Ukwakhiwa KwamaHholo OMbuso ENingizimu Afrika Nasemazweni Angomakhelwane
1 Lapho sibheka ensimini yomhlaba wonke, kuyajabulisa ukubona ukwanda okukhulu okwenzekayo enhlanganweni kaJehova yasemhlabeni. Ngonyaka odlule, eNingizimu Afrika kuphela, kwamiswa amabandla amasha angu-37, kuyilapho kwenezelwa amabandla angu-3288 emhlabeni wonke. Njengoba kunalokhu kwanda, akumangalisi ukuthi kunesidingo samaHholo OMbuso engeziwe.
2 Abazalwane nodade abaningi babonisa intshiseko eyingqayizivele nokusekela inhlangano kaJehova ngokunikela ngokuzithandela ngesikhathi nangempahla yabo ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso. AmaKomiti Okwakha Esifunda angu-23 eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane anakekela izidingo zamabandla asezifundeni abelwe zona. Unyaka ngamunye, cishe kwakhiwa amaHholo OMbuso amasha angu-24 futhi amaningi ayavuselelwa. Kusukela ngo-1985, kuye kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-306. Amakomiti esifunda aye aphathiswa ukuba engamele lomsebenzi, futhi siyakwazisa ukuzikhandla kwawo. Lonke leli lungiselelo lokwakha amaHholo OMbuso liphumelela ngenxa yomoya wobuKristu wokupha nokuzidela—umoya ohlukile koboniswa ezweni.—2 Thim. 3:2, 4.
3 Ukuze isize ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso ngendlela efanayo, iNhlangano iye yalungiselela amakomiti esifunda incwajana enamapulani nemiklamo yamaHholo OMbuso ye-CAD (Computer Aided Design/Drafting). Lokhu kuzosiza ekongeni isikhathi nezindleko ezisebenzini zokuzithandela. Kuzokwenza nokuba iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso sisetshenziswe ngokuhlakanipha. Abadala manje bangakwazi ukukhetha kulemiklamo eyisisekelo. Ngemva kokuthola leli thuluzi elisha, enye iKomiti Yokwakha Yesifunda yase-United States yathi: “Sakujabulela ngempela ukuthola le-disc kanye nencwajana enamapulani. . . . Abafowethu abanolwazi lokudweba amapulani nobunjiniyela baye balinganisela ukuthi kongiwa isikhathi esingamaphesenti angu-50 kuya kwangu-60 ngokusebenzisa lamapulani amasha. Ukuba [ne-disc kanye] nalencwajana kuzosisiza futhi ukuba sakhe amaHholo OMbuso ngendlela efanayo.” Lapho amabandla ebambisana ekusekeleni ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso ngendlela efanayo, sinethemba lokuthi uzoncishiswa kakhulu umthwalo wabadwebi bamapulani abaningi abazinikezele, onjiniyela kanye nezinkontileka eziyaye zisisize ngokuzithandela.
4 Izisebenzi Zokuzithandela Zisekela Umsebenzi Omuhle: INhlangano iyazibonga zonke izisebenzi zokuzithandela ezisizayo ekwakheni amaHholo OMbuso. Kuyajabulisa ngempela ukubona izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela zizinikela kuyo yonke imisebenzi yokwakha amaHholo OMbuso. Lesi simiso siyaphumelela ngenxa yomoya onjalo wokuzinikela, wokupha nowokubambisana oboniswa izisebenzi zokuzithandela, ezidela isikhathi sazo ebesingasetshenziswa kahle emabandleni nasemikhayeni yazo. (IHu. 110:3; Kol. 3:23) Lokhu kusabela kothando kuzenza zikufanelekele ukutuswa, ukwaziswa nokusekelwa ngokugcwele.—Roma 12:10; Heb. 13:1.
5 Bonke abakufanelekelayo ukusiza amaKomiti Okwakha Esifunda njalo, baye bacelwa ukuba bagcwalise amafomu e-Kingdom Hall Construction Worker Questionnaire (S-82). Lamafomu athunyelwa yibandla ekomitini yesifunda, anemininingwane echaza ngamakhono esisebenzi nanokuthi singatholakala nini. Uma isimo saleso sisebenzi sesishintshile, njengalapho sithutha noma simiswa njengenceku ekhonzayo noma umdala, kufanele kugcwaliswe amafomu amasha ngokushesha abese enikezwa unobhala webandla. Uma leso sisebenzi singasafaneleki, abadala kufanele ngokushesha bazise ikomiti yesifunda ngokuyibhalela incwadi. Uma kudingeka amafomu engeziwe, angase acelwe ngefomu lazinyanga zonke le-Literature Order. Umbonisi wesifunda naye unesithakazelo kulabo abaye bazinikela ngokuzithandela kulomkhakha wenkonzo engcwele. Khona-ke, isikhathi ngasinye ehambele ibandla, uhlola ifayili enamakhophi ezicelo zokuba isisebenzi sokwakha amaHholo OMbuso.
