Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/98 kk. 3-4
  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qunga Isibindi Sokwenza Izimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ingabe Uyazenza Izimpindelo Zakho?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Qikelela Ukuba Uphindele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 4/98 kk. 3-4

Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe

1 UJehova uNkulunkulu ubusisa inhlangano yakhe yasemhlabeni ngokwanda okuqhubekayo. Ngonyaka wenkonzo odlule, kwabhapathizwa abangu-375 923 emhlabeni wonke—isilinganiso sabafundi abasha abangaphezu kuka-1000 usuku ngalunye, noma cishe abangu-43 ihora ngalinye! Naphezu kobunzima okungenzeka abafowethu baye babhekana nabo amashumi eminyaka ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, umsebenzi woMbuso uyachuma futhi kunokwanda okuyingqayizivele. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukufunda ngentuthuko eyenzekayo ekusakazeni izindaba ezinhle!

2 Ngonyaka wenkonzo odlule nalapha egatsheni laseNingizimu Afrika kwaba khona ukwanda engqikithini yabamemezeli namaphayona asizayo, amahora asetshenziswa ekushumayeleni, namanani ezincwajana, izincwajana ezingangomagazini nomagazini abahanjiswa. Landa nenani lababhapathizwa kanye nenani eliphakeme lababekhona eSikhumbuzweni. Kuthiwani ngezimpindelo nomsebenzi wezifundo zeBhayibheli? Sajabulela ukwanda okuthile. Kodwa-ke, lezi zici zenkonzo yizona kanye ezibalulekile ekwenzeni abafundi. Yini ngamunye wethu angayenza ukuze sandise ingxenye yethu ezimpindelweni nasezifundweni zeBhayibheli?

3 Khulisa Isifiso Sokuqhuba Isifundo: Thina ngokwethu kufanele sigxile ekubeni ngabaqinile nabakhuthele ngokomoya. Abalandeli bakaKristu beqiniso ‘bashisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Lapho sibukeza inkonzo yethu, singasho yini ukuthi siyakushisekela ukuphindela kubo bonke esibashiyele izincwadi ensimini? Ingabe siyakushisekela ukusikisela izifundo zeBhayibheli zasekhaya kubo bonke ababonisa isithakazelo? (Roma 12:11) Noma ingabe kufanele sihlakulele isithakazelo esikhulu sokwenza izimpindelo nokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya?

4 Ukufunda iBhayibheli, ukuba khona njalo emihlanganweni nokutadisha izincwadi kuyosigcina siphilile ngokomoya futhi kusiqinise ngomoya kaNkulunkulu. (Efe. 3:16-19) Lokhu kuyoqinisa ukholo nokuthembela kwethu kuJehova kanye nothando lwethu ngomakhelwane. Siyoshukumiseleka ukuba sifundise othile iqiniso, ngaleyo ndlela senze inkonzo yethu ithakazelise, iphumelele futhi isishukumisele esenzweni. Yebo, kufanele sifune izifundo zeBhayibheli ezengeziwe!

5 Funda Nomkhaya Kuqala: Abazali abangamaKristu abanezingane ezihlala ekhaya kufanele basikhathalele isimiso sabo sesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke. (Dut. 31:12; IHu. 148:12, 13; IzAga 22:6) Bekungaba yinzuzo kakhulu ngabazali ukufunda nezingane zabo incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? nencwadi ethi Ulwazi ukuze babalungiselele ukuba bafaneleke njengabamemezeli abangabhapathiziwe bese bezinikezela futhi babhapathizwe. Yiqiniso, kungase kufundwe nokunye ukwaziswa, kuye ngesidingo nobudala bengane. Umzali ofunda nengane engabhapathiziwe angase asibale isifundo, isikhathi kanye nempindelo, njengoba kuchazwe eBhokisini Lemibuzo elikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1987.

