Ingabe Uyazenza Izimpindelo Zakho?
1 Yeka umbiko ovusa amadlingozi womsebenzi wenkuthalo okhishwe kuyiYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1989! Izigidi zabantu bezizwa izindaba ezinhle futhi izigidi zezincwadi ziye zahanjiselwa abantu abathakazelayo. Umbiko ubonisa ukuphaphamela isidingo sokubuyela lapho imbewu yeqiniso iye yatshalwa khona. (1 Kor. 3:6, 7) Kudingeka ukunakekela okwengeziwe. Ukuhlanganyela ngokugcwele kulomsebenzi kuye kwaletha injabulo enkulu kubantu bakaJehova, abaye benza ingqikithi yezimpindelo eziyizi-288 017 474 ngonyaka odlule.
NINI?
2 Lapho uthola abantu abathakazelayo, ingabe wenza izimpindelo ngaphambi kokuba isithakazelo sokuqala siphole? Ngokuvamile ukubuyela phakathi nezinsuku ezimbalwa kuletha imiphumela emihle. Gcina umbiko oqondile nophelele wazo zonke izincwadi ezihanjisiwe nesithakazelo ositholayo. Yibukeze njalo lemibiko ukuze uqikelele ukuthi zonke izimpindelo zakho zenziwa ngokushesha. Inkuthalo nokuphikelela kwakho kuyobusiswa uJehova futhi kuyobazuzisa kakhulu labo ababonise isithakazelo.
3 Kungani ungasebenzisi isikhathi esengeziwe wenza izimpindelo futhi uqalisa izifundo zeBhayibheli? Ingabe bakhona abantu abaye bathatha omagazini njalo futhi manje abangase bathande ukufunda? Omunye umzalwane wahambisa omagazini ababili kwenye indoda kodwa akazange enze impindelo, ecabanga ukuthi yayingenasithakazelo ngempela. Lendoda yabhalela ibandla lakuleyondawo incwadi, icela usizo olungokomoya. Amaphayona amaningi abika ukuthi izifundo ezinhle ziye zatholakala ngokulandelela abantu okushiywe kubo omagazini. Ingabe bakhona abantu abaye baba khona eSikhumbuzweni noma kweminye imihlangano ngezinye izikhathi abangase bathande ukufunda?
UKUQALISA ISIFUNDO
4 Incwadi Ungaphila Phakade iye yazibonakalisa iyithuluzi eliphumelelayo enkonzweni yethu. Nokho, ukuyihambisa kumane nje kuyisinyathelo sokuqala sokuqalisa isifundo. Ekuhambeleni kokuqala noma lapho wenza impindelo, buza: “Ingabe uke wacabanga ngokuphila phakade? [Linda impendulo.] Yiqiniso, abaningi ngeke bakuthande ukukubekezelela phakade ukuhlupheka, ubudlova, nendlala okuhlupha abantu abaningi kangaka kulesikhathi.” Lapho uphenya emakhasini 11-13, ungase ubuze: “Kodwa ake sithi ubungaphila phakade ngaphansi kwezimo ezinjengalezi. Ingabe lokho bekungeke kujabulise? [Linda impendulo.] Ukuphila phakade ngaphansi kwezimo ezinjalo eziphelele kudinga okuthile kithi. Phawula lokho okushiwo isigaba 19. [Funda.] Ake ngikubonise indlela lencwadi eklanyelwe ukukusiza ngayo ukuba ungenise ulwazi olunjalo.”
5 Abamemezeli bakhuthazwa ukuba bashiye amapheshana kubantu abangase bangasamukeli isipho sencwadi esivamile noma lapho kungekho-muntu khona ekhaya. Lamapheshana angasetshenziswa ngokuphumelelayo ezimpindelweni ukuze ubonise indlela yethu yokufundisa. Ipheshana ngalinye lixoxa ngamaphuzu amabili noma amathathu. Funda nomninikhaya isigaba esisodwa ngesikhathi. Uma kubuzwa umbuzo, yima futhi ucele umninikhaya ukuba awuphendule. Bheka futhi usebenzise imiBhalo ekhonjiwe.
6 Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi kuhle ukuhlela izikhathi ezimisiwe zokwenza izimpindelo, ukuhlakulela nokuqhuba izifundo. Ukuba nesikhathi esiqondile salomsebenzi kuyosisiza ukuba silandelele isithakazelo ngokushesha. Mhlawumbe isikhathi singabekelwa eceleni kusihlwa, ngempela-sonto, noma ngemva kokuqeda umsebenzi wethu wendlu ngendlu. Thola ukuthi isiphi isikhathi esihle ngawe nangensimu. Khona-ke, zama ukuhlanganyela njalo kulomsebenzi, ukuze wenze abafundi.—Math. 28:19, 20.