lenkinga iye yanezelwa ukumiswa kwamabandla amasha angu-32 phakathi nonyaka odlule. Kunesidingo esikhethekile eLesotho sokwengamela okunekhono ukuze kuqedwe imisebenzi eminingana eqhubekayo. Labazalwane abanayo iKomiti Yokwakha Yesifunda futhi izimali zilinganiselwe kakhulu. ISwaziland neBotswana ayaludinga futhi usizo. Kungenzeka ukuthi abazalwane abanekhono abanokuhlangenwe nakho kokwakha nokokuhlela izinto basesimweni sokusabela kulolubizo oludinga usizo. Sizani nithintane neNhlangano uma ningakwazi ukusiza.
15 Nakuba abazalwane abaningi nodade beqhubeka besiza ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso, benikela ngokukhululeka ngesikhathi sabo nomzamo, kunesidingo sosizo olwengeziwe njengoba nje kunesidingo sezisebenzi ezengeziwe ensimini yokuvuna. (Math. 9:37, 38) Amakomiti ezifunda amaningi abika ukuthi ukuba nezisebenzi zokuzithandela ezengeziwe ezitholakalela imisebenzi yamaHholo oMbuso kuyokwenza ukuba ube lula umthwalo walabo abebethwele lomthwalo wemfanelo iminyaka eminingi.—Isaya 6:8; Gal. 6:2.
16 Abazalwane abafaka isicelo salomkhakha wenkonzo engokwasezulwini kufanele baqaphele ukuba bafeze izibopho zabo. (Math. 5:37; Kol. 3:23, 24) Ababonisi beminyango bathintana ngokuqondile nezisebenzi zokuzithandela ukuze bazazise ukuthi kufanele zibe khona nini esizeni sokwakha. Amalungiselelo enziwa ngokwenani elishiwo lezisebenzi zokuzithandela ezizotholakala. Ngakho, kubalulekile ukuba zonke zifike njengokuvunyelwene ngakho, njengoba umnyango ngamunye udinga ukunakekela umsebenzi wawo ngesikhathi esimisiwe ukuze eminye iminyango ikwazi ukwenza imisebenzi yayo ngesikhathi. Ukuhlela umsebenzi ngalendlela kwenza kube nokwenzeka ngezisebenzi ukuba ziphindele emikhayeni yazo nasemabandleni akuzo ngokushesha lapho ingxenye yazo yomsebenzi isiphelile.
17 IKomiti Yokwakha Yesifunda ngayinye ihlela izisebenzi endaweni yayo eyabelwe. Lokhu kusebenza kahle, ngoba abazalwane abanomthwalo wemfanelo bayaqaphela ukuba bahlele izisebenzi ngendlela yokuba zingasindwa noma zisetshenziswe ngokweqile. Ngesizathu esifanayo ikomiti yesifunda iyozinakekela kuqala izakhiwo ezakhiwa ngokushesha. AmaKomiti Okwakha amabandla adinga imvume yekomiti yesifunda ngaphambi kokucela usizo lweZisebenzi Zokwakha AmaHholo OMbuso ezisohlwini. Izisebenzi azicelwa ukuba zisize endaweni yenye ikomiti ngaphandle kwalapho kunelungiselelo elikhethekile elenziwe yiNhlangano nalapho kunesicelo esivela ekomitini yesifunda esathwele kanzima okwesikhashana. Uma enye ikomiti yesifunda eseduze inomthwalo olula ngalesosikhathi, iNhlangano ingase iyicele ukuba isize.
18 Labo Abafanelekayo: Noma nini lapho kuqaliswa umsebenzi wokwakha iHholo LoMbuso, izisebenzi zokuzithandela ezivela ebandleni noma emabandleni azosebenzisa lesakhiwo esisha noma esivuselelwa kabusha nezivela emabandleni aseduze yizona ezenza wonke umsebenzi ongadingi ubuciko. Ezinye zalezi ziyaqeqeshwa futhi kamuva ziyafaneleka njengezisebenzi ezinokuhlangenwe nakho noma ngisho nezinekhono ukuze zikwazi ukuthumela iKingdom Hall Construction Worker Questionnaire.
19 Labo ngokukhethekile abadingwa yiKomiti Yokwakha Yesifunda inyanga ngayinye yilabo abanokuhlangenwe nakho emisebenzini yokwakha futhi abazinikela ngokuzithandela ukuba basize esakhiweni esidingekayo seHholo LoMbuso. Laba kumelwe babe nokuma okuhle ebandleni futhi bavunyelwe yindikimba yabadala yebandla. Uma ukulomkhakha, ingabe ungahlela izimo zakho ukuze usize kulesici senkonzo kaJehova? (Neh. 4:6) Uma kunjalo, zitholele iKingdom Hall Construction Worker Questionnaire kumbonisi owengamele noma unobhala ebandleni lakini futhi uyithumele ngokushesha.