6 Thuthukisa Ukuhleleka Komuntu Siqu: Uma kubhekwa inani lomagazini, izincwajana ezingangomagazini kanye nezincwadi ezihanjiswayo, akungabazeki ukuthi iningi imbewu esakazwayo. Le mbewu yeqiniso etshaliwe kunamathuba amahle okuba iveze abafundi abasha. Kodwa ingabe umlimi ubenganeliseka ngempela uma ubengaqhubeka nje etshala, futhi ngemva kwayo yonke imizamo yakhe, angabi nesikhathi sokuvuna? Lutho. Ngokufanayo-ke, iyadingeka inkonzo yokulandelela.

7 Ingabe njalo uyasihlela isikhathi sokwenza izimpindelo? Phindela ngokushesha kubo bonke abantu abanesithakazelo obatholile. Yenza izimpindelo unomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli. Ingabe ugcina umbhalo ohlanzekile, wasikhathi sonke, nohlelekile wezimpindelo zakho? Bhala igama nekheli lomninikhaya, bese uqikelela ukuba ubhale usuku okwenziwe ngalo ukuhambela kokuqala, okuhambisile, incazelo emfushane yalokho enixoxe ngakho kanye nephuzu eningase nixoxe ngalo ekuhambeleni okulandelayo. Shiya isikhala lapho ubhale khona ukuze ubhale okuthile isikhathi ngasinye lapho uphindela.

8 Hlaziya Indlela Yokwenza Impindelo: Yimaphi amanye amaphuzu okufanele uwakhumbule lapho uphindela kumuntu onesithakazelo? (1) Yiba nomusa nobungane, ushiseke futhi ukhululeke. (2) Xoxani ngezihloko noma imibuzo anesithakazelo kuyo. (3) Gcina ingxoxo ilula futhi ingokomBhalo. (4) Ekuhambeleni ngakunye, zama ukufundisa umninikhaya okuthile azokubheka njengokuyinzuzo kuye. (5) Menze alangazelele isihloko okuzoxoxwa ngaso ekuhambeleni okulandelayo. (6) Ungahlali isikhathi eside. (7) Ungabuzi umninikhaya imibuzo emenza abe namahloni noma emhlazisayo. (8) Sebenzisa ukuhlakanipha ukuze ungagxeki imiqondo eyiphutha noma imikhuba emibi yomninikhaya ungakakwakhi ukwazisa kwakhe ngezinto ezingokomoya.—Bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1997 ukuze uthole usizo olwengeziwe ngokuphathelene nendlela ongaphumelela ngayo ekwenzeni izimpindelo nasekuqaleni izifundo zeBhayibheli.

9 Funa Zonke Izindlela Ezingase Zisetshenziswe: Elinye ibandla lakwazi ukuthola amagama nezinombolo zamafulethi abo bonke abantu abahlala esakhiweni sokuhlala okungangeneki kuso. Kwabhalelwa umuntu ngamunye ohlala kuleso sakhiwo, kwafakwa amapheshana amabili encwadini. Esiphethweni sencwadi kwasikiselwa isifundo seBhayibheli sasekhaya kwase kufakwa nenombolo yocingo lowo muntu angase ashayele kuyo. Kungakapheli zinsuku, insizwa ethile yashaya ucingo icela isifundo seBhayibheli. Ngosuku olulandelayo kwenziwa impindelo, futhi kwaqalwa isifundo ngencwadi Ulwazi. Ngabo lobo busuku yaba khona eSifundweni Sencwadi Sebandla, futhi yaqhubeka iba khona kuyo yonke imihlangano. Ngokushesha ngemva kwalokho, yaqala ukufunda iBhayibheli nsuku zonke futhi yaqhubeka ithuthuka yaze yabhapathizwa.