6 Ukugcina Izindleko Zokwakha Ziphansi: AmaKomiti Okwakha Esifunda aye aqondiswa ukuba ahlele umnyango wokuthenga ozoba ngaphansi kokuqondisa komdala onekhono. Abazalwane abasebenza kulomnyango bafuna ngenkuthalo izinto ezishibhile ngokuqhathanisa izitolo namanani. Ngalendlela, kungase kunqunywe ukuthi kuthengwaphi nanokuthi kuthengwani. Ngezinye izikhathi, lapho kusetshenzwa esakhiweni seHholo LoMbuso, kuyaye kucelwe abazalwane abafanelekayo ebandleni lendawo ukuba bazosiza kulomnyango.
7 Ukuze kuqikelelwe ukuthi izimali ziyongiwa, iKomiti Yokwakha Yesifunda kufanele kube iyona egunyaza zonke izindleko ezikhokhelwa ngesikhwama sokwakha, ngokuba nayo isayine amasheke noma isayine ama-voucher. Noma nini lapho ukwakhiwa kweHholo LoMbuso, kungakhathaliseki ukuthi lisha noma liyavuselelwa, kuhilela ukusetshenziswa kwezisebenzi zokuzithandela ezivela kwamanye amabandla ngaphandle kwalezo ezizohlanganyela kulelo hholo, ikomiti yesifunda iyona eyengamela lowo msebenzi.
8 Noma ubani oqashwayo (njenge-subcontractor) ukuba azokwenza umsebenzi othile eHholo LoMbuso kufanele aveze ubufakazi bokuthi unawo umshuwalense wezisebenzi wokubhekela noma iyiphi ingozi engase yenzeke kuye, kwabanye abantu noma esakhiweni, nebandla kufanele lifakwe kulowo mshuwalense, kugcwaliswe nefomu elingokomthetho i-waivers of lien. Lokhu akusebenzi ezisebenzini zokuzithandela ezisiza phakathi nomsebenzi wokwakha.
9 Ukusiza Amanye Amazwe Anesidingo: Kunezikhathi lapho amazwe angomakhelwane edinga khona usizo lwamakomiti esifunda. Ngokuvamile lolo sizo luyaye ludingeke ukuze kuqeqeshwe amaKomiti Okwakha Esifunda alelozwe. Kusuke kuwukubonakaliswa kothando ngempela lapho abafowethu abaqotho bakuleli lizwe bezimisela ukuhamba ngemali yabo ukuze basize kwelinye izwe. Lapho isicelo selinye izwe samukelwa, iNhlangano ikhetha ikomiti yesifunda okungenzeka ukuthi ayixiniwe umsebenzi wokwakha amaHholo OMbuso esifundeni sayo ukuba iyosiza lelozwe. Lokhu kwenza kube nokuhleleka.
10 Ngenxa yesidingo esikhula njalo samaHholo OMbuso kwamanye amazwe, kunesidingo sokuba izimali ezikhona zisetshenziswe ngokukhulu ukuhlakanipha. Khona-ke amabandla kanye namakomiti esifunda aye akhuthazwa ukuba onge kakhulu ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso amasha nasekulungiseni lawo akhona. Kuye kwabanjiswana kahle kulesi sicelo. Iminikelo evela emazweni acebile kuyaye kubolekiswe ngayo kulawo mabandla asemazweni anesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso engeziwe kodwa anemali elinganiselwe nezinkinga ezinkulu ezingokomnotho.
11 Isidingo samaHholo OMbuso engeziwe emazweni athile sigcizelelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-1997. Ngokwesibonelo, kukhulunywa nge-Ukraine, lapho sekwakhiwe khona amaHholo OMbuso angu-47 kuze kube manje futhi kusaqhutshekwa nokwakhiwa kwamanye angu-56. Sisobala isidingo kulawo mazwe. Umbiko uthi: “Kudingeka amaHholo OMbuso engeziwe eRussia. Ukwanda kwenani loFakazi lapha kushesha kakhulu, kodwa cishe amaphesenti angu-85 amabandla angaphansi kwegatsha laseRussia awanazo izindawo okungezawo zokuhlanganyela. EZimbabwe, lapho kunamabandla angaphezu kuka-800, kuye kwadingeka amaningi ahlanganyele esigangeni. Lokhu kuye kwenza abasanda kuthakazela bangabi khona.” Kunesimo esifanayo nakwamanye amazwe eMpumalanga Yurophu, e-Afrika naseLatin America. Emabandleni angu-1450 asensimini yethu, cishe angu-400 anamaHholo OMbuso anikezelwe kanti kunamanye angu-140 nawo asebenzisa wona lamahholo. Nakuba kunjalo, lokho kusashiya amabandla amakhulu angu-300 adinga amaHholo OMbuso ngokuphuthumayo.
12 Nakuba kulezi zinsuku zokugcina uthando lwabaningi esintwini luye lwaphola, abantu bakaNkulunkulu bayaqhubeka bebonisa ubufakazi bothando lwabo ngomunye nomunye, uthando olweqela ngalé kwemingcele yobandlululo namazwe. (Math. 24:12) Silingisa uBaba wethu wasezulwini, kwangathi singaqhubeka sibonisa uthando olunjalo ngokuzimisela kwethu ukusekela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso, eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Ukwenza kwethu kanjalo kuyosilethela isibusiso esicebile sikaJehova nomusa wakhe.—Mal. 3:10; Heb. 6:10.