20 Ngaphezu kwalokho, kunabazalwane abavuthiwe ngokomoya abakhonza njengabadala nezinceku ezikhonzayo futhi abanekhono lokwengamela. Nakuba okuhlangenwe nakho kwabo kwezokwakha kungase kube okulinganiselwe, nalaba futhi bangawathumela amafomu. Abaningi abakulomkhakha basiza eminyangweni engeyona eyokwakha enjengeyokuqondisa izimoto, inkonzo yezokudla, ukugada, ukunakekela izinto zokusebenza, ukuphepha, ukuhlela, ukuthenga, ukugcina amabhuku ezimali, nosizo lokuqala. Abanye futhi bayaqeqeshwa ukuze basetshenziswe kakhulu esikhathini esizayo. Abadala nezinceku ezikhonzayo bayakhuthazwa ukuba bakucabangele ngokungathi sína ukuthi ngeke yini bazenze batholakalele lomsebenzi oletha udumo kuBaba wethu, uJehova.—Qhathanisa no-1 Samuweli 3:8; Mathewu 4:20.
21 Sonke Singaba Nengxenye: Sonke singabonisa umoya omuhle kulomsebenzi obalulekile ngokuthi singayekethisi ebandleni lapho abanye besebenza esakhiweni seHholo LoMbuso isikhathi esiyingxenye yempela-sonto. Ngokuqinisekile akekho kithina ongafuna ukuba ngandlela-thile adikibalise lezisebenzi zokuzithandela ngokusikisela ukuthi imisebenzi yazo yothando ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso ayiyona inkonzo engcwele. (IzAga 24:10; Heb. 6:10) Yebo, ukulinganisela kuyadingeka, futhi yingakho amaKomiti Okwakha Ezifunda ecophelela lapho enza izimiso zemisebenzi ukuze izisebenzi zokuzithandela zingaphuthi ngokungadingekile emabandleni akuzo.
22 Ngisho noma izimo zingase zingasivumeli ukuba sisebenze ngokuzithandela ngokuphathelene nomsebenzi wokwakha ngokwawo, kunesici esisodwa esibalulekile salendaba sonke esingahlanganyela kuso. Siyini leso? Ukudumisa uJehova ‘ngempahla yethu.’ (IzAga 3:9) Singaqiniseka ngokuthi uJehova ujabula kakhulu lapho sinikeza usizo lothando olungokwezimali ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso engeziwe. Iminikelo yazinyanga zonke yeSikhwama SeNhlangano Sokwakha AmaHholo OMbuso evela emabandleni angaphezu kuka-500, nevela ezifundeni nakubantu ngabanye ngokufanayo, yaziswa kakhulu. Sifisa ukunikhuthaza nonke ukuba niqhubeke nalokusekela okuhle njengoba amabandla amaningi ngokwengeziwe efaka izicelo zemali ebolekiswayo yamaHholo oMbuso. (IzE. 20:35; 2 Kor. 9:6, 7; 2 Kor. 8:7) Enye indlela esingase sikwazi ngayo ukusiza amabandla ampofu ingezinto zokwakha. Kungenzeka ukuthi unezinto zokwakha ezintsha, ezingasetshenzisiwe. Kuthiwani ngezinto ezinhle ezingamasekeni? Ezinyangeni zamuva amaqembu amasha asezindaweni zemijondolo eduze neGoli naseKapa alungiselelwa ngothando izindawo zokuhlangana kusetshenziswa izinto kanye namathuluzi okunikeliwe. IKomiti Yokwakha Yesifunda endaweni yakini iyokujabulela ukulanda izinto ezinjalo. Zizwe ukhululekile ukuthintana nombonisi wenu wesifunda noma iNhlangano uma ungazi ukuthi ungathintana kanjani nekomiti yesifunda.
23 Izinzuzo Ezifinyelela Kude: Njengoba amaKomiti Okwakha Ezifunda enikezwa iziqondiso ezivela eNhlanganweni nokuqeqesha okwengeziwe, amabandla akhayo noma avuselela kabusha amaHholo oMbuso angazuza ngokufuna iseluleko kulamakomiti. Abadala bayobe benza ngokuhlakanipha uma bethintana neKomiti Yokwakha Yesifunda ngaphambi kokuthenga indawo bese besebenzelana ngokuseduze nalabazalwane abanokuhlangenwe nakho uze uphele wonke umsebenzi.—IzAga 15:22.
24 Ngempela, uJehova uyasisiza kakhulu ukuba sakhe izindlu eziningi zokukhulekela kube udumo kuye. Abazalwane nodade bashukunyiswa uthando lokuzidela. Lolu yilona kanye uhlobo lothando uJesu athi lwaluyobaphawula ngokusobala abalandeli bakhe abaqotho. (Joh. 13:34, 35) Njengoba uJesu abeka izithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe, nabo benza njalo.
25 Yebo, labo abahlanganyela ekwakhiweni kwezakhiwo zokukhulekela uJehova bathola iHubo 127:1 liyiqiniso. Nakuba izisebenzi ezinamakhono zinikela ngokuzithandela isikhathi sazo nomzamo ukuze kwakhiwe ngokushesha amaHholo oMbuso amahle, isibusiso sikaJehova esiqinisekisa impumelelo. Kwangathi sonke singaqhubeka sinikela ngokungagodli isikhathi sethu ‘nempahla yethu’ njengoba sibheka kuJehova ukuba abusise imizamo yethu.—IzAga 3:9.
[Isithombe ekhasini 3]
Diepkloof, Soweto—Lakhiwa ngezinsuku ezine
[Izithombe ekhasini 4]
Usuku lokunikezela—Isakhiwo esiyisitezi esinohlaka olwakhiwe ngamapulangwe, eHillbrow, eGoli
[Isithombe ekhasini 5]
INanda South, eThekwini
[Isithombe ekhasini 6]
Lindizwe, kwaNongoma, KwaZulu