10 Abamemezeli kwelinye iqembu elalihamba ngemoto bahlela ukuba benze izimpindelo ndawonye. Lapho udade othile eya kwenye yezimpindelo zakhe, umuntu ayemfuna wayengekho, kodwa umnyango wavulwa omunye wesifazane osemusha, owathi: “Bengilokhu ngikulindile.” Lo mninikhaya wayethole incwadi Ulwazi komunye ajwayelene naye. Lapho lo dade efika, wayeseyifunde kabili le ncwadi futhi kwakumhlabe umxhwele ngempela ekuqukethe. Wathi kwakungammangazi ukubona oFakazi befika emzini wakhe ngalolo suku ngoba wayelokhu ethandazela ukuba bafike bazotadisha naye iBhayibheli. Kwaqalwa isifundo, waqala ukuba khona emihlanganweni yebandla, futhi wathuthuka ngokushesha.

11 Udade othile osekuphele cishe iminyaka engu-25 abhapathizwa, muva nje unike unina incwadi Ulwazi. Unina oyilungu lesonto, waqala ukuyifunda. Ngemva kokufunda izahluko ezimbili, wabiza indodakazi yakhe, futhi okwayimangaza ukuthi wathi: “Ngifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova!” Unina waqala ukufunda futhi manje usebhapathiziwe.

12 Zama Lokhu Kusikisela: Wake wayisebenzisa yini indlela eqondile yokuqala izifundo? Ungase nje uthi: “Uma ungathanda ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, ngingakubonisa nje ngemizuzu embalwa ukuthi kwenziwa kanjani. Uma ukujabulela, ungaqhubeka.” Abantu abaningi abanqikazi ukwamukela lokho futhi babone indlela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa ngayo.

13 Zisuka nje, bonisa umfundi indlela yokulungiselela kusengaphambili ngokufunda imibhalo ekhonjiwe nokudwebela amagama ayisihluthulelo empendulo yemibuzo esencwadini. Gxila emaphuzwini ayinhloko kuphela. Nakuba kungase kudingeke sivumelane nezimo ezikhathini zokuqala zesifundo, kubalulekile ukuba isifundo siqhutshwe njalo ngesikhathi esimisiwe. Cabanga ngokuthi uzoyethula kanjani indaba yomthandazo njengengxenye ebalulekile yesifundo nokuthi uzomsiza kanjani umfundi ngemiBhalo ukuba alungele ukuphikiswa. Zama ngawo wonke amandla ukuba isifundo siphile!

14 Yiqiniso, akubona bonke abafundi beBhayibheli abathuthuka ngendlela efanayo. Abanye abathambekele ezintweni ezingokomoya njengabanye futhi abazibambi ngokushesha izinto abazifundiswayo. Abanye bamatasa kakhulu futhi kungenzeka bangabi naso isikhathi esidingekayo sokuhlanganisa isahluko sonke isonto ngalinye. Ngakho, kwezinye izimo kungase kudingeke ukuba ezinye izahluko nizifunde ngaphezu kwesikhathi esisodwa futhi kuthathe izinyanga ezengeziwe ukuqeda incwadi. Ngezinye izikhathi singase sifunde incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kuqala bese sidlulela encwadini Ulwazi. Lokhu kanye nokuba khona kwabo emihlanganweni yebandla, kuyosiza umfundi ngamunye ukuba abe nesisekelo esiqinile eqinisweni.

15 Ngaphezu kwakho konke, sithandazele isifundo seBhayibheli! (1 Joh. 3:22) Omunye wemivuzo emikhulu kumKristu ukusetshenziswa uJehova ukuba asize othile abe umfundi kaJesu Kristu. (IzE. 20:35; 1 Kor. 3:6-9; 1 Thes. 2:8) Manje isikhathi sokubonisa intshiseko enkulu emsebenzini wezifundo zeBhayibheli, sithembela ngokugcwele ekutheni uJehova uzoyibusisa ngokucebile imizamo yethu yokuqala izifundo ezengeziwe!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Ingabe uyakuthandazela ukuqala isifundo seBhayibheli esisha?